UMA kuqala unyaka abantu bajwayele ukuzibophezela kabusha ezintweni abazenzayo okungaba wukujwayela ukudla okunomsoco okanye ukuzivocavoca ukuze bahlale bephilile nokunye.
Nokho ongoti bezempilo baxwayisa ngokuthi ukuba nezinhlelo eziningi kakhulu kungakufakela ingcindezi engenza ukuthi uphelelwe wumdlandla wokuzivocavoca, uyeke ungasakufezanga obuzihlelele ukukwenza ngempilo yakho.
Abesikhungo sezempilo esizimele i-Affinity Health, bathe ukuze izinto zakho zingabi nzima, kumele uqale kancane, kancane uze ufike ezingeni lozifisela kona ngezempilo. Bacebisa ngokuthi esikhundleni sokuzibekela imigomo eminingi, qala ngemigomo yokuncane okuzokusiza uphile isikhathi eside futhi ungaphoxeki.
Nazi ezinye izindlela zongakwenza ukuze ube nempilo:
1. Qala ngokuhamba nje egcekeni nasendaweni okuyona
– Ukuqala ngokuzijwayeza ukuhamba, kungaba segcekeni kini noma kwakho, okanye endaweni okuyona kungaba yindlela elula yokukunika amandla nempilo.
2. Gxila ekudleni ukudla okunempilo
– Ukugxila ekudleni okunempilo njengezithelo nemifino kungasiza kakhulu ukunika umzimba wakho amandla owadingayo, kwenze uhlale unempilo.
3. Lala ngokwanele
– Ukuba nesikhathi esanele sokulala kuwukhiye wokubuyisa amandla emzimbeni futhi kwenze uzizwe uphilile. Ngakho zijwayeze ukulala kungakabi sebusuku kakhulu ukuze uvuke ukulungele ukuqala usuku lwakho ngendlela enempilo.
4. Phuza amanzi kakhulu
– Ukuphuza amanzi kakhulu usuku lonke kusemqoka kakhulu empilweni yomuntu futhi kuyakhuthazwa ngoba kungenye yezindlela ezilula zokuzigcina uphilile. Amanzi asiza nangokuthi enza isikhumba somuntu sibe nempilo. Asiza ngokuthi ukudla kugayeke kahle. Agcina ukushisa nokubanda komzimba kusesilinganisweni esifanele bese kukhulula namathambo emzimbeni. Kanti ukungaphuzi amanzi ngokwanele kungenza ukuthi umuntu ahlale ekhathele, aphathwe yikhanda njalo futhi kube nzima kuyena ukugxilisa umqondo wakhe emsebenzini noma entweni asuke eyenza.
5. Zibekele imigomo yofuna ukukwenza nokukufeza
– Ukuze ukwazi ukufeza izinto ezinkulu, kumele uqale ngokwenza futhi ufeze okuncane, kuye ngokuya kugcine kufike kokukhulu. Ukwenza kanjalo kusiza ngokuthi kukugcina ukhuthazekile futhi unohlelo olulandelekayo.
6. Zihlole ukuthi usukuphi nohambo lwakho
– Ukubheka ukuthi usuhambe ibanga elingakanani kobuzibekele kona kuyakusiza ukugxilisa umqondo wakho kokwenzayo. Akhona amathuluzi angakusiza kulokhu njenge-fitness app, noma ube nebhuku obhala kulona izinhlelo zakho, bese uzisiza ngokujabulela konke okuncane okwenzile nokufezile ukuze ubone lapho osasalele emuva khona.
7. Ukwesekwa kungakusiza
– Ukuba nabantu abakwesekayo bomndeni noma abangani bakho kungenza omkhulu umehluko wokuthi ufeze izinto ozihlelele zona kwezempilo.
8. Ungajahi, yehlisa umoya
– Ukufeza izinto ozibekele zona ngezempilo kufana nomjaho webanga elide, akufezeki ngokushesha ngakho ukungajahi izinto nokubeka umoya wakho phansi kungenza ukuthi uluthokozele uhambo lwakho lwezempilo.