ESONTWENI eledlulile ngihlaselwe yisihlobo sesinye seziguli zami ngendlela engahlelekile kodwa ebidinga ukwehla nokwemukela isimo njengoba sinjalo ngokushesha okukhulu. Abake babe esimweni esifanayo bayongivumela ukuthi kuyinselelo kangakanani ukuqhamuka komuntu nje ungazelele, azokwehlisa akwenyuse, ethandabuza umsebenzi wakho oqinisekile ngawo nowujulukele kanzima.
Miningi imicabango ekufikelayo, ekugcineni akukho okudlula inhlonipho, inhlonipho ngiphinde futhi inhlonipho uma usumcacisela.
Umsebenzi wokwelapha isifo sikashukela, ogulayo aphume emishanguzweni yawo ngiyawazi, ngisho ungangivusa ngilele, ngeke kwenze umehluko; ngiyovuka ngikulaphe uhambe uthokozile njengabo bonke esibasizile ngokubelapha kusukela uqala unyaka.
Siyazi ukuthi njengoba senza umsebenzi ongajwayelekile futhi osiza isizwe ngale ndlela ziningi izimbangi, baningi abamangala ngokubabaza okungajwayelekile futhi baningi kakhulu abanomona, abangasifiseli inqubekela phambili.
Sike sezwa kukhona nabathi sibakhiphelani abantu ebugqileni bukashukela, bona bazohamba beyosiceba? Ngiyavuma esikwenzayo akujwayelekile, ekugcineni ngumsebenzi okumele ngabe kade waqalwa ukwenziwa lona uma besilulandela uphenyo lwesayensi. Inselelo enkulu yithina basebenzi bezempilo esivilaphayo ukufunda. Iningi lethu ligcina ngolwazi elilufunde encwadini nayo eyayisindala, eyayithi isifo sikashukela kaselapheki, kumele udle imishanguzo unomphela. Selokhu sayibamba lapho!
Sesilwa nanoma iyiphi into eqhamukayo ezohluka kuloluya lwazi lwakudala, angiphathi uma izogqanyiswa ngumuntu omnyama, angithi? Hhayi kumele siyomceba enhlanganweni elawula ukusebenza kodokotela! Ngaleso sikhathi asiboni ukuthi sizembula izinqe, sivezela izwe ukuthi sikude kangakanani nokuthubeleza ngophenyo lwesayensi lwanamhlanje.
Okubuhlungu kulokhu kusalela emuva ngolwazi lwesayensi, sihambe sikhuluma kubantu abasethembayo bethi sinolwazi olwanele nabo basikholwe bengahlolisisanga esikushoyo. Ekugcineni sekwenziwe kwashiwo konke, ushukela i-Type II Diabetes, iyelapheka iphele! Iyelapheka uphume emishanguzweni yayo ngisho ngabe usuyawujovela.
Udinga izinsuku eziyisishiyagalombili ulalisiwe esibhedlela sethu, kwabanye bayelapheka emuva kwezinsuku ezinhlanu belalisiwe, inqobo nje uma uzosilalela usheshe ufike ekuguqulweni kokusebenza komzimba wakho.
Ngelinye ilanga ngangixoxa komunye umsakazo omkhulu kuleli lizwe lethu, ngichaza ngithi sikubonile ukulapheka komqondo ophundulekile ngenxa yokukhubazeka ebuchosheni kubantwana abancane nakubantu asebekhulile. Ngalelo langa ngenza isibonelo ngomfanyana owayeneminyaka engu-15, owayesehlonzwe njengomtwana okhubazekile waze wakhishwa esikoleni esijwayelekile wasiwa esikoleni okuthiwa siyisipesheli. Kwasithatha amaviki amabili kuphela ukubuyisela umqondo endaweni yawo. Namhlanje lo mfana wenza kahle esikoleni lesi ayesekhishwe kuso. Wenza kahle ngisho esifundweni sezibalo.
Ngathi sengizwa kwakukhuluma omunye kulowo msakazo owathi ungudokotela eqaphelisa umphakathi, ethi makuqashelwe “odokotela mbumbulu”. Le mikhonto iqhamuka nxa zonke, ihlaba iphindelela. Ekugcineni, maluqine ukhakhayi!
Ngeke ngiyeke ukusho ngithi abanye abasebenzi bezempilo bayavilapha ukuzinothisa ngolwazi lwesayensi lwanamhlanje, bavele bagcine kuloluya besesesikoleni. Umuntu azihlalele nje bese egcina ngokungcofa ulwazi olusha, angiphathi uma lungaveli ngomuntu webala. Umuntu uze akholwe uma kungumuntu webala, angithi?
Ake sibheke nje esifweni somfutho wegazi ongalawuleki ophezulu, angithi sasithi isikhathi esiningi isuke ingaziwa imbangela ngenkathi sifundiswa ezikoleni zobudokotela? Kungabe kusenjalo nanamhlanje? Luthini uphenyo lwamanje lwesayensi kulo munxa?
