LUSELUDE ukhalo mayelana nokutholakala kwekhambi lokwelapha iHIV noma umgomo ovikela leli gciwane kodwa inganqotshwa ngokusebenzisa imishanguzo eyicindezelayo egazini.
Abezempilo bathi nakuba ikhona inqubekela phambili ekwelashweni kwaleli gciwane kusetshenziwa imishanguzo eyilicindezelayo kodwa kusenzima ukusho ukuthi ikhambi lokwelashwa lingatholakala nini ngoba okwamanje ososayensi abakaqhamuki nalo.
Umqondisi wenhlangano yezempilo emhlabeni, iWorld Health Organisation (WHO), uDkt Tedros Ghebreyesus, uthe inselelo enkulu ukuthi iningi labantu abazi ukuthi banayo yini iHIV kumbe kabanalo, wathi lokhu kwenza ukuthi umgomo wokuthi kuqedwe iHIV ngo-2030, kubukeke sengathi ngeke ufezeke.
"Bangu-30 million abantu abadla imishanguzo yeHIV emhlabeni, bangu- 9.2 million abangakakwazi ukuthola imishanguzo yokuyicindezela ngenxa yezinselelo ezikhona emazweni abo. Njalo ngosuku kushona abantu abangu-1 700 bebulawa izifo ezisondelene neHIV, abangu -3 500 bangenwa ileli gciwane nsukuzonke. Inqwaba ayisazi isimo sayo seHIV.
“Sisalelwe iminyaka eyisikhombisa nje kuphela kushaye u-2030, obekelwe ukuthi siqede ngawo leli gciwane. Kumele sibambisane kakhulu ukuze sifeze amasu aziwa nge-95-95-95 okuyiwo asiphendlela indlela eya ekunqobeni iHIV," kusho uDkt Ghebreyesus.
Uqhube wathi luningi ucwaningo olwenziwayo ukuze kutholakale ikhambi lokwelapha ingculazi kodwa okwamanje akukho okuthembisayo okuvelayo.
Umqondisi osabambile ophikweni olubhekelele ukwelashwa kweHIV/AIDS nezifo zocansi ezithathelanayo eMnyangweni wezeMpilo kuleli, uMnuz Petros Khoza, uthe kuyakhathaza ukuthi kunesibalo esingaziwa sabantu abangazazi ukuthi banayo noma kabanayo iHIV. Yize ukhona umehluko ekwelashweni kwaleli gciwane kusetshenziswa amaphilisi okulicindezela lingabonakali egazini, ukusetshenziswa kwamakhondomu, ukusoka namaphilisi avikela ukuthi uthole leli gciwane uma kwenzeka uya ocansini nomuntu onalo, iPre-exposure prophylaxis, iPrep kodwa iseyinde indlela.
INingizimu Afrika izibekele ukuthi ngo-2025, u-95% wabantu bakuleli babe sebezihlolile besazi isimo sabo seHIV, u-95% wabantu okutholalakale ukuthi banaleli gciwane uqale imishanguzo yokulicindezela, u-95% wasebedla imishanguzo igciwane egazini labo libe selicindezelekile.
UDkt Julie Turner weRight To Care, uthe iHIV inganqontshwa ngo-2030, uma umgomo we-95-95-95 ungafezeka.
"Ngesikhathi kukhulunywa nge-90-90-90 kwakubukeka kuyinto engeke yenzeke. Kodwa ucwaningo lwango-2022 lweHuman Science Research luyasitshela ukuthi u-90% wabantu bakuleli usuyasazi isimo sabo seHIV, u-91% wabasaziyo isimo sabo seHIV, sebedla imishanguzo, u-94% wabadla imishanguzo iHIV egazini labo isicindezelekile. Uma singafinyelela ku-95-95-95 ngo-2025, singayinqoba iHIV ngo-2030.
“Akukhathalekile ukuthi asikabi nalo ikhambi lokwelapha leli gciwane. Asilidingi kangako ikhambi uma abantu abaneHIV bonke bedla imishanguzo, igciwane egazini labo licindezelekile. Akekho umuntu omusha ongamthelela, ngaleyo ndlela ayikho ingane engazalwa ineHIV. Ngikusho lokhu ngoba ososayensi bethu sekunesikhathi becwaninga ngekhambi kodwa akukho okuqhamukayo. Uma singabambelela kulokhu esinakho, singanqoba. Kungekudala kuzoba nemijovo ejovwa ngemuva kwezinyanga ezimbili noma eziyisithupha nezinye izinsiza," kusho uDkt Turner.