BABALELWA ku-970 million abantu abanezifo ezithinta ukuphazamiseka kwengqondo emhlabeni.
Lokhu kuvezwe wumbiko wezempilo othinta ukuphazamiseka kwengqondo owenziwe yiWorld Health Organisation, osanda kwethulwa ngokusemthethweni iMental Health Report ka-2022.
Lo mbiko uveza ukuthi ngo-2019 ezigulini ezinokuphazamiseka kwengqondo ezingu-970 million, u-14% ngabantu abasha.
Ngokwalo mbiko kubantu abangu-100 abashonayo oyedwa usuke ezibulele ngenxa yokuthi ubenengcindezi ethile. Uphinde uveze ukuthi u-58% wabantu abazibulalayo bakwenza lokhu ngaphambi kokuthi babeneminyaka engu-50. Ukuzibulala kuyimbangela yesine kwezihamba phambili eziholela ekufeni kwentsha eminyaka ephakathikuka-15 kuya ku-29 ubudala emhlabeni.
U-82% wabantu abaphila nokuphazamiseka kwengqondo kubikwa ukuthi bahlala emazweni antulayo nasathuthuka kuwo okubalwa neNingizimu Afrika.
INingizimu Afrika ngokwalo mbiko inezinga eliphansi lokunakekelwa kwesifo sengqondo lokhu kungenxa yokuthi leli lizwe likhungethwe yizimo zokuphila ezibhebhezela ukuntengantenga komqondo, kuko okunye kugqugquzela inhlalo, izinga eliphezulu lodlame, ububha,ukwentuleka kwemisebenzi nokungalingani.
Ngeledlule iNingizimu Afrika ibenengqungquthela yezifo ezithinta ukuphazamiseka kwengqondo lapho bekubhekwa kabanzi lesi sifo nebanga eselihanjwe yiNingizimu Afrika ekwelashweni kwalesi sifo kanjalo nezinselelo ezisekhona.
USihlalo womkhandlu wengculazi kuleli, iSouth African National Aids Council (SANAC), uMnuz Paul Mashatile, uthe: "Zihlangenelezi zinkinga ziyimbangela yokuphazamiseka kwengqondo, ukucindezeleka, ukungakwazi ukugxilisa ingqondo, ukukhathazeka, ukuzibulala, ukuphelelwa ithemba kanye nemizwa yokuzizwa ungelutho.
“Umlando waseNingizimu Afrika wobandlululo, okuhlanganisa nezibonelo zayo zabasebenzi abavela kwamanye amazwe ezacekela phansi isakhiwo somndeni kubantu base-Afrika, uyaqhubeka nokuba nomthelela omubi empilweni yengqondo yabesifazane nezingane," kusho uMashatile.
UNgqongqoshe wezeMpilo kuleliuDkt Joe Phaahla, uthe eminyakeni emine edlule umnyango wenzekangcono ekuhleleni izinhlelo zokwelapha lesi sifo.
"Emkhakheni wezokuphathwa kwalolu hlelo siyelulekwa futhi sesekwa ikomitii elelulekao ngqongqoshe ngezempilo ezithinta ukuphazamiseka. Ezifundazweni amabhodi azimele eluleka ngezifo zengqondo nokuvikelwa kwamalungelo abantu abanalesi sifo akhona," kusho uPhaahla.
Uqhube wathi umnyango wenzakahle ekudwebeni ingqubomgomo okumele ilandelwe kodwa kusadingeka ukuthi uqinise umkhankaso wokuqwashisa ngalesi sifo, ukuvimbela ukugula ngengqondo, ukunciphisa ukucwaswa kwabanalesi sifo.
"Ukucwaswa kwabanalesi sifo kusaqhubeka futhi kubhebhethekiswa wukuntuleka kolwazi ngaso," kusho uPhaahla.