KULELI sonto eliphelile, ngibone ubuhlungu ongazi ungabuthini ngenxa yesimo ebesingaphezu kokwenza. Udabuka ufikephi uma ubona umuntu osemncane, osanda kuqeda izifundo zemfundo ephakeme, esedlavazwe wukwelashwa umdlavuza ngokushiswa nangamakhemikhali?
Engani phela konke kufakwe emzimbeni ngendlela yokuthi indle igcina isizijuzela kudalwe ukunqamuka kwefindo lombhobho yawo, bese kukhumuzeka untwentwesi oluhlukanisa umgudu wendle nowentombazane.
Ngaleso sikhathi udadewethu ulala uma bufikile ubuthongo ngesayidi elilodwa ngenxa yezinhlungu azichaza njengezihambayo zimmemezise abe wuqanduqandu. Ngokuhlala, usizwa ngugogo wakamakhelwane ofika ezobalalisa ngoba ebona usizi lodwa. Ubaba wengane kade amshiya.
Uma ulandela okwenzekile, uyathola ukuthi udadewethu wayengenjena ngaphambi kokuqala kohlelo lokushiswa nekhimo. Bebethi bamelapha umdlavuza kodwa emuva kokuwelashwa izinto zivele zadlulele phambili, wagcina esenkinga enjena.
Akasakwazi ukuzihambela. Njengoba enqunyelwe usuku lokubuya ukuze bamhlelele iphoyinti lokuyohlizwa ukuze afakelwe isigujana sokuthululela indle, kumele aqashelwe imoto.
Awukwazi ukungazibuzi ukuthi uma kuwukumhlelela ukuya kwesinye isibhedlela kuphela, yini eyenza udokotela angamhleleli iphoyinti nesibhedlela leso bese eshayelwa ucingo esekhaya?
Njalo sizolokhu sihlangana nezimo ezifana nalezi ngenxa yokwanda kokusetshenziswa kokushiswa nekhimo uma kwelashwa umdlavuza.
Kwenzeka konke lokhu nje, ikhona indlela elula engadingi mishini etheni, ukwelashwa kuphela okulandela ukudla okudliwa imidlavuza. Yonke imidlavuza idla ushukela iGlucose neprotheyini iGlutamine. Esikwenzayo ukuncisha umdlavuza izibiliboco zayo imidlavuza. Konke lokhu kulimala komzimba ukuphalaza, ukuqothuka kwezinwele, ukungakuthandi ukudla, ngeke ukuthole. Kubalulekile ukuthi ogulayo aze kudokotela engakamosheki ingaphakathi ngoba liyadingeka ukuze elapheke.
Asingamvumeli onomdlavuza aququdeke umzimba wonke ngenxa yokusha namakhemikhali, kuba nzima kwesinye isikhathi ukulungisa osekushisiwe ngapha nangapha ukwenze kusebenze.
Angikwazi ukungakhulumi ngomdlavuza osebeleni nalowo osobendeni, esibindini, usinyaka nasomhlehlweni olugubuzele ingaphakathi. Kunabafowethu abangene kuleli sonto esisuka kulo. Ngokushesha, sesehlile isigaxa sobende, nejondisi ebisibakhungathile, kwehla nobuhlungu obebungabekezeleleki ezinhlangothini nokukhathala komzimba. Umzimba usubuyele esimeni obukuso ngaphambili.
Esikwenzayo ukuncisha umdlavuza ukudla kwawo, sikorobhe isibindi amafutha ayizinqwabanqwaba okuyiwona adala abhebhezele umdlavuza.
Obekuhlukile ngodadewethu onomdlavuza wamabele ukuthi ubusuhambe wafika emaphashini, entanyeni nakhona sekonakele ngenxa yendlela osabalala ngayo. Lokhu bekusabalala kuhambisana nezinhlungu ezingabekezeleleki.
Zonke izinhlungu azisekho emuva kwesikhashana simqalile. Ngizama ukukhombisa lapha ukuthi ukwelashwa komdlavuza kuyenzeka. Esikucelayo kumele azi ogulayo ukuthi aselaphi umkhuhlane ozovele uthi wohlo, kumele kuliwe nedimoni elizokufuna ukudla kwalo ngezindlela zonke.
Okunye okubalulekile ukuthi izinsuku ezintathu zokuqala sisuke sisashintsha indlela umzimba wakho osebenza ngawo. Umzimba kumele unyuse okuthile egazini kube phezulu. Lokhu kuchaza ukuthi ogulayo uzongena ebhandeni lokungadli ikakhulu zonke izidlo ezinoshukela ukuze sikwazi ukufinyelela ezingeni elithile egazini. Ukuqhubeka uya phambili, kumele azi ogulayo ukuthi kumele azincishe ukudla, phambili ushukela nokusashukela,
Ukudla okugazingiwe (processed), olamthuthu nenyama yasezitolo ephuma ezilwaneni ezibiyelwe, ezingazidleli ngokuthanda. Kubalulekile kogulayo azi ukuthi uma ekhetha ukwelashwa ngendlela lena esiyihambisa phambili, ingxenye yokwelashwa izoncika ezintweni azidlayo. Ngeshwa akekho ozohlala eyilokhu emgadile, uyena ozozigada uma efuna ukuphila.
Akukho okungikhathaza njengokubona abantu bezibona bengenayo enye impendulo ngaphandle kwale ndlela yokushiswa nekhimo, okanye imijovo abayithathayo belapha umdlavuza. Ukuba bengiyibona bengiyobeka phambili ukwelashwa ngendlela yokuncisha umdlavuza izibiliboco zawo.
Enye inselelo esinayo okumele siyivume, siyisizwe ukuthi uma into siyitshelwa ngumuntu webala siyakholelwa kuyo ngisho isisisa emgodini, ngoba udokotela owasho owebala okanye owalesiya sizwe, noma sengikuchazela mina omnyama ofana nawe, hhayi angifiki khona.
Lokhu siyakubona empilweni jikelele, ibala lisathatha indima enkulu ezinqumeni ezibalulekile ngathi. Le nto kumele ishintshe ngoba iyasidukisa kakhulu, hhayi kancane.
Umdlavuza uyelapheka, sidinga amasonto okungenani amathathu ukuwubamba siwuklinye siwubuyisele emuva, sidinga ingaphakathi elisebenzayo kungaze kuthi phihli konke. Yingakho kubalulekile ukukhawuleza uze kithi, sidinga wena njengesiguli ukuzithiba ezidlweni lezi ezithandwa ngabantu abaningi futhi uzimisele ukuhlukana noshukela nayo yonke into edliwayo enoshukela, ukuvikela impilo yakho, ikusasa lezingane nomndeni wakho.
Mpilonde!