UKUNGAZIGEZI izandla kuholela ekusabalaleni kwamagciwane adala izifo ezihlasela izingane ezincane.
U-Dkt Nellie Naranjee wophiko olufundisa ubuhlengikazi eNyuvesi iDurban University of Technology (DUT), uthe ukuqubuka kwezifo eziningi, uzagiga, isimungumungwane, ukuvuvukala komphimbo okuhambisana nokushisa iDiphtheria ezinganeni kwesinye isikhathi kudalwa wukuthi izingane ezincane azizigezi izandla.
Ngenxa yokubona lokhu lolu phiko luqale uhlelo lokuthi lufundise izingane ezisezikoleni zamabanga aphansi ngokubaluleka kokugeza izandla, oluluqale ngo-Agasti.
"Izingane zisengozini enkulu yezifo ezihlobene nokuntuleka kwamanzi ahlanzekile, ukuhanjiswa kwendle nokuhlanzeka. Ukufundisa indlela efanele yenhlanzeko kuyisinyathelo esibalulekile ekwehliseni ukugula nokusabalala kwezifo eziningi.
Ukugeza izandla ngendlela efanele kunganciphisa amathuba okuthola amagciwane, kunciphisa namathuba okugula," kusho uDkt Naranjee.
Izitshudeni ezenza izifundo zobuhlengikazi kule nyuvesi okuyizona eziqhuba lolu hlelo, zenze izifundo zokunqanda ukusabalala kwamagciwane, i-Infection Prevention and Control Certificate ukuze zikwazi ukufundisa ngenhlanzeko abafundi basezikoleni zasemabangeni aphansi.
U-Dkt Naranjee uqhube wathi amasosha omzimba ezingane asuke engakaqini ngokwenele futhi nazo izingane ziyathanda ukusebenzisa izandla zithinta izinto ezithile, zibuye zifake lezo zandla emlonyeni.
"Kuyenzeka ukuthi izandla ezisuke sezithinte izinto ezinamagciwane zizifake emlonyeni noma zithinte izingxenye zomzimba bese lawo magciwane engena emzimbeni.
Ingane igcine iguliswa yisifo ebesingavikeleka ukube beyifundisiwe ukuthi kayigeze izandla njalo," kusho uDkt Naranjee.
Usho kanjena nje ngeSonto bekuwusuku lokugqugquzela ukuthi abantu bageze izandla, iWorld Handwashing Day, olugujwa minyaka yonke ngo-Okthoba 15, kusukela ngo-2008.
U-Nkk Claire Bowen wenkampani ekhiqiza izinto zokugcoba nensipho iShower to Shower, uthe ukuze ube nesiqiniseko sokuthi izandla zigezeke kahle kumele uzigeze imizuzwana engu-20.
" Ukuze ube nesiqiniseko sokuthi uthathe isikhathi esanele ngesikhathi ugeza izandla, ungacula ingoma yosuku lokuzalwa uyiphinde kabili. Ngesikhathi uzigeza izandla khipha udoti ezinzisheni naphakathi kweminwe," kugcizelela uNkk Bowen.
Uqhube wathi kumele uqiniseke ukuthi ugcoba insipho ezandleni, uyihlikihle kahle ngaphambi kokuthi uyihlambulule ngamanzi.
"Amagciwane angacasha ezindaweni ezingalindelekile. Qinisekisa ukuthi kawugezi intende yezandla kuphela, geza iminwe namalungu akho.
Amalungu avame ukunganakwa, kanti nawo ayawathwala amagciwane. Khuhla ngaphansi kwezinzipho zakho ngebhulashi lezinzipho noma usebenzisa iminwe yakho. Nakuba amanzi abandayo nawo ewenza umsebenzi kodwa amanzi afudumele asusa amafutha namagciwane kalula.
Bese wesula izandla zakho ngethawula noma uzomise ngomshini wokomisa izandla okhipha umoya,“ kugcizela uNkk Bowen.