ABE-BMW Group South Africa, Anglo American Platinum neSasol South Africa Limited basayine isivumelwano sokuletha izimoto ezingama-hydrogen fuel cell electric vehicles (FCEVs) eNingizimu Afrika nokuthuthukisa ingqalasizinda yokwetha i-hydrogen.
Isivumelwano sisayinwe engqungqutheleni i-2023 Green Hydrogen Summit, eKapa kuleli sonto.
Ngokwaso, iBMW izoza nezimoto ezihamba nge-hydrogen, bese iSasol yona ize ne-green hydrogen nomshini wokwetha. I-Anglo American Platinum ekhiqiza okusetshenziswa ezimotweni ezihamba nge-hydrogen futhi esineminyaka ifaka imali ebuchwephesheni be-hydrogen, izosebenzisana neBMW neSasol ukuqhamuka nendlela yokusebenzisa i-hydrogen kwezokuthutha.
Lezi zinkampani zithi ezikwenzayo kuyigxathu elibalulekile ekusheshiseni ukwethulwa kwezimoto ezihamba nge-hydrogen nasekufakeni ingqalasizinda ezweni.
Zithe ukukhula kokusetshenziswa kwe-hydrogen kubalulekile ekunciphiseni isisi esingcolisa imvelo, ukuheha abatshalimali nokudala amathuba emisebenzi.
Igreen hydrogen yigesi eyakhiwa ngogesi ongayingcolisi imvelo ephehlwa wumoya noma yilanga.
U-Priscillah Mabelane, oyikhulu eSasol, uthe sebekhiqize i-hydrogen iminyaka engaphezu kuka-20 futhi bayayazi.
“Sikhiqize i-green hydrogen yethu yokuqala efemini yethu eseSasolburg ngoJuni futhi ngo-2024 sizokwandisa umthamo uma ifemu yethu ephehla ugesi (okhiqizwa) ngomoya ongamandla angu-69MW iqala ukusebenza e-Eastern Cape,” kusho uMabelane.
Isikhulu seBMW Group South Africa, uPeter van Binsbergen, sithe i-hydrogen inendima enkulu ezoyiklama njengoba kuzanywa ukuthi kongiwe imvelo.
Isikhulu se-Anglo American Platinum, uCraig Miller sithe izimoto ezihamba nge-hydrogen kuthatha isikhathi esincane ukuzetha futhi zihamba ibanga elide njengezihamba ngodizili nophethroli kodwa zibe zingasikhiphi isisi esingcolisa imvelo.
I-BMW izoletha izimoto ama-iX5 Hydrogen ukwenza ucwaningo ukuthi zihamba kanjani emphakathini.
Le moto eyethulwe ngoFebhuwari, isanda kuphothula ukuvivinywa e- United Arab Emirates ukubona ukuthi ihamba kanjani emazingeni okushisa akhipha umkhovu etsheni.
Iyaqhubeka nokuvivinywa e-Europe, Japan, Korea, China, United States of America naseMiddle East.
I-iX5 Hydrogen inamandla ahlangene angu-295kW futhi ikwazi ukuthwala i-hydrogen engu-6kg. Lokhu kuyenza ikwazi ukuhamba ibanga elingu-504km.
Isivumelwano siza ngemuva kokuthi iToyota South Africa Motors ikhombise okokuqala kuleli imoto, iMirai, ehamba nge-green hydrogen embuthwaneni iSmarter Mobility Summit obuseGoli emasontweni amabili adlule.
I-Toyota yasayina isivumelwano sokusebenza neSasol ne-Air Products ngo-2021 ukwenza ucwaningo ngazo kuleli.