Wonke umuntu engikhuluma naye unengebhe ngesifo esibulala sithikameze ukusebenza komqondo. Ukuba nomqondo ongasasebenzi kahle kubuhlungu kakhulu kubantu osuke usuhlezi nabo ngoba kumele kube yibo abakusekelayo kukho konke okwenzayo nongasakwazi ukukwenza ngendlela eyiyo.
Lesi sifo esijwayele ukubizwa ngokuthi ukudideka emqondweni uma sisaqala sigcina sekuyi-Dementia. Kuleli zinga lokugcina sijwayele ukuzwa kuthiwa usibanibani une-Alzheimers, olunye uhlobo yi-Lewy Body Dementia. Phela i-Lewy Body Dementia yilena ebulale uClive Barker obedume ebholeni lezinyawo.
Lesi sifo sihlasela singakhethi bulili kodwa sithanda ukuwela kakhulu kwabesimame, izincithabuchopho kokunye ziyaye zikulumbanise lokhu nokwehla kwe-estrogen ngesikhathi kuqala ukuphela kwesikhathi sokuya ezinsukwini zinyanga zonke kowesimame.
Isizathu salokhu sithi ngaphambi kokuphela kwesikhathi kowesimame i- estrogen isuke isebenza ukuvimbela i- acid okuthiwa yi-uric acid lena ephehla isifo sobhozo, idolo nezihlakala okuthiwa i-gout ukuthi ingahlaseli owesifazane kodwa inele ingehla emazingeni kuleyo minyaka ivele inyuke ngamandla i uric acid bese ziqala izinhlungu ukubaququda.
Okunye okubalulekile okwenziwa yile acid ukuphehla ushukela lona okuthiwa yi-fructose, lo shukela yiwona ngqo odala ukuthikamezeka komqondo. Ikakhulu lesi sifo sidlanga eminyakeni esuka ku-60 kuya phezulu, kokunye singaqala ngaphansana kwalokho. Empeleni ucwaningo lwakamuva lukubeka kucace ukuthi siyakwazi ukuzibonakalisa naseminyakeni engaphansana kuka-40, futhi lolu cwaningo luyasho ukuthi uma singaqinisa ekusisiphuleni lapha ekuqaleni lesi sifo eminyakeni engengakanani ngabe sekuyisifo esingasaziwa.
Ngikhuluma ngani uma sikhuluma ngomqondo osuthikamezekile? Mhlawumbe okuzosiza kangcono ukubuza umbuzo othi siqala kanjani lesi sifo esibuhlungu kangaka?
Esesimphethe:
Umbona ngokukhohlwa okungajwayelekile. Ngisho ukuthini lapha, nje wonke umuntu uyakhohlwa? Sikhuluma ngokukhohlwa osekuphazamisa ukusebenza nokuqhubeka kwempilo osekuze kuphazamise nabanye nempilo yakho. Ukukhohlwa into uyiphethe ngesandla, ukhohlwe amagama ezingane zakho obuzazi ungenankinga nazo kungaba ngezakho okanye osebenza ngazo, wena usuthi ufaka igiya eliya phambili uvele ufake eliya emuva, ufike upake imoto ukhohlwe ukuthi kumele uphume uye lapho oya khona okanye uhambe uhambe ukhohlwe ukuthi ubuyaphi, kukhona nokuthi ufike upheke uphuthu ukhohlwe ukuthi ubusuluphekile uphinde upheke olunye, ufike kushiwo ukuthi namhlanje siya kobona usibanibani wena futhi uphinde ubuze ukuthi konje siyaphi namhlanje?
Kuba nzima ukufikelwa ubuthongo kuphinde kube nzima ukulala kakhulu okusho ukuthi ulala isikhathi esifishane kakhulu
Umzimba uhlale ukhathele ngisho uvuka ekuseni nomqondo uthathele kude nje ukuhlanganisa izinto.
Ulaka luyadlanga kubantu abangenwa yilesi sifo ngenxa yokwehla kwamandla emzimbeni, ogulayo uvele abe nolaka olungaqondakali ngoba esezibona engaziqondi sekuhlangana nokuzibuza imibuzo eminingi efuna ukuziqonda.
Abaningi bayehla emzimbeni lokhu kucishe kufane nakubantu abagcina sebefelwe yizinso zingasasebenzi nabo abanye obabona ngokwehla emzimbeni okungaqondakali.
Ubuhlungu bamalungu avuvukale, ashise; lokhu kugcina kunganakekile ngenxa yokujwayeleka kwalesi sifo.
Imbangela enkulu yalesi sifo ushukela, ushukela, ushukela. Ushukela osesiyingini, kulandele ukudla okunesitashi esiningi njengalokhu:
Amazambane
Irayisi
Izinkwa
Ama roll enziwe ngofulawa
Ama-chips
Okunye okuyimbangela usawotii ikakhulu esiwuthola okudleni okuphehliwe(ultra processed foods). Lo sawoti uyakwazi ukungena ngaphakathi ebuchosheni ngobuningi ufike uphoqe ukushintsha okusashukela i-glucose ibe i-fructose, le fructose iyona esithi ingujikelele kulokhu kugula ngomqondo.
Abanye bazibuza ukuthi kwenzekani kulesi sifo? Ngicela ukuchaza kafishane ngithi:
Ushevu owushukela esiwuthola emajusini, eziphuzweni ezihlohlozayo, ko-ice cream ungena ngaphakathi ufike ebuchosheni wenze: Izakhi zobuchopho zamandla zingasebenzi, bese umzimba uphelelwa ngamandla.
Izakhi zingakwazi ukuphinde zande ngaphakathi ebuchosheni.
Ubuchopho bungakwazi ukusebenzisa ushukela wangaphakathi, nalowo esiwuthola ngenxa yamafutha ukuthi nawo ungasebenzi.
Uphinde ushukela lona okuthiwa yi-fructose ukhiqize i- uric acid evele idale ukwehla kakhulu kwamandla emzimbeni. Lesi simo samandla ehlile emzimbeni yisona kanye esidala ukuthi umqondo uthikamezeke engxenyeni elawula ukwenzeka kwezinto ungalawuleki, ogulayo azibone esenza noma yini umqondo ubuyele ebunganeni, akhohlwe kakhulu, nimbone esezulazula engazazi ukuthi uyaphi, abanye babone izinyoka zingekho, bezwe amazwi ekhuluma nabo, abanye bahluleka ukuhamba, ukuphefumula, kungalaleki, babuke endaweni eyodwa bagqolozele, bakhulume bodwa, nokuningi okuhlukahlukene.
Kubalulekile sikhumbuzane ukuthi lesi simo siyelapheka siphele nya.
Kudingeka ogulayo simlalise esibhedlela selaphe amafutha esibindini, i-uric acid esebuchosheni, sishintshe ukudla sikhiphe konke okunoshukela ukuze sinciphise i-fructose okuyiyona esuke isidlangile isishintshe konke ngaphakathi ebuchosheni.
Kubalulekile ukuchaza ukuthi abantu abaphathwa yiCovid-19 basengozini enkudlwana yokungenwa yilesi sifo ngenxa yamakhemikhali adalekayo nenkungu eyaba sebuchosheni ngesikhathi unalesi sifo.
Ngiyaphinda ngithi umqondo osuthikamezekile uyelapheka, kodwa kuhle ukuzivikela kulesi sifo usheshe welashwe ngoba siyabulala.
Mpilonde!!