AMATHE abuyele kwasifuba kumiswa ucwaningo obeluhlola umgomo wokuvikela iHIV, obelwenziwa e-Afrika kuthiwa mancane amathuba okuthi imiphumela yalo ikhombise ukuthi umgomo uyasebenza.
Kulolu chungechunge locwaningo oluvivinya imigomo eminingi yeHIV emhlabeni, iHIV Vaccine Trial Network, bekuhlolwa inhlanganisela yemithi emibili eyenzelwe ukuvikela iHIV nohlobo olusha lwe-pre-exposure prophylaxis (PreP). Lolu cwaningo belusesigabeni sesibili, luholwa yi-Afrika, lwesekwa yi-Europe futhi lunezinhlaka ezimbili. Ukuvivinywa kwe-PreP kusaqhubeka.
Ososayensi ababenza lolu cwaningo bathi bese kuwumzamo wokugcina wokuhlola nokuvivinya umgomo kusetshenziswa imithi ezoqinisa amasosha omzimba angakhethi. Kuzodingeka ukuthi baqale kabusha.
UDkt Larry Corey, owungoti owenza ucwaningo ngezifo ezidalwa amagciwane, ohola lolu cwaningo, ephawula ngokumiswa kwalo uthe akukho okubethusile ngoba ucwaningo olubili, nalo obeluvivinya imithi eqinisa amasosha omzimba, lwamiswa ngoba kubonakala ukuthi imiphumela yalo ayithokozisi.
"Imiphumela yalolu cwaningo izosisiza ekutheni sazi ukuthi ngokulandelayo kumele senzeni ukuze sakhe umgomo esicabanga ukuthi ungasebenza," kusho yena.
Uthe imizamo engaphumeleli yokuthi kube nomgomo weHIV ifaka ingcindezi ezigulini nakososayensi, ikakhulukazi ngoba umgomo ovikela iCovid-19 wenziwa ngokuphuthuma.
"Nakuba ekhona amanye amathuluzi okuvimbela iHIV, umgomo iyona ndlela ehlangabezana nezinjongo zokuqeda iHIV emhlabeni wonke ukuze kuvikeleke ukuthi kwenyuke isibalo sabasaqhubeka nokutheleleka ngaleli gciwane. Njengamanje sisekude kakhulu ukufinyelela emgomeni esizibekele wona wokuqeda igciwane lengculazi ngo-2030. Ukuba khona komgomo kungasisiza," kuchaza uSolwazi Corey.
Isitatimende esithunyelwe wumqondisi we-International Aids Society (IAS), uNkk uBirgit Poniatowski, sithe: "Ngeke silahlekelwe ithemba lokuthi umhlaba ube nomgomo osebenzayo wokugomela iHIV ozotholwa yibo bonke abawudingayo noma ngabe bakuphi."