NGIFISA ukuqala ngokwelula isandla kubazali bomfana oneminyaka eyisishiyagalolunye, okushicilelwe ezindaweni zokuxhumana kuthiwa unesifo sokuvuvukalelwa yisihlathi, intamo, nesithende.
Kuthiwe-ke embhalweni umfana une-Cystic Hygroma, lokhu kusho ukuvuvukalelwa yimigudu yokukhipha okusadoti (lymph system) emzimbeni. Njengabaningi, ngiye ngathinteka ngafisa ukufaka isandla, ngimsize. Ezinkundleni kuthiwe ngowaKwaZulu-Natal, isibongo uNgwenya.
Ngifisa ukugcizelela, umfana udinga ukusizwa ngokushesha uma abazali befisa ngicela bangithinte kulezi zinombolo: 072 659 5229, 082 475 1005 no-076 620 4598.
Ngenhlonipho asithengi amehlo, sifisa ukuphonsa itshe esivivaneni sisizwa nguMdali wezinto zonke. Yingakho ngicela ukuba sithintane nabazali ngocingo noma uWhatsap kulezi zinombolo esengizibhale ngenhla. Singabazali sonke, ubuhlungu buyazwela!
Asingene odabeni lwanamuhla. Isifo sezinso singaqhamuka ngezindlela eziningi. Kungaba ukugula ngqo ngezinso, ingozi engathinta izinso okanye kube yizifo ezithile ezigcina ziholele ekufeni kwezinso. Lapha singabala ikakhulu isifo somfutho wegazi ophezulu emzimbeni, isifo senhliziyo, isifo sikashukela, nesifo segciwane ingculazi.
Ngifisa sibuke namhlanje ukuthi kwenzekani ngaphambi kokuthi kuthiwe izinso azisasebenzi, wena usudinga ukudayalaza okusho ukuhluzelwa izinso.
Amaqiniso nanka:
Abantu abaningi abahluzelwa izinto abavukanga nje sekuthiwa udinga ukufakwa emshinini wezinso. Kuthatha isikhathi kusuka ekuqaleni kwezinso ukuthi ziqhuge kuze kuyoba seziyekile unomphela, lapho usudinga umshini.
Kulokhu kusuka ngapha ekusebenzeni kuhambe kufike kwangqingetshe kuyenzeka iphutha liba kithi njengeziguli, singazi uma zenza kanjena kumele senze njani ukusiguqula isimo. Akekho umuntu othanda ukuthi izinso zingasebenzi. Okanye kuba yithina odokotela abanganaki ukufunda imiphumela ngendlela ecubungulayo futhi sinikeze imiyalelo ephusile ezigulini.
Ngikhuluma njengokuchazela ogulayo ukuthi azinakekele kanjani izinso zakhe ukuze zingaqhubeki nokulimala.
Okujwayele ukushiwo ukuthi iziguli aziphuze amanzi, okanye kuze kuthiwe kakhulu. Lo ‘kakhulu’ akucaci ukuthi usho into engakanani. Kuyacaca kumanje ukuthi lo myalelo awenele. Baningi abantu abaphuza amanzi ‘kakhulu’ kodwa izinso zigcine zingasebenzi.
Imibuzo esifisa ukuyihlaziya namhlanje ithi:
Kungabe uma sekuthiwa sekumele udayalazwe isuke ingasekho yini into engenziwa ezinsweni ukuze welapheke na?
Kwenzekani ngesikhathi izinso zisalimala kancane kancane, akukho yini okusuke kungenziwa lapho?
Kunini lapho siyaye sithathe isinqumo sokuthi akukho okungabe kusenziwa?
Emsebenzini esiwenzayo lapha ezigulini zethu sithola isimanga sokuthi izinso eseziqala ukuqhuga neseziqhuga kakhulu ziyakwazi ukuphinde zelapheke, inqobo nje uma isiguli siqonda indima yaso futhi nawe dokotela noma msebenzi wezempilo uzosinaka isiguli ungasidedeli.
Sineziguli eziningi okumanje sizelapha izinso. Lapha ngikhuluma ngabantu abanezinga lehluzo (Glomerular Filtration Rate) elingaphansi kweshumi (10). Akugcini kuyi-GFR (isikali sokuhluza) kodwa kusuke kunokuningi lapho izinkomba zamakhemikhali sezizimbi kakhulu.
