Mhleli: Kwelakho eliwela umfula ugcwele ngicela ukuncoma umsebenzi owenziwa ngu-Ayanda Melansi ongumdidiyeli wohlelo lwasekuseni olwethulwa nguTshatha benoNongcebo, Isidlo Sasekuseni.
Le ntokazi iphinde ibe ngumdidiyeli wohlelo uSigiya Ngengoma kulo uKhoziFM olushayelwa nguTshatha benoZimiphi Biyela.
Le ntokazi yaseLamont inesiphowo njengoba lezi zinhlelo ezididiyelayo zihamba phambili kulo msakazo oyisikhondlakhondla. Ayizithwele futhi inomoya umuhle ngisho nasezinkundleni zokuxhumana ikuphendula kahle futhi uyabona ukuthi uthando lwabantu yinto ezalwe nayo.
Qhubeka Ayanda nomsebenzi wakho omuhle ungazithwali siyakuthanda singabalaleli boKhozi FM olundizela phezulu.
Nhlaka Cele
eMkhazini