MHLELI Ngicela ungivumele ngililele amaqhawe amabili asanda kudlula emhlabeni.Ngingasho ukuthi abantu bakithi ababulawa nsuku zonke angisho lutho ngabo.ngoba liyothi lisithela engithumele ngalo le ncwadi kuwe kuyobe sekufe abanye ngezizathu ezehlukene.SekukwaJombigazi ezweni lakithi.Kungiphathe kabi kakhulu ukubulawa kukadokotela Dumisani Khumalo induna yasOsuthu.Umuntu omdala kangakaya. Ngisho ngabe ubulewe ngasiphi isizathu kodwa kuwubudlwembe nonya olubi ukubulawa kwakhe. Ngikhumbula sihlangene Ondini ngesonto lokugcina kuJuni nabanye osomlando abadala kulungiselelwa umgubho wokukhumbula ukushiswa kwesigodlo sasOndini esashiswa ngomhla ka 4 Julayi 1879. Kwakungu 2019 SisOndini.Owayethunywe uNgqongqoshe uMnuz Kwazi Mshengu owayephethe ezemfundo enkulumeni ayeyibhalile kwakunebinzana elalithi:"Abantu bethu".Wamqondisa uMtungwa wathi Isilo kuphela esinabantu.
Ngiyakhala kakhulu nangoMnuz Bongani Mavuso obeyimbongi, iciko, usomlando enentshisekelo ngolimi lwakubo elukhuthaza futhi. Ngeke ngisasho okuningi ngoba sekukhulunywe kakhulu ngaye. Sikhalela yonke imindeni yakhe, owakubo ekhaya,owoKhozi nathi balaleli balo bese simthatha njengelungu lemindeni yethu.Ngigcine ukumlalela ekuseni ngomhla ka 24 Septhemba enengxoxo noSolwazi Vika Gabela kanti sengiyalugcina Udonga LukaMavuso.Sebeyolala ngoxolo. Ziyofa izinsizwa kodwa ziyosala izibongo izona eziyosala zibakhulumela.Yasho kanjalo imbongi enkulu yeNkosi uDingane kwaZulu uMagolwana kaMkhathini wakwaJiyane.
Phila Mthethwa.
EMpangeni