SELOKHU saqala kule ngosi kuyangicacela uma ngithola izimpendulo zabafundi ukuthi ulwazi oluphundulekile lusho ukufa, hhayi nje komuntu oyedwa kodwa kwesizwe sonkana.
Ziningi izinto ezikhona oyaye uthi uma uzibuka ufikelwe ubuhlungu ngenxa yokufunzwa ulwazi olumbaxa, kokunye okwakwenziwa ngoba kwenzelela izimo ezithile ezivuna isimo esithile.
Awuthathe nasi isimo nawe ongahamba uyoziqinisekisela manje. NgoMashi 4, 2015, inhlangano elawula ezempilo emhlabeni jikelele yabiza ongqongqoshe bezempilo emhlabeni wonke, yakhipha umyalelo owawuthi emazweni abo abayalele ukwehliswa kokudliwa kukashukela, okungenani kufike emathisipunini ayisithupha ngosuku. Lokhu kwakungenxa yezifo ezibangwa zibhebhethekiswe ushukela. Ulwazi lolu olwaluvela ocwaningeni olunzulu.
Ulwazi lolu okwakumele abaholi bethu basazise ngalo baphinde bathathe izinyathelo ezibonakalayo ukushintsha isimo. Awubuke nje ukuthi ikani leCoca Cola linamathisipuni ayishumi lilodwa, kanti ibhodlela elingamalitha amabili aso lesi sihlohlozi sonemonayidi linamathisipuni angamashumi amane nane (44 teaspoons of sugar).
Usakhumbulau kuthi kwenzekani uma sebebuya kulo mhlangano? Kukhona owake wakhuluma ngalokhu kubaholi? Kukhona okwenzekayo kuleli lizwe lethu kusukela lapho? Ngubani owayengungqongqoshe wezempilo ngalowo nyaka? Izimpendulo ngizishiya kuwe!
Izwe lethu liwumphuphe ekuthatheni izinqumo ezinjengalezi. Kunamazwe aseYurophu lapho ukukhangisa ngezinto okanye ukudla okunoshukela kungasavunyiwe ngenxa yobungozi ezinganeni nabadala. Yini evimba ukuthi kungenzeki into enjalo eNingizimu Afrika? Angikhumbuli ngibona abamaphephandaba belulandela lolu daba ezikhulwini zezwe.
Ulwazi esinalo ilolo oluvunywe yilabo abaphethe imali, uma benqaba ukuthi sitshelwe okuthile siyisizwe, ngeke sitshelwe! Baphethe imali, wena uza nani? Okwakho ukudla ushevu ophambi kwakho, sifike isikhathi ubuyele koyihlomkhulu.
Esikudingayo ulwazi, ulwazi, ulwazi!
Kulesi sibonelo siyabona ukuthi sancishwa ulwazi ukuze isimo sempilo siqhubeke sisihlukumeze, siqhubeke sidle imithi esaziyo ayisisizi ngalutho. Kunalokho le mishanguzo iyaba ngushevu kithi ngaphezulu idlule nempilo yethu.
Ake sibuke nalu olunye ulwazi oluzwakala luluhle kumnandi kanti siyaduka isibili. Iziguli zakithi uma zikhala ngobuhlungu ngenhla kwenkaba ikakhulukazi zitshelwa ukuthi zine esidi eningi egcwele umzimba wonke. Abanye bezwa ubumuncu emlonyeni, ukukhathala, inkwantshu emzimbeni nokunye. Iziguli lapha zitshelwa ukuthi zine esidi eningi esiswini yingakho zizwa le esidi.
Ukukwelapha zinikezwa imishanguzo elwa nokuphuma kwale esidi. Uyabona lapha usudukiswe waphela, usuzokwelashwa ukukhiqizwa kwe-esidi ekubeni inkinga kuwukuputshuka kwale esidi emnyango, hhayi esakhiweni. Wena ogulayo uzazi njengomuntu onenqwaba ye-esidi, uze uhambe uchazela abantu ukuthi une-esidi iningi esiswini. Kanti akunjalo, inkinga yakho uxegelwa isivalo esigcina le esidi ingaphakathi. Uma sesimbobombobo le esidi iyaziputshukela, hhayi ngoba iningi. Ulwazi olunje luwushevu nolubulalayo ngoba luphundulwe lwahlanekezelwa, ekugcineni umuntu othola imivimbo nokufa uqobo nguwena siguli.
Ziningi izibonelo esingakhuluma ngazo ezifana nalezi lapha kwezempilo. Yingakho ngiyaye ngithi kwesinye isikhathi yazi ukuthi uzimele wedwa, musa ukuthatha impilo yakho uyenze ilawulwe ngomunye umuntu, ngisho ngabe ungudokotela, nabo bangabantu bayawenza amaphutha futhi hhayi nje amancane, amakhulu.
Namhlanje akesiphonse amehlo sibheke izinto esingazenza ukuze siphile kahle, impilo enempilo yangempela.
Asidleni ukudla okuyikho, hhayi okuzosishisa ngaphakathi kube ubuhanguhangu. Nazi izibonelo zokudla okusibulalayo;
ICanola oil, Sunfoil, Sunflower oil, lapha asisebenzise iCoconut oil uma sipheka. Inempilo ayishintshi ibe ushevu kalula. I-Olive oil inhle uma uyisebenzisa ingashiswanga ngoba wayishisa nje isiwushevu.
Okunye okusishiya nokugula ngaphakathi izinkwa, imayonethi, olamthuthu, zonke izidlo ezinofulawa, u-ice cream, ama-chips angofohlofohlo nalawo angamazambane.
Ukudla sikukhetha kanje;
1. Yiba nokudla okuphephile okunamaprotheyini njengenyama yenkukhu yasekhaya nenyama yenkomo yasekhaya edla utshani, hhayi ejovwayo.
2. Ukudla okune-Probiotics njengamasi ozivuthisele wena ngokuthenga ubisi i-full cream fresh milk wayifaka eguleni loselwa, hhayi esipakupakwini, lavuthiswa yimvelo. Amasi anempilo akuwona lawa esiwathenga ezitolo.
3. Thola inqwaba yakho yokudla okune fayibha(fibre) isibonelo o-broccoli, blue berries njalonjalo.
4. Ukudla okunama anti-oxidants lokhu yilokho okuzokuhlanzela umzimba kuphume okungadingeki. Sikhuluma lapha ngo-green pepper, yellow pepper, carrots, spinach, ngeke ngikuqede.
5. Ukudla okunama Omega 3 Fatty acids njengofishi Salmon, Sardine neTuna fish.
Uma udla ngokuhlanganisa, uthathe lapha nalaphayana upheke, uzohlala uphilile.
Asinyakazise umzimba senze ama steps angu-1 000 ngosuku. Lokhu kuchaza okungathi uwela irobhothi ihora nohhafu
Phuma uye elangeni lasekuseni, lokhu kukhaya kuvula imithambo yomzimba. Hlala khona imizuzu engamashumi amathathu.
Yilwa wehlukane nokhuvethe lomqondo. Ucwaningo luthi umuntu oba nesikhathi sokuthandaza kungaba uJehova, idlozi lakho, noma ngabe yini okukhonzayo.
Olunye luveza ukuthi umuntu opha abanye abantu uhlala enengcindezi ephansi.
Singakhuluma lize lishone kodwa okubalulekile ukuthi sibe nolwazi ukuze siphile kahle.
Mpilonde!