ISIFO samathambo kasidalwa ukusebenzisa kakhulu amanzi njengoba abantu abaningi becabanga.
Lokhu kushiwo udokotela osebenza emtholampilo iHlengisizwe eHammarsdale, uDkt Sandisiwe Radebe-Langa, ngesikhathi ekhuluma ohlelweni lomnyango lokwazisa nokufundisa umphakathi ngezinto ezehlukene, iKZN HealthChat, ebiKwaNyuswa, ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni uhlelo lokuthi umnyango wezempilo uhambele imicimbi yengoma ukuze uhlole amadoda.
UDkt Radebe-Langa uthe abantu abaningi bacabanga ukuthi isifo samathambo sidalwa ukusebenzisa amanzi ikakhulukazi kwabesifazane. Kanti ukusebenzisa amanzi kuyasithunuka kuphela isiguli esisuke sivele sinalesi sifo.
"Uthunukala ngoba usuke uvele usunaso isifo samathambo, uma ungenaso akwenzeki lutho," kusho uDkt Radebe-Langa.
Uthe isifo samathambo sehlukene kabili. Kukhona esihambisana nobudala nesidalwa ukuthi amasosha akho omzimba ashintshe adle okuthile okusemzimbeni.
Isifo samathambo esijwayelekile i-arthritis siwukuvuvukala kwamathambo noma amalunga angaphezu kwelilodwa. Izimpawu ezisemqoka ubuhlungu bamalunga nokuqina, okuvame ukuya ngokuya kuba kukhulu ngokuhamba kweminyaka.
I-Rheumatoid arthritis, uthe iyisifo esingapheli sokuvuvukala esithinta amalunga. Kwabanye abantu, lesi simo singakhinyabeza izindlela zokusebenza komzimba, okuhlanganisa isikhumba, amehlo, amaphaphu, inhliziyo nemithambo yegazi.
Uthe ngokuvamile isifo samathambo sisuke sesingakuhlasela uma uneminyaka engu-40 kuya phezulu kodwa kuyenzeka sikuqale iminyaka yakho isengaphansi kwalokho.
"Amathambo avamise ukuba buhlungu noma avuvukale kuqala kuba amathambo amade noma amakhulu okungamadolo, inyonga, izingalo kuye ngokuya kube izandla, amaqakala namanye amalunga omzimba," echaza.
Uthe isifo samathambo siyalawuleka, okubalulekile ukuthi usheshe usukume uma kukhona okuzwayo okufana nokuthi kube nokuqhuma kwamathambo uma usukuma.
"Abanye abantu abazi ukuthi ukuhlala uqhumisa amathambo ezandla kuyingozi. Ngesikhathi kuqhuma uqwanga luyathintana okwenza ukuthi luncipha kuze kushayisane amathambo. Uma sisephansi isifo samathambo, amathambo athile enzimbeni wakho ayaziqhumela uma usukuma noma uhlala phansi. Kusuke sekusho ukuthi kumele ube nendlela yokulawula isimo, ungalindi uze uvuvukale noma ube nezinye izinkinga ezihambisana nalesi sifo,“ kusho yena.