AMAKHEMIKHALI amabili atholakala emikhiqizweni evamile yasendlini njengezibulali magciwane kanye nasetshenziswa kwifenisha anomthelela ekuphazamisekeni kwemizwa okudala i-autism ne-multiple sclerosis.
Lokhu kuvezwe ucwaningo olulwenziwe iCase Western Reserve University School of Medicine, ese-Ohio olushicilelwe kwiJournal Nature Neurology muva nje. Ukushicilelwa kwalolu cwaningo kuqondaniswe nokuthi namhlanje, iWorld Autism Awareness Day.
Abacwaningi bahlole imikhiqizo yasendlini yokuhlanza engu-1 800 esetshenziswa e-Unites States bathola ukuthi inamakhemikhali anomthelela ekuphazamisekeni kwemizwa.
Amakhemikhali amabili ayizithako zeminye imikhiqizo aziwa ngama-quaternary ammonium compounds (quats) ne-organophosphate. abaretardants, angase abe nomthelela omubi empilweni yobuchopho bomuntu.
Ama-quats atholakala emikhiqizweni yokugeza umzimba, eyokuthambisa izindwangu, ama-shampoos, imikhiqizo yokuvikela ilanga, kuma-baby wipes, okhilimu bokushefa, ama-nail polish, okhaphethi nezibulala-magciwane.
I-Organophosphate itholakala ezintweni zikagesi, ezokwakha, ifenisha nakucwazi.
Ngokwalolu cwaningo, ama-quats abangela ama-oligodendrocyte okungamagqamuzana obuchopho akhiqiza ulwelwesi oluvikelayo ukuba afe, i-organophosphate flame retardants iwavimbela avuthwe noma akhule ngokwenele.
Omunye wababhali balolu cwaningo uDkt Paul Tesar we-Case Western Reserve University School of Medicine uthe ucwaningo luveza ukuthi ukukhiqizwa kwama-oligodendrocyte, okuphazamisekile kuhlobene nokuphazamiseka kwemizwa njenge-multiple sclerosis ne-autism.
Ngakho-ke abacwaningi bakholwa ukuthi bathole 'ubungozi' obungasiza ekuhlonzweni nasekuvikelweni kwalesi sifo.
"Sithemba ukuthi umsebenzi wethu uzoba nomthelela ezinqumweni ezinolwazi mayelana nezinyathelo zokulawulwa kwala makhemikhali," kusho uTesar.
Bangu-1.8 million abantu emhlabeni jikelele abane-multiple sclerosis, ngokusho kweWorld Health Organisation (WHO). Ngokwale nhlangano ingane eyodwa kwezingu-100 emhlabeni ine-autism.
UDkt Erin Cohn ongumbhali kulolu cwaningo uthe isibalo sezingane ezine-Autism e-US siphindaphindeke kathathu eminyakeni engu-16
Lokhu kwenza ukuthi kube nemibuzo yokuthi akukho yini okunye okunomthelela ekutheni lesi sifo sande ngaphandle kwalokho okwaziwayo kokuthi kusuke kunenkinga yama-genes nokuthi nemvelo ingaba nomthelela.
Ama-quats kwaziwa ukuthi ayasebenza ekubulaleni amagciwane kanye nesikhunta.
"Ukusetshenziswa kwemikhiqizo yokuhlanza, izibulala-magciwane kanye namakhemikhali kunomthelela empilweni yomphakathi emakhaya, ezikoleni, ezindaweni zokunakekelwa kwempilo nasemiphakathini nsuku zonke.
“Ngemuva kokuhlasela kweCovid-19 kwenyukile ukusetshenziswa kwezibulali magciwane ezihlanza izandla," kusho uDkt Teaser.
Ucwaningo olwenziwe ngo-2022 olwenziwe emagundaneni luveze ukuthi i-organophosphate flame retardants iguqula ukukhula kobuchopho enganeni esasesibelethweni.
I-American Osteopathic Association yabheka imiphumela yamakhemikhali emagundaneni yathola ukuthi abangela ukwehla kwezinga lesidoda emagundaneni esilisa, awesifazane abe namaqanda amancane okudala ukuthi azale amagundane akhubazekile noma anezimo zempilo ezikhomba ukuphazamiseka.