Lezi ziguli ziyakwazi ukwelapheka ziphile, izinombolo zibuyele lapho kumele zibe khona. Angikhulumi ngabantu abafika izinombolo zokuhluza zingaphezulu kweshumi. Lapha sithola kulula ukuguqula isimo siye lapho sidingeka khona.
Umbuzo uzothi yini esiyenzayo thina? Impendulo, kuya ngokuthi imbangela iyini. Yingakho kubalulekile ukusihlolisisa isiguli ngasinye. Okwesibili, ukukhuculula uhlanze igazi lesiguli ukhiphe amakhemikhali adala ukukhathala, ukushintsha kwesikhumba, ukuphalaza, izinhlungu, ukuqhaqhazela, nokuphelelwa ngamandla.
Emsebenzini esiwenzayo sithola ukushintsha kwalezi zimpawu ezingenhla kuhambisana nokuba ngcono kwezinso.
Okuyaye kubaluleke lapha ukuqinisekisa ukuthi isiguli sisakwazi ukuchama ngokwanele. Lapha siyaye siqinisekise ukuthi umzimba wonke usebenzelana ngendlela efanele. Lokhu sikwenza ngokuqaphela ikhemikhali i-insulin, egazini ukuthi ingaphansi kwesihlanu.
Ekusebenzisaneni nogulayo, ekugcineni izinso ziphinde zibuyele lapho okumele zibe khona. Mangisho ukuthi lona akuwona umsebenzi omncane udinga abahlengikazi, udinga ukudla okufanele, uhlukane notshwala uma ubuphuza.
Udinga isiguli silale ngokwanele, siphumule ngokwanele, sihlukane nokubuka umabonakude, sihlukane nokugxila efonini njalo, sizivocavoce, sithamele ilanga lasekuseni. Konke lokhu sekuhlangene izinso ziyabuyela ekusebenzeni ngendlela efanele.
Ngifisa ukuthatha leli thuba ngikhulume ngesiguli esisimangalisile. Lesi siguli besinomzimba omkhulu kodwa obekumandla ukuthi inhliziyo ibishaya kakhulu. Siqala ukuyibona yayithi 120bpm. Naso isiguli sachaza ukuthi sesibuya esibhedlela esikhulu esizimele ngenxa yokushaya kwenhliziyo. Nakhona ibilokhu ishaya kanjalo. Sase sisikaziwe ukuthi sizofakwa umshini enhliziyweni owazokwehlisa lokhu kushaya kwenhliziyo mawala kodwa akwangenzeka.
Sathi siqhubeka nokusihlola sathola ukuhluza kwezinso kungaphansi kweshumi, empeleni i-GFR yayithi 5 kuphela. Asikaze siphele amandla.
Sasihlamba, sikolobha ingaphakathi igazi nomzimba ngendlela yakhona; kwaphela ukujuluka, wazizwa elula, iphotheziyamu yabuyela endaweni nekhemikhali ikhabhonethi (carbonate), yehla imagneziyamu.
Sathi sesenza i-ECG elandelayo sathola ukuthi ukushaya kwenhliziyo sekwehlile. Siye samdedela eseya ekhaya ukushaya kwenhliziyo sekungaphans kwekhulu emzuzwini owodwa, ukuhluzeka kwezinso sekungaphezu kwamashumi amathathu. Isiguli kwakuthi asindize ukujabula. Empeleni besingathandi ukusidedela, kwaba yisimo esasingephezu kwethu.
Baningi abanye abakulesi simo sokuthi izibalo zikhomba ukuthi kumele bangene emshinini esibelaphayo. Ngiyafisa ukugcizelela ukwelapha izinso kudinga ukusebenzisana okusezingeni eliphezulu kumsebenzi wezempilo naloyo ogulayo.
Ungalahli ithemba uma uhlushwa yizinso, sondela uze ezikhungweni ezizokwelapha umsuka wenkinga, hhayi lapho kuzobukwa kuphela izinombolo bese kuthiwa ngena emshinini. Kuba nzinyana kakhulu ukwelapha umuntu izinso obesehlezi enziwa ngomshini isikhathi eside.
Mpilonde!