NGOLWESIHLANU olwedlule kuwusuku lwe-Valentine’s ngibone isimanga. Bekubhuza ezinkundleni zokuxhumana, izilokotho ziya ngapha nangapha.
Nezinyosi imbala zidideka zingazi ukuthi zizolandela ziphi izimbali. Ngiyasola kodwa ukuthi bezidinwa kabi uma zilandela imbali engamanga kanti zona ukuze zenze uju, zidinga izimbali zangempela.
Baningi abalale bejabule, bethembisene umshado nabanye abalale sekonakele. Sithi ithuba lisekhona, asizameni nangonyaka ozayo. Kulabo izihlathi ezideze zivakashela izindlebe ngenxa yokumamatheka, asikukhumbuzane futhi ukuthi uthini umthetho.
Umthetho usubuka ngamanye amehlo manje kangangoba bakhona asebatshelwa yinkantolo ukuthi cha, noma ningakaze nime phambi komfundisi kodwa ngokwezenzo zeno kuhlanganiswe ilobolo kanye nemicimbi esenayenza senithathwa njengabantu abashadile.
Imithetho elawula imishado:
Ukuze siyiqonde kahle le ndaba asithi halamuzi emthethweni elawula imishado. Sine-Civil Marriages Act ethi uma uneminyaka engu-18 nangaphezulu, nivuma ningashadiswa -imarriage officer noma umfundisi. Uwugade lo mshado ngoba awudinge lobolo, yingakho ukwazi ukungena uphume ehhovisi lwakwa-Home Affairs usushadile.
Kukhona ne-Recognition of Customary Marriages Act, yona ebheke imishado eyenziwa ngokwesiko. Lona uthi izithandani azibe ngaphezu kweminyaka engu-18, zivumelane ukuthi zizoshada ngaphansi kwalo mshado. Akube khona izingxoxo zamalobolo, kungenwe emshadweni noma kujatshulwe ngokuhambisana nemigomo nemibandela yaleyo, naleyo migomo yesiko noma usikompilo.
Sivale ngomshado ofana ncamashi ne-Civil Marriages Act, obhekele abafowethu nodadewethu abathandana nobulili obufanayo. Wona uthi yibani ngaphezu kweminyaka engu-18, nivumelane, nishadiswe yi-marriage officer. Lona umthetho obizwa nge-Civil Union Act.
Imigomo nemibandela elawula imishado
Yilapha ngifuna ukugxila khona kakhulu-ke ngoba iningi labantu liyadideka lingazi ukuthi lizokwenze njani. Abanye baze bazithole sebesobishini uma sekuhlukaniswa.
Mithathu lemigomo nemibandela:
In-Community of Property: Imali engenayo yakho, izikweletu zami nezakho zihlanganisiwe.
Out of Community of property with accrual: Konke esikuthole singakashadi kungaphandle kwefa kodwa esikuthole sesishadilie okwethu. Uma kuhlukaniswa kuyobhekwa ukuthi ubani okwakhe okukhuphuke kakhulu, bese kukhokhelwa yena.
Out of community of without accrual: Lapha sithi okwami, okwami kanti nokwakho okwakho, into esihlanganisile uthando nobumnandi qha.
Kubalulekile kodwa ukwazi ukuthi uma usukhethile wenza kanjani ukuze izifiso zakho ngalezi zinhlobo nemigomo nemibandela zigcine zifezekile. Phela awukhethi ngomlomo nje, kunenkontileka oyibhalelwa ummeli oyi-Notary ebizwa nge-Antenuptial Agreement, emininingwane yayo egcinwa ehhovisi le-Deeds Registry.
Lesi sivumelwano sisayinwa kuqala kanti kungathatha amasonto angafika kwayisithupha ukuthi sibhaliswe. Yingakho kubalulekile ukwenza izinto kusenesikhathi.
Wabhalisa sekudlule isikhathi kuzothathwa njengokuthi uthathe umshado ohlanganisayo.
Abakhongi bengakaphumi
Ngaphambi kokuthi baphume abakhongi, nina njengezithandani, tholani ukwelulekwa ngokomthetho mayelana nezinhlobo zemishado nemigomo nemibandela ekhona ukuze nishade ngendlela enifisa ngayo. Kwenzeni lokho abakhongi bengakaphumi ngoba iningi lethu liqala ngamalobolo. Thola ukwelulekwa ummeli kusaqalwa nje.
Uma ekwazi ukuthi abe yingxenye yethimba lakho kungakuhle. Uma kungenzekanga lokho, qiniseka ukuthi uthola umuntu ozokwazi ukuqopha phansi ukuthi abakhongi bavumelana ngani. Abakhongi abaziwe, basayinde ukuthi ngempela lokho okubhalwe la ngaphezulu kuyiqiniso.
Uma sekuqoshwa ukuthi kuvunyelwene ngani emshadweni yila kuzovela ukuthi imiyalelo yalabo abathandanayo ibithini, kulandelwe yona.
Khumbula, abakhongi bangaphenduka ofakazi uma udaba luya enkantolo uma ngabe kukhona ukushayisana ngemibono yokuthi kwakuvunyelenwe ngani.
Nangesikhathi imicimbi yenzeka, kube khona ushintsho, nalo alubhalwe phansi kuvunyelwane ukuthi cha, siyajika manje kukhona esikwengezayo noma ezikususayo.
Imiqingo yemithetho ayisho lutho ngothando, okukhomba khona ukuthi bheka izinto ngamehlo omthetho kuphela, hhayi ngamehlo othando.
Ukuthi anihlanganisile emshadweni wenu akusho ukuthi anithandani. Noma kukhona ozobaleka nomshwalense wemoto, siyawuthatha yize singahlelile ukuthi sizokwenza ingozi. Ngaphambi kokuthuma abakhongi, tholani izeluleko kuqala nithole ukuthi izinto zenu ningazivikela kanjani.
Incwadi yamafa ayingasali kunina njengezithandani, ithi uhamba ube ususitshelile ukuthi izinto zakho ufuna zihlukaniswe kanjani uma ungasekho, umuntu wakho omusha angabangiswa abantu bakini befuna amafa ababekade bewagaqele.
Ukungena emshadweni yigxathu elihle, elikhulu futhi elibalulekile, ungavele ungene nje ungahlelile. Hlalani phansi nihlele izinto zenu, nelulekwe ngokomthetho, ngokwezimali nangokwengqondo. Imishado ayingashabalali ngenxa nje yokuthi asikwazanga ukuhlela izinto zethu ngendlela.