DKT BONGANI NXUMALO
USHUKELA emzimbeni ungumbulalazwe angikhulumi ngalona esiwudlayo etiyeni, ekudleni okunhlobonhlobo, eziphuzweni, ushukela osezidlweni lezi esizithandayo nalowo esiwuthola otshwaleni nakwezinye izinto.
Selokhu ngabona ngikhula kunale ndlela yokukala lo shukela egazini isikhathi esiningi okuyaye ucofwe emunweni bese ithonsi legazi lisetshenziswa ukukala ushukela osegazini. Iyona ndlela esafundiswa yona kwezempilo kuthiwe asiyisebenzise sibheke ukunyuka kwawo egazini, la manani enza sithathe izinqumo zokuqala abantu bakithi emishanguzweni kashukela.
Le ndlela yokubheka inkinga kashukela egazini yiyona engumbulalazwe uqobo.(Ngicela ukufaka isiqondiso esithi lapha ngikhuluma ngesifo sikashukela lesi okuthiwa uhlobo iType II Diabetes, hhayi iType I.
I Type I Diabetes yilena eqhamuka nje isifuna ujovwe zibekwa nje njengoba kwenzeka kulabo abancane)
Empeleni ayikusizi ngalutho uma izinombolo zikhomba amanani amahle kuwe, mangithi nje ziyakuhlomekisa kakhulu ukube kuya ngami ngabe siyayeka ukusebenzisa le ndlela.
Ngiyacabanga ukuthi baningi asebezibuza beziphendula bethi uthini udokotela namhlanje? Ngiyaphinda, angiphuphi emini, ngithi le ndlela esibheka ngayo ubuningi bukashukela egazini ngokucofa sifake ithonsi emshinini yiyona ebhebhethekisa izifo eziningi kuhlanganisa nezikashukela, ukube bengisemandleni ngabe ngithi ayiyekwe.
Ngikhuluma ngokubhebhethekisa izifo zohlangothi, umfutho ophezulu wegazi, ukungaboni emehlweni, ukufa kwezinso, ukushaywa yinhliziyo, amafutha awushevu ahlala egazini, izifo zokudungeka komqondo, amakhanda angapheli, umhlume, izifo zokuwa nomdlavuza uqobo.
Emizimbeni yethu sonke kunendlala elawula ushukela nokusebenza komzimba uwonke nje, le ndlala enkulukazi kuthiwa yi- insulin. Wonke umuntu kumele abe nenani lale ndlala elisezingeni elamukelekile, uma leli zinga lingalawuleki umzimba ungaba buthaka kabi ezingxenyeni eziningi zawo. Isibonelo le ndlala uma inyukile umzimba uvele ukhiqize amafutha esibindini, adlule lapho abe kusinyaka, esiswini nasezicutshini. Ngaphandle nje kwalokho muningi umonakalo oba khona ngenxa yokwenyuka kwale ndlala egazini.
Ucwaningo olwenziwayo noselwenziwa lucacisa bha ukuthi kuthatha iminyakana elishumi nangaphezudlwana le ndlala yenyukile ngaphambi kokuthi ushukela uzibonakalise egazini. Esinye sezizathu ezibhubhisayo ukuthi ngesikhathi kwenyuka egazini le ndlala esiyibiza nge-insulin vele kusuke emithanjeni yegazi sekunobuthi obuyingozi obugcina sebudale isifo sohlangothi, ukuhlaselwa kwenhliziyo nezinye izinkinga eziningi. Umbuzo uthi yini eyenza nesiphoqa ukuthi silinde iminyaka kodwa sesiqalile isifo sikashukela ukwenza esidume ngakho ngaphakathi emzimbeni? Impendulo yalo mbuzo ithi ushukela lona esiwukalayo usuke ungakabonakali okanye ungakanyuki ngokwanele egazini ukuze le ndlela esiwuhlola ngayo ikwazi ukuwubamba?
Olandelayo umbuzo uthi kuyasisiza yini ukulinda iminyaka ube ushukela usukhombisile ukungalawuleki ngaphakathi emizimbeni yethu? Impendulo: yiyo le nto ebhubhisa isizwe ngesifo sikashukela ngoba silinda isikhathi eside ube ushukela ungayekile ukusibulala ngaphakathi.
Omunye angabuza athi: kungasisiza kangakanani isizwe ukusheshe sisukumele isifo sikashukela ngalesi sikhathi sisaqala?
• Ukushesha sibanjwe sisavela isifo sikashukela kungaholela ekushesheni ukuqala ukusilawula isifo singakalawuli wena.
• Ekulawuleni isifo sikashukela njengoba singumbulalazwe ungakwazi
ukungayisebenzisi imishanguzo lena ejwayelekile kuphela kodwa ulawule ukudla okudlayo.
• Awucabange sesikwazi ukungayisebenzisi le mishanguzo kashukela, sesikwazi ukuzivikela siphinde siwushaye ngesithende uma kungukuthi bese uqalile.
• Isizwe semikhaba siyophela sibe yinto yayizolo ngoba ukushintsha indlela yokudla kuyoletha izinguquko ezinkulu emzimbeni.
• Izinga lezifo zohlangothi liyokwehla, ukuhlaselwa yinhliziyo kuyokwehla, kuphele ngamakhanda angaqondakali imvelaphi yawo, kunciphe isibalo sabantu bakithi abagcina benqanyulwe imilenze, izifo zomfutho ophezulu wegazi ziyokwehla, kuyokwehla nesibalo sabantu abayoba nenkinga yamafutha i-cholestorol egazini, kuningi nje engingakubala.
• Awucabange nje sesikwazi ukwehlisa isibalo sabantu abanenkinga yezinso neyamehlo, ogogo nomkhulu sebengakhulumi ngongwengwezi okufanele lwengulwe?
Konke lokhu nokuningi kungenzeka uma nje singasintsha indlela yokubheka ushukela egazini sisebenzise ukuthatha igazi emuva kokudla siyobheka i-insulin siyeke ukucofa sithathe ithonsi legazi ngoba sibheka ushukela egazini ngenhloso yokuhlonza lesi sifo esibulala izwe. Le ndlela ayisisebenzeli kumele siyishintshe.
Iqiniso lithi ngesikhathi ushukela usubonakala egazini usuke usuneminyaka eyishumi nangaphezulu unalesi sifo sikashukela, ngaphakathi usuqalile ushukela ukulimaza imithambo, izinso, amehlo nezinye izindawo eziningi.
Njengoba ngichazile yi Type II Diabetes esikhuluma ngayo, hhayi iType I.
Mpilonhle Mpilonde!!