INHLANGANO eqwashisa futhi ilekelele imiphakathi entula amanzi yeluleka abantu ngokuthi baqaphele uma besebenzisa amanzi ngoba uma engcolile, angabagulisa.
Bathi amanzi angahlanzekile ayimbangela yesifo sohudo esibulala u-19%, wezingane ezineminyaka engaphansi kwemihlanu kuleli njalo ngonyaka.
AbeSanofi, inhlangano elekelela imiphakathi ngezinsiza zokuthola amanzi ahlanzekile, ithe izingane ezihlala ezindaweni ezingenawo amanzi ahlanzekile zivamise ukuba sengcupheni yokuhlaselwa yisifo sokuhudo, esinganawo amandla kwesinye isikhathi zihlaselwe esinamandla esigcina sidlule nemiphefumulo yazo.
Ucwaningo olushicilwe emqingweni wezempilo iSouth African Medical Journal, ngo-2018 lukhomba ukuthi ezinganeni ezingu-1000 ezizelwe, ezingu-27 kuya kwezingu-33, ziyashona ngaphambi kokuthi zibe neminyaka emihlanu. Ngokocwaningo ingxenye yezingane ishona ngesikhathi ibelethwa. Isifo sohudo, ipneumonia nesandulela ngculazi zihlonzwe njengezifo ezihamba phambili ngokubulala izingane ezingazange zishone ngesikhathi zibelethwa.
Ngombiko wocwaningo ezinye izifo ezibulala izingane yizinhlekelele, izifo ezingena ezinganeni ngesikhathi onina besazikhulelwe, okuvame ukuba yinhlliziyo engekho esimeni esifanele, ukungakhuli kwezitho zengane ngendlela elindelekile iDown Syndrome, nezinye.
Ongoti bezempilo bathi isifo sohudo esinganqamuki sidala izinkinga emzimbeni. Ezinye izinkinga kungaba ukuphelelwa ngamanzi emzimbeni futhi uma umuntu engalutholanga usizo ngokushesha angashona. Bathi okunye okwenzekayo ngesikhathi umuntu ekhishwa yisisu, umzimba awukwazi ukuthola imisoco okumele ngabe uyithola ekudleni ngoba kusuke sekuphazamiseke nomgudu wokugayeka kokudla.
Inhloko yophiko lwesayensi enhlanganweni iSanofi, uNkk Momeena Omarjee, ithe: “Izingane ezihlala ezindaweni ezikhungethwe ubuphofu zisemathubeni aphindwe kayishumi okubulawa yisifo sohudo, uma kuqhathaniswa nezingane ezihlala ezindaweni ezisezingenabo ubuphofu,"
UNkk Omarjee usho kanje ngempelasonto ngesikhathi kugujwa usuku lwezingane, iNational Children Day.
Uthe bakhethe ukuthi usuku balugube ngokubheka ukunakekelwa komgudu ohambisa ukudla ezinganeni. Uthe eNingizimu Afrika ukubheduka kwesifo sohudo kuvamise ukudalwa indawo engahlanzekile izingane ezihlala kuyo, ukungabikhona kwamanzi ahlanzeke ngokwenele, ukungahanjiswa ngendlela kwendle nezinye izinto ezithinta inhlanzeko.
Ezinye izinkinga zokungahlanzeki kwamanzi kuleli uthe zidalwa ukucishwa kugesi ngenhloso yokuwonga, ukuhlasela kwesimo zezulu esilimaza ingqalasizinda yokuhanjiswa kwamanzi, okuyizikhukhula, ukuguguleka kwenhlabathi okusanda kwenzeka KwaZulu-Natal, nase-Eastern Cape.
Uthe inhlangano yakhe ngokubambisana neSave Children SA, izibekele ukuthi isize abantu abangu-2 million ukuthi bathole amanzi ahlanzekile ngaphambi kuka-2025, okwamanje basazize abantu abangu-54 000 bakuleli.