UCWANINGO ludalula ukuthi sinciphile isibalo sabantu abahaqwe yisandulela ngculazi kuleli.
Udalulwe izolo umbiko wocwaningo iSouth African National HIV Prevalence, Incidence, and Behaviour survey VI (SABSSM VI), olwenziwe yisikhungo esenza ucwaningo olwehlukene, iHuman Science Research Council (HSRC).
Imiphumela yocwaningo isuselwe olwazini olutholakale phakathi kukaJanuwari 2022, no-Ephreli nonyaka, kanti ephelele ilindeleke ukuthi idalulwe ngonyaka ozayo.
Ngolwesithupha lolu cwaningo lweSABSSM VI, olwenziwe kuleli kanti belubheka indlela abantu abaziphatha ngayo nokuthi inamthelelela muni ekusabalaleni kweHIV, ukwelashwa kwayo, nokunqandwa kwayo.
USolwazi Khangelani Zuma, wesikhungo iHSRC, obethula imiphumela yocwaningo izolo, uthe isibalo sabahaqwe yigciwane uma siqhathaniswa nocwaningo lwango-2017, sehlele ku-12.7% (7.8 million) sisuka ku-14.0% (7.9 million).
"Lokhu kudalwa yizizathu eziningi okungaba ukuthi ukwehla kwesibalo sabahaqwa yigciwane, ukwehla kwesibalo sezingane ezizalwa zinaleli gciwane, ukushona kwabanegciwane bebulawa yilo, ukushona kwabanaleli gciwane ngenxa yokuthi sebebadala bengabulawa yilona kepha ngezinye izifo ezihambisana nokuthi sebebedala," kuchaza uSolwazi Zuma.
Uqhube wathi ucwaningo luka-2022 lukhombisa ukuthi iNingizimu Afrika, inenqubekela phambili enkulu mayelana namasu okulwa negciwane, aziwa nge-95-95-95.
Inhloso yohlelo wukuthi ngo-2025, u-95% wabantu abaneHIV babe sebezazi ngesimo sabo seHIV, u-95% wabasaziyo isimo sabo, bathole ukwelashwa ngemishanguzo yokudambisa igciwane ama-ARV, u-95% wabadla imishanguzo yokwelapha kumele emzimbeni yabo libe selicindezelekile igciwane futhi lingasabonakali.
Umbiko wocwaningo uveza ukuthi abantu abaneminyaka engu-15 kuyangaphezulu abaphila neHIV eNingizimu Afrika ngo-2022, u-90% wabo ubususazi isimo sabo seHIV, u-91% wabasaziyo isimo sabo seHIV bese bedla imishanguzo, u-94% wabadla imishanguzo kutholakala ukuthi isicindezelekile iHIV egazini labo.
"Lokhu kuwukuthuthuka uma kuqhathaniswa nokwatholwa ucwaningo luka-2017, lapho i-UNAIDS yayihlose ukuthola u90-90-90 kodwa iNingizimu Afrika, yafinyelela ku-85% -71% -87%. Ushintsho olukhulu ludalwe ukushintshwa kwemigomo ngo-2016, yathi umuntu otholakale ukuthi uneHIV akaqale imishanguzo kungakhathalekile ukuthi iCD4 Count yakhe ingakanani kanti phambilini abanegciwane bebeqala ukudla imishanguzo uma iCD4 Count yabo ingu-500," kuchaza uZuma.
Ngokwalolu cwaningo abesifazane abathe ukukhula bayidla kangcono imishanguzo uma beqhathaniswa namadoda, njengoba u-83 % wabesifazane usunegciwane elicindezelekile kanti wu-79% wamadoda adla imishanguzo anegciwane elicindezelekile kuwo. Liphansi izinga kwabesifazane abasebancane (15-24) ngoba u70% wabadla imishanguzo, unegciwane elicindezelekile emizimbeni yabo.
Okunye okuvezwe wucwaningo ukuthi uhhafu wabesilisa abaneminyaka ewu-15 kuya ku-24 basokile, ngo-2017 kwakungu-43% wabanale minyaka ababesokile.
Okunye wukuthi izifundazwe okuyiKwaZulu-Natal, yiMpumalanga, neFree State, zisahamba phambili ngokuba nabantu abaningi abanegciwane futhi kwehlile ukusetshenziswa kwamakhondomu.
UDkt Thembi Xulu, womkhandlu obhekele ezengculazi kuleli, uthe kuyajabulisa ukuthi ikhona inqubekela phambi kodwa lokho akusho ukuthi impi isinqotshiwe.
"Kuyakhathaza ukuthi abantu abasha abadla imishanguzo, kalicindezekile kubona igciwane, amakhondomu nawo abawasebenzisi kakhulu,“ kukhononda uDkt Xulu.
Inhloko yoMnyango wezeMpilo kuleli, uDkt Sandile Buthelezi, ithe bayawemukela umbiko futhi basazowufunda kahle bese bephendula ngokuthi balungise imigomo ethile elawula ukwelashwa kwegciwane kuleli.