MHLELI: Ngithi ake ngiveze ubuhlungu obuziwa ngothisha eNingizimu Afrika. Okokuqala; angikaze ngizwe eminye iminyango kahulumeni yenziswa imisebenzi kathisha. Umsebenzi wakhe ukufundisa ingane ekilasini futhi kuba yisivumelwano aba naso nomqashi.
Ukuthi ingane ngokomqondo noma empilweni ikusiphi isimo, kuneminyango ebhekelele lokho. Izidakamizwa, izikhali nokunye, kuhlanganisa ukungaziphathi kahle kwengane, kudinga abanye.
Namuhla, ngibona ngoba ngezigameko zokungaziphathi kahle kwezingane kukhalwa ngothisha. Kungani umzali angaphenduli esigungwini esiphethe isikole (SGB) ngokuphatha kwengane yakhe isikhali, izidakamizwa nