INCWADI: Diva
UMBHALI: Daisy Goodwin
ABASHICILELI: Head of Zeus
KUMFUNDISA ukuzimela umculi we-opera ukukhula ngesikhathi sempi bese umndeni wakhe usuka eGreece, uyofuna amadlelo aluhlaza e-USA.
Yize uMaria Callas La Davina, wayeyintandokazi ngenxa yephimbo elimtoti kweze-opera futhi ephila ntofontofo nosaziwayo baseNew York, washona esehlwalile futhi sebemshaya indiva abanye.
UDaisy Goodwin, umbhali wenoveli ethi Diva, uyachaza ukuthi inhloso yokuloba wukuqhakambisa iqhaza likaMaria Callas, kwezomculo we-opera nempilo yakhe yobukhazikhazi. Akahlosile ukubhala incwadi ngomlando ngempilo yomculi kepha usebenzise ulwazi oselushicilelwe ukuloba inoveli.
Ngokusho kukaDaisy, kuningi okuhle okwenziwa nguMaria Callas kwezomculo nezokungcebeleka e-USA, kepha abaningi bakushaya indiva. Udumo lomculi lwamlethela injabulo, uthando nenjabhiso. Kubhimba izinto uma eseshadile bese ehlangana nesicebi.
Kwaphela umshado kaMaria Callas ngemva kokubonana nempunyela engu-Aristotle Onassis. Bahlangana nje, usengumculi ohlonishwayo futhi usecebile ngokwakhe ngakho akalandeli imali yenjinga kepha uthathwa wuthando.
Okuhlalukayo wukuthi uMaria Callas wayesezitshelile ukuthi uthole umaqondana ngoba bobabili beno-Aristotle, babezigqaja ngamasiko abo aseGreek, yize bekhulele e-USA.
Ukhexa umlomo uMaria Callas, ubemphuca iqatha emlonyeni. Lokhu kwenzeka ngemva kwemibiko yamaphephandaba ethi isithandwa sakhe u-Aristotle, sishada nomfelokazi uJackie Kennedy, owayeshade noJFK Kennedy, owayengumengameli wase-USA.
Uvele adunyelwe yikhanda uMaria Callas, azibuze ukuthi imibuzo engaphenduleki.
Ekhasini 316 kulotshwe kanje: “Ngizothini? ngenze iphutha, Maria. Bengicabanga aukuthi uma ngishada naye ngeke ngihlulwe yilutho, kuzovuleka iminyango, zonke izivumelwano zamabhizinisi zizohamba kahle,” kuphendula u-Aristotle, ezama ukuzincengela kuMaria Callas ngemva kokushada noJackie Onassis.
Impunyela yashada uJackie ngemva kwesikhashana bezwana ekubeni base beneminyaka eyisishiyagalolunye bethandana noMaria Callas.