Uphiko olubheka izifo eziqubuka ezweni, iNational Institute for Communicable Diseases (NICD) luthi amaphaphu phansi kubantu bakuleli emuva kokuqubuka kohlobo olusha lwe-coronavirus.
Uhlobo olusha lubizwa nge-JN.1 kanti kuthiwa ludla lubi e-United States nase-Europe.
UDkt Sibongile Walaza we-NICD uthe iSARS-CoV-2 (Covid-19) isekhona kuleli futhi balindele ukuthi ziqhubeke nokuba khona izinhlobo ezintsha.
“Okwamanje imininingwane esinayo ayivezi ukuthi kufanele sithuke nge-JN.1. Besingakatholi imibiko eveza ukuthi abantu bangeniswa kakhulu ezibhedlela noma bayashona ngenxa yalolu hlobo olusha. Abantu bakuleli basavikelekile ngoba asiboni ukuthi basengcupheni kulolu hlobo olusha,” kusho uDkt Walaza.
Uthe abadala nalabo abanamasosha omzimba angasebenzi kahle kufanele baphuthume bayogoma ngomjovo wokuzivikela (booster).
Ubalule ukuthi izimpawu zeJN.1 zizofana nezomkhuhlane ongekho nzima.
Ucele abantu ukuthi baqhubeke nenhlanzeko, abale ukuyo ukugeza izandla, ukuzivala uma bethimula noma bekhwehlela nokuhlalela kude kubantu uma ugula.
Uthe izimpawu ze-coronavirus entsha zizohluka kumuntu nomuntu ngenxa yesimo sakhe sempilo nokuthi amasosha akhe omzimba anjani.
Uthe okwamanje iJN.1 igcwele kakhulu eGauteng naseWestern Cape.