UCWANINGO lwakamuva luveza ukuthi ukushintsha kwesimo sezulu kuhambisana nokunyuka kwezinkinga zezifo zengqondo, kwazise abantu bachitha isikhathi esiningi bezivalele.
UNkk Sandy Lewis, ofundisa ngezifo zengqondo eNetcare, uveze ukuthi abacwaningi bathi uma kushintsha inkathi yonyaka nezingqondo ziyashintsha indlela ezisebenza ngayo.
“Ebusika ilanga liphuma amahora ambalwa, bese labo abanezifo zengqondo bezithola bengahlalisekile (kahle) uma ilanga selishonile. Njalo uma kushintsha inkathi yonyaka abanezifo zengqondo bashintsha indlela ababhekana ngayo nempilo,” kusho uNkk Lewis.
Uthe kubalulekile ukuthi abantu bangakuthathi kancane ukungazizwa kahle uma kushintsha inkathi yonyaka ngoba kwesinye isikhathi kungasho ukuthi badinga usizo lodokotela.
Uveze ukuthi kubalulekile ukuthi abanezifo zengqondo bazinakekele kakhulu uma kushintsha inkathi yonyaka, bangazitsheli nje ukuthi bakhathazwe wukungena kobusika ngoba ingqondo yabo isuke ibatshela ukuthi mabashintshe okuthile.
Ubalule ukuthi abanezifo zengqondo bakhathala kalula uma sekufanele bashintshe indlela abaphila ngayo ngenxa yokuthi kusebusika.
Wenze isibonelo sokuthi ebusika abantu abasitholi isikhathi esanele sokuzivocavoca ngenxa yokuthi kuyashesha ukuhlwa.
Lokhu kuba yinkinga kumuntu ojwayele ukuzivocavoca ukuze angacabangi kakhulu ngezinto ezithile noma ozivocavoca ukuze ingqondo yakhe ihlale iphapheme.
Kwabanye ukuhlwa kusho ukuthi kufanele basheshe babuyele emakhaya bayohlala bodwa njengoba abangani noma labo abasebenza nabo basuke sebebuyele emakhaya.
Ugqugquzele abantu ukuthi bazazi izimo zabo sengqondo futhi bakhulume uma bezizwa bephatheke kabi ngaso sonke isikhathi.
Lokhu uthe kuzobasiza ukuthi bafune usizo olufanele kungakahambi isikhathi.
Labo abasabayo ukukhuluma nabangani noma abasaba ukuhlulelwa ngabaseduze kwabo bangashayela iSouth African Depression and Anxiety Group (Sadag) ku-0800 205 026. Iyatholakala nakwiWhatsapp ethi 087 163 20 30.