Labo abadla umhlanganiso babetheni ophanyweni lwabo okwaholela ekutheni bahlonishwe ngeNobel Prize ye-Physiology and Medicine ngo-1998?
Namhlanje ngikhuluma ngokuthi kuyimanje kunoshicilelo lwesayensi olukhuluma ngeNitric Oxide olangaphezu kwekhulu namashumi ayisikhombisa ezinkulungwane avulelwe kuwonkewonke ongawafunda. Uma besilulandela uphenyo lwesayensi ngabe asikhulumi sithi kunomfutho ophezulu wegazi esingawazi ubangwa yini?
Kumele sonke ngabe sikhuluma ngephimbo elilodwa, sithi izincwadi ezifundwayo zobudokotela mazishintshwe ezindaweni ezithile ngoba uphenyo lwamanje lonke lusikhomba kanjalo.
Lapha ngenxa yenani lamagama olunikezwe le ngosi ngiphoqeke ukuthi ngikhulume ngalezi zibonelo ezimbalwa okuyisifo sikashukela iType II Diabetes, isifo somfutho ophezulu wenhliziyo, nesifo somqondo ophundulekile.
Lokhu sikwenze kwayizibonelo zezifo ezelaphekayo ziphele, ogulayo aphume emishanguzweni yazo ebiyisimbelambela. Ziningi ezinye izifo engeke ngikwazi ukuzibala namhlanje. Sineziguli eziningi esezilashwe ushukela zaphuma emishanguzweni nasebugqileni bezifo ezihambisana nawo, kanjalo esifweni somfutho wenhliziyo ophezulu kanye nesifo esiphundula ukusebenza komqondo.
Siwenzile futhi siyaqhubeka siyawenza lo msebenzi ezigulini ezifikayo zicele usizo. Asiphoqe muntu, wena uma usafisa ukuqhubeka nemishanguzo yakho qhubeka nayo, esikujabulelayo ngukuqhubeka kodwa ulwazi usunalo oluthi lezi zifo ziyelapheka ziphele.
Isifo sikashukela kuthatha izinsuku eziyisishiyagalombili ukuselapha siphele, umfutho ophezulu wenhliziyo izinsuku ezinhlanu, umqondo ubuyela ekusebenzeni ngendlela yakhona ezinsukwini eziyishumi nane. Esikwenzayo silapha umsusa nembangela yazo, akusizi ukushanguza wehlise isivuvu sezimpawu kuphela isiphethu sesifo singasiphulwanga nezimpande zazo.
Abanye baye babuze ukuthi sisuke selaphani kulezi zinsuku esizishoyo esifweni sikashukela okanye seBP nezinye izifo? Yisiphi lesi siphethu esisuka sisisiphula?
Umsuka wesifo sikashukela ngamafutha asuke eqhoqhobele isibindi eyizinqwaba khona ngokuphindiwe. Elinye ikhanda esisuke silichoboza kulezi zifo ingaphakathi lemithambo eliphundulekile bese lehluleka ukukhiqiza amakhemikhali afanele isifo esisibiza ngokuthi yi-Endothelial Dysfunction. Isibindi esinamafutha iFatty Liver Disease sikhiqiza izifo eziyisishiyagalombili yonke imizuzwana uthanda ungathandi, uma nje ulokhu unalamafutha kuso isibindi.
Kwenye yezingosi kuleli phephandaba ngike ngazibala zonke. Izifo eziyisishiyagalombili ezinye zazo ezidala isifo sikashukela iType II Diabetes kusetshenziswana nosinyaka, i-pancreas. Uma sithi sikulapha ushukela sisuke sisemshikashikeni wokwelapha isibindi nesifo esisemithanjeni ngithe yi-Endothelial Dysfunction.
Yingakho sidinga eziyisishiyagalombili ukukwelapha ukuze uphume welapheke ngokuphelele, hhayi nje ukukwehlisela amanani kashukela egazini. Abanye siyaye sithole ukuthi ukulawula kahle kokungena kukashukela ngaphakathi ezakhiweni eziyisisekelo zomzimba kuphundulekile. Laba yilabo uyaye uthole ukuthi ushukela wakhe uma ukalwa awuzinzi, uba phezulu uphinde ube phansi okanye ube kahle nje.
Ngizama ukunikeza isimo lapho kunokuhlakanezeka okanye ukuhambela nxaye kwe GLUT4 Signalling. Ngeke siwageqe onke amagula. Ngiyethemba labo abahlale nemibuzo ethi sisuke selaphani ezinsukwini eziyisishiyagalombili okanye ezinhlanu, bayophinde bayithole incazelo.
“Yelapha isifo sikashukela, uphume ekuguleni nasemishanguzweni yaso - lesi makube yisipho sakho siKhakhisimusi nonyaka omusha u-2024!”
Mpilonde!