UMLOTHA emlonyeni, sasinda ezifweni nasekubulaweni izinso! Lesi kumele kube yisiqubulo sethu sonke thina esisafuna ukuphila isikhathi eside emhlabeni singenankinga yezinso, zonke izifo zihambela kude nathi.
Ukube ngangiwumholi wenhlangano yepolitiki, ukube benginamandla okubingelela emisakazweni nakwithelevishini ngabe ngiphoqa wonke umuntu ukuthi aphimisele la mazwi njalo uma eqala okanye ephetha usuku. Awucabange nje zonke izingane zethu ezikoleni sezinesiqubulo esinjenga lesi?
Zingancipha ngokuphindiwe izibalo zabanesifo sezinso. Izinga labanemifutho ephezulu lingehla ngokuphindiwe. Uthanda ungathandi, izinkinga zesifuba ziyoya ekushabalaleni. Zingancipha zigcine zishabalele izinhlungu zamadolo namajoyinti nje jikelele.
Awucabange nje sesingenazinkinga zamehlo. Nalabo abahlala bekhala ngezinyawo ezibuhlungu sekuyinto eyiphupho. Bangeke basale ngaphandle abahlushwa ngamakhanda angalapheki. Izinkinga zokuqumbelana sekuyiphupho langempela, ngoba ziyobe sezinciphe kakhulu izinkinga zasemathunjini jikelele.
Omunye uzothi mhlawumbe udokotela uyaphupha, cha akunjalo ngisezingqondweni, ngiphelele. Konke lokhu ngikusho ngoba ngiyazi ukuthi imbangela yezifo nezimo engizibalayo ziphenjwa wukulimala kokwakheka kwemithambo igcine seyingasakwazi ukuvuleka. Lokhu kudala ukuphunduleka kokukhiqizwa kwekhemikhali ebizwa ngokuthi yi-Nitrogen Oxide.
Ukhiye wekhemikhali eyigesi ekhiqizwa yimithambo yethu ukuze ikwazi imithambo ukuvuleka ngokwemvelo. Bafowethu nodadewethu yini esehlula ukuphendula ngeqiniso umbuzo othi esikhathi sakudala, singakazalwa, izifo zezinso zazikuphi? Yayingekho yini le mithambo nenhliziyo namhlanje enyusa ukufutha kwenhliziyo size sidle imishanguzo? I-Heart Attack (ukuhlaselwa kwenhliziyo ngenxa yokushoda kwegazi elinomoya onamandla) yayibayekeleni okhokho bethu?
Imidlavuza engaka yayikuphi? Isifuba somoya sona? Amakhanda asesihlakaza ubusuku nemini ayekuphi? Yini eyayenza okhokho bakwazi ukuguqa ngamadolo bagaye etsheni, baphume bayosebenza amasimu, bengakhali ngadolo eligwazayo nelinkenkethayo? Babengakhali yini noma bezwe ubuhlungu bezinyawo? Yini le esenze sahluka kangaka thina?
Impendulo ithi babehlanza umlomo namazinyo ngomlotha, ngamalahle, ngesikhonko nangesundu. Yini thina eyasishintsha kulokhu? Impucuzeko! Le mpuncuzeko eyenza singakwazi ukuzicabangela, sihlale silinde kuze kusho abebala bathi, “Yekani-ke manje seningakwenza lokhu”. Nanoma kuzicacela ukuthi siyabhubha, sikhetha ukuvala amehlo. Impucuzeko ize nezifo, sifa ubuthaphuthaphu.
Ukubuyela emuva siyoxubha ngomlotha sikubona kuwukuzehlisa, engathi senza okungeyikho ngoba silinde kube abaseMelika abamhlophe abasitshelayo ukuthi masishintshe le nhlanganisela yokuxubha ngoba iyasibulala. Uma kusasho umuntu omnyama njengathi akukabi yikho. Angithi?
Babengawusebenzisi ushukela kangaka ngezikhathi zabo, thina konke esikudlayo kunoshukela. Ngisho umuntu esetsheliwe kwathiwa umzimba wakho uyehluleka ukulawula ushukela, wena sekumele ushanguze ngezinto zikashukela. Hhayi thina siyaqhubeka sidle zonke izinto ezinyusa ushukela; kungaba yiziphuzo ezihlohlozayo, ama-pizza, izinkwa, ama-roll, ama-chips, irayisi emhlophe, olamthuthu. Siqoba siyavungula ngoba asinandaba?
Ngicela ukuxoxa nansi indatshana eyenzeke kimi uqobo njengoba kade sine-Covid 19, abantu bakithi beshona kakhulu. Abasakhumbula ngabhala kakhulu nami ngiphonsa esivivaneni ngezizathu ezazenza usibhuqabhuqe umkhuhlane, ngangibhala ngesiZulu njengoba ngenza nje.
Omunye umlingani wami ongudokotela naye owayesanda kuqeda esikoleni, owayengumlungu, wayesebenza eMseleni esibhedlela; wabhala into eyayifana ncamashi nalena engangiyibhale ngesiZulu, yena wayichaza ngesilungu.
Senginqamlela nje, kuthi sikomunye umhlangano omunye engingeke ngimgagule ngegama umholi omkhulu impela nje, waphimisela echaza ukuthi yena le nto uze wayizwa kahle njengoba kade ibhalwe yilo dokotela omhlophe. Ngithi ngakhubeka ngaze ngakhala zehla mi izinyembezi! Umholi phambi kwami uncoma lo mlingani wami ngoba engumlungu, ngento ekade ngiyichaze ncamashi ngesiZulu sakithi kodwa umholi uthi uyizwe wayiqonda ngoba isivela kumlungu, obhale ngesiNgisi! Hheyi ngithi namanje ngeke ngisilibale lesi sahluko.
Ozakwethu, ngiyacabanga lokhu kuyenzeka nakweminye imikhakha. Umuntu wakithi omnyama kulula ukukholwa kakhulu alandele into eshiwo owebala, ngisho ngabe ukuphi ngokwamava nangokufunda, lokho kuyenzeka kubonakale kamuva. Uma ungena nje usibuka bese kuthiwa kuwe hamba uyokhuluma nodokotela kukhona owebala, amathuba maningi azothi yiya kulona webala. Baningi abantu bakithi asebahlinzwa ngapha nangapha singekho isidingo kodwa kwasho owebala elithile, bavumela phezulu.
Ake sibuyele nje ngesikhathi se-Covid-19, sonke sasazi kamhlophe ukuthi alukho ucwaningo lwesayensi olwalwenziwe, akekho owayenesiqiniseko sezimpawu zayo. Abantu babegula phambi kwethu kodwa kwakuze kukhulunywe ngophawu olubonakalayo lweCovid uma selushiwo abaseMelika, bese uzwa iziphathimandla sezikhuluma ngazo ezweni lethu. Awazi indlela eyayingihlukumeza ngayo le nto?
Yini eyayenza singazithatheli izinqumo ngeziguli zethu? Yini salinda kwaze kwaba yiMelika ekhuluma nge-acid okuthiwa yi-Uric Acid kuyi-Covid ngaphambi kokukhuluma ngayo? Yini eyenza kuze kube yiMelika ekhuluma ngokuthi kuyenzeka umuntu one-Covid aguliswe umuminzo, asingabheki amaphaphu nje kuphela? Omunye uyothi udokotela ukhuluma kanje ngoba elwa kanti cha akunjalo. Yingoba umlando uyasitshela ukuthi ukulandela elinye izwe kusidukisile kumanje sibulawa yizifo.
Sibulawa ushukela ngenxa yokudukiswa, namhlanje abantu bakithi babulawa amakhemikhali okuxubha ngenxa yokulandela okushiwo nokwenziwa ngelinye izwe. Namuhla sinezinso ezingasebenzi, amakhanda angapheli, sigula ngokomqondo, siyafa ubuthaphuthaphu.
Ucwaningo lukhombise alwananaza, lwathi amakhemikhali asenhlanganiseleni yalokhu esixubha ngakho kuyasibulala, kodwa abantu bakithi bakuphakamisela amehlo uma uthi asibuyele emlotheni, yiyona ndlela engasibangeli izifo. Ake sibuyele emuva, lokhu kuyosisiza ekwehliseni isisindo sezifo esizweni.
Mpilonde!