ULALE ebaliwe umsebenzi obengumshayeli weloli elithwala amanzi kuMasipala weTheku kulandela ukubanjwa kwakhe oqotsheni entshontsha udizili elolini likamasipala eReservoir Hills, eThekwini.
Kubikwa ukuthi ilungu lomphakathi lincinze umasipala indlebe ngesikhathi lo mshayeli ebonakale ekhipha udizili emotweni ethutha amanzi eReservoir Hills, ngoLwesibili.
Kuthiwe ngemuva kokulunywa indlebe, ithimba labaphenyi libe selinikela endaweni yesigameko, zabe sezimkhalela lo msebenzi.
Ngokwesitatimende esikhishe nguMasipala weTheku, sithe ngesikhathi lo mshayeli ebanjwa, iloli abehamba ngalo bekumele engabe lisendaweni lapho okulungiswa khona izimoto zikamasipala futhi yena ubesekhefini ngesikhathi ebanjwa.
Inhloko yeCity Integrity and Investigations Unit kuMasipala weTheku, uMnuz Jimmy Ngcobo, ibonge ilungu lomphakathi ngokuba nesibindi sokubika imisebenzi yokukhwabanisa nenkohlakalo.
"Umasipala ulahlekelwa yizigidi zamarandi ngenxa yokwebiwa kukadizili nezinye izinsiza. Olunye uphenyo luveze ukuthi ukwebiwa kukadizili sekuphele iminyaka engaphezu kwemibili kwenzeka.
“Umsolwa ubedayisa udizili ngo-R13 ilitha ngalinye, okuyinto eshibhile kakhulu uma kuqhathaniswa nezinga likadizili elikhona njengamanje. Ubenza imali ebalelwa ku-R5 200 ethangini lamalitha angu-400," kusho uNgcobo.
Uxwayise abanye abasebenzi abangase babandakanyeke emisebenzini yokukhwabanisa noma yenkohlakalo, ukuthi nabo bazokhalelwa amasongo kaSigonyela.
"Sikuqaphile ukusetshenziswa kukadizili yizimoto zomkhandlu. Kwakumangalisa ukuthi iloli elilodwa laligcwalisa udizili kane ngosuku. Kukhona namaloli asebenzisa kakhulu udizili ngenyanga.
Abasebenzi abanalokhu kuziphatha bayinkinga. Umthetho wezabasebenzi uthi ukweba emsebenzini kuwukuziphatha kabi futhi kufanele kunikezwe isigwebo esifanele icala."
"Abasebenzi ababanjwe benza ukukhwabanisa noma inkohlakalo abakwazi ukusula esikhundleni ukuze babalekele icala lokujeziswa kwangaphakathi njengoba kune-moratorium evimbela abasebenzi abanamacala obugebengu ukuba bashiye umsebenzi wabo," usho kanje.
Uphinde waveza ukuthi amacala okuntshontshwa kukadizili, ukwebiwa kwetiyela, izingxenye zezimoto, ukudayiswa kwezikhwama zemfucuza, izinto zokubhala, nokusetshenziswa kabi kwemikhumbi kaMasipala, ngezinye zezigameko eziphenywayo.
Uthe abaphathi kumele baqinisekise ukusebenzisa nokuthatha izinyathelo ezinqala futhi eziqinile zokulawula ukukhuthaza abasebenzi ukuba bentshontshe emsebenzini. Uthe umphakathi ungabika ngokukhwabanisa kanye nenkohlakalo enombolweni engu-0800 20 20 20 noma bathumele i-email ku: [email protected]