MHLELI: Ngingumfundi ongaphuthelwa Isolezwe. OMnuz Cyril Xaba kade babelicula leli culo labo lokuvalwa nokubhidlizwa kwamabhidili asethunjwe yizithandwa zabo okungabantu bokufika eNingizimu Afrika.
Kula mabhilidi kuqhubheka ubugebengu obunhlobonhlobo nalapho kusetshenziswa ulusha lwethu ukudayisa ngomzimba nezidakamizwa.
Iqiniso esilaziyo ukuthi uKhongolose ubathanda ukubhubha abantu abadabuka kwamanye amazwe. Akafuni ukuthi bathintwe. Uma nje uke wakhuluma kabi ngabo noma wabathintwa, sekuzothiwa ucwasa ngokobuzwe.
Bazeseka ngale nto yabo yokuthi nabo ngesikhathi sobandlululo babekhosele emazweni abo. Umbuzo ohlezi ubuzwa othi, ngabe nabo babeqhuba lokhu kubola okwenziwa yilaba bantu ngenkathi bekhosele emazweni abo?
Mina ngiyobonga sebewachithile lawo mabhilidi uma kungesikho ukuthi ukukhohlisa thina njengiziduphinga zabo besaqhuba khona ukunxenxa amavoti.
Senzo Ndlovu
E-HOWICK