IMAKETHE yabadayisa izincwadi zodokotela eziwumgunyathi yenziwa ngabantu abakhohlakele abazithengayo.
Lokhu kushiwo wusihlalo wenhlangano yodokotela, iSouth African Medical Association (Sama), uDkt Mvuyisi Mzukwa.
UMzukwa usho kanjena nje kunezigameko eziningi ezibikwe wumkhandlu wabasebenzi bezempilo, iHealth Practioners Council South Africa, zokuboshwa kwabantu abadayisa izincwadi zodokotela eziwumgunyathi.
Ngeledlule kuboshwe umuntu enkabeni yedolobha eThekwini ekhiqiza izincwadi zomgunyathi e-internet cafe, esebenzisa imininingwane kadokotela waKwaMashu. Incwadi ngayinye ubeyidayisa ngo-R150.
"Siphila ezweni labantu abathanda ukwenza inkohlakalo. Asikho isiguli esingaya kudokotela waso sifike sithi ngizothenga incwadi. Incwadi isiguli siyithola ngoba udokotela ethe uma esihlola, wabona ukuthi ngeke sikwazi ukusebenza. Lokhu kuvula ithuba kulaba abafuna ukuzenzela imali esheshayo nabafuna ukulova emsebenzini. Abathega izincwadi bayazi ukuthi abazithenge kubo kababona odokotela kodwa bayaqhubeka bakwenze ngoba nabo bafuna ukwenza ubugebengu. Abanye banikeza iziguli izinsuku ezingazifanele izifo abazibhale kulezo zincwadi. Okubi kakhulu wukuthi lo mkhuba wokudayiswa kwezincwadi uthinta nomnotho ngoba umsebenzi okumele ngabe uyasebenza unikezwa inqwaba yezinsuku, ebe edingeka emsebenzini," kusho uMzukwa.
Uthe abaqashi kumele baziqaphele izincwadi, uma engayiboni kahle unelungelo lokufona abuze ukuthi udokotela uke wasibona yini lesi siguli yize engeke akwazi ukubuza kabanzi ngesifo esisiphethe, noma aziyele mathupha kwadokotela ayobona ukuthi yindawo enjani.
"Uma kunodokotela osetshenziswa ngabasebenzi abaningi, kumele athumele abazoya kobheka ukuthi lo dokotela unjani ngoba kungenzeka ukuthi wudokotela mbumbulu. Kwayona incwadi kumele ayibhekisise ngoba abanye basebenzisa incwadi endala bese bacisha imininingwane emidala, bafake abakuthandayo. Kimina bathatha incwadi endala engangiyibhalele lesi siguli, bashintsha izinsuku. Babhala ukuthi isiguli kumele singasebenzi izinsuku ezingu-18 sibe siphethwe umkhuhlane. Umqashi wafona efuna ukuthola ukuthi ngimbonile yini umsebenzi wakhe ngosuku olubhaliwe, ngalandula kwaba ukubanjwa kwakhe," kusho udokotela.
Uthe lo mkhuba kawenziwa ngezincwadi zodokotela abazimele kuphela kodwa uyenziwa nangezitembu nezincwadi zasezikhungweni zikahulumeni.