BABALELWA ku-1.6 million abantu abaguliswa ukudla ukudla okungaphephile emhlabeni ngosuku.
Lokhu kushiwo yiNhlangano yezeMpilo eMhlabeni, iWorld Health Organisation (WHO), ixwayisa abantu ngokuthi kumele baqaphele ukuthi badla ukudla okuphephile.
Lo myalezo uhambisana nosuku olusetshenziselwa ukuxwayisa umphakathi ngezifo ezidalwa ukudla ukudla okungaphelile, iWorld Food Safety, olukusasa.
UDkt Maria Niera, weWHO, uthe zibalelwa ku-200 izifo ezidalwa ukudla ukudla okungaphephile, ezinye zazo ziyabulala.
Uthe phakathi kwezifo ezidalwa ukudla ukudla okungaphephile kubalwa ityphoid, icholera nelisteriosis.
"Lezi zifo ngokuvamile ziba nezimpawu ezifana nokukhishwa yisisu, ukuphalaza namajaqamba esiswini," kusho uDkt Neira.
Odokotela bathi esimeni esidlulele kuyenzeka ukudla okungaphephile kuholele ekutheni umuntu agcine esenemizwa ephazamisekile, abe nenkinga yokungasebenzi kwezinye izitho zomzimba, umdlavuza kanti kwesinye isikhathi angagcina ngokufa.
UDkt Antonina, we-African Population and Reseach Center, ucashunwe kweminye imithombo yezindaba, ethi kubalulekile ukuthi uma uzwa ezinye zalezi zimpawu zikuqinisa ngemuva kokudla noma ukuphuza okuthile, usheshe ubonane nabezempilo abazokuhlola, bathole umsuka wazo bese uyelashwa.
"Izingane ezineminyaka engaphansi kwemihlanu zisengozini kakhulu yezifo ezitholakala ngokudla. U-40% wabantu abaguliswa yizifo ezitholakala ngokudla kuba yizingane. Amasosha omzimba wengane asathuthuka, awakwazi ukulwa nezifo ngendlela efana neyomuntu omdala," kusho uDkt Mutoro.
Uqhube wathi emazweni antulayo nanomnotho ophakathi nendawo ukuvikeleka kwezingane ezifeni kuyancipha ngenxa yokungondleki, ukungahlanzeki nokungahanjiswa kwendle ngendlela efanele, okuhlanganisa ukuswela amanzi aphephile nezindlu zangasese. Uma izingane zigula, zivame ukungakuthandi ukudla. Lokhu kudala ukuthi zidle ukudla okungaphansi kokufanele. Ngaleso sikhathi zilahlekelwa izakhamzimba nemisoco ngenxa yokuhuda nokuphalaza. Lokhu kungaholela ekutheni ingane igcine inesifo sendlala okungaholela ekutheni igule kakhulu noma ife," kusho uDkt Mutoro.
UDkt Niera uthe ulwazi olugcinwe kwiWHO lukhombisa ukuthi izingane ezingaphansi kweminyaka emihlanu ezingu-340 emhlabeni zibulawa yizifo ezingagwemeka njalo ngosuku. Kulezo zifo kubalwa nezifo ezidalwa ukudla ukudla okungaphephile.
Okunye ukungaphephi kokudla kudalwa ukubakhona kwezinambuzane namagundane lapho kugcinwa khona ukudla.
Okunye kudalwa yizibulali zinambuzane ezisetshenziswa ngesikhathi kutshalwa.
Ezinye izinto ezibalwa ngabezimpilo njengezinomthelela ekutheni umuntu agcine edle ukudla okungaphephile ukungazigezi izandla ngaphambi kokudla, uma uphuma endlini encane, uma kade ufinya noma uthimula, ukusebenzisa izitsha ezingahlanzekile uma wenza ukudla nokungazigezi izithelo noma imifino ngaphambi kokuyidla.