IMOTO: LDV T60
IQALE ukudayisa izimoto zayo eNingizimu Afrika ngeveni iT60 inkampani yaseChina iLDV ememezele ukuthi iyangenisa kuleli ezinyangeni ezimbili ezedlule.
I-LDV yasungulwa e-United Kingdom ngo-1896 nokuthe ngo-2010 yathathwa ngokugcwele yinkampani yaseChina, iSAIC Motor Corporation Limited.
Iveni iT60 isiyadayisa kwamanye amazwe okubalwa kuwo i-Australia. Kuleli ihlukene ngezinhlobo ezintathu okuyi-Elite, Pro neMax.
Zonke izinhlobo zifika nama-airbag ngaphambili nasemaceleni ngaphakathi, disc brakes, Electronic Stability Control namabhreki e-ABS kwezokuphepha.
I-T60 Elite okuyiyona eyisingeniso ifika nenjini kadizili enamandla angu-120kW ne-torque engu-375kW. U-gearbox ukhetha koyi-6 speed auto. Kukhona eyi-4x4.
Ngaphakathi ine-touchscreen infotainment system engu-7 inch oxhuma kuyo iselula ivele khona.
I-T60 Pro yona ifika kuphela iyi-4x4. Ine-grille enkundlwana kanjalo nama-headlamps amakhulu anama-daytime running lights. Iphinde ibe namarimu angu-18 inch, chrome sports bar, izitebhisi, roof rails nesikhenke esinerabha.
Ngaphakathi i-screen se-infotainment singu-10.25 inch. Kuyona kuphinde kwengezwa ezokuphepha nezinsiza zomshayeli ezithe xaxa njengokuthi isho uma umshayeli esekhathele, iyasho uma iphuma emzileni. Iphinde ibe ne-diff lock ngemuva.
Injini namandla kuyafana nakwi-Elite.
Eyokugcina yi-T60 Max okukhona iMax Pro neMax Luxe.
Kuthiwa yiyona eyintandokazi kwamanye amazwe. Inenjini engu-2.0 litre bi-turbo enamandla angu-160kW ne-torque engu-500Nm. U-gearbox ukhetha koyi-6 speed manual okanye i-ZF eyi-8 speed.
Zonke zidonsa ngawo womane amasondo kodwa uyakwazi ukushintsha idonsa ngamabili futhi kune-diff lock.
Ngaphandle ine-grille enkulu, amaLED headlights, chrome sports bar, amaLED lights ngemuva kanjalo namarimu angu-19 inch.
Ngaphakathi kunezihlalo zezikhumba futhi ezangaphambili zihlelwa ngogesi futhi ziyafudumala, indawo yokushaja ngaphandle kwentambo, nokunye. Iphinde ibe namakhamera aveza wonke umzimba ngaphandle.
Intengo:
•T60 Elite 2WD manual — R480,000
•T60 Elite 2WD 6AT — R520,000
•T60 Elite 4WD M/T — R520,000
•T60 Elite 4WD 6AT — R560,000.00
•T60 Pro 4WD 6MT — R610,000
•T60 Pro 4WD 6AT – R640 000
•T60 MAX Pro 4WD 6MT – R670 000
•T60 MAX Pro DC 4WD 8AT — R710,000
•T60 MAX LUXE 4WD 6MT – R750 000
•T60 MAX LUXE 4WD 8AT — R790,000
Zonke zifika ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-200 000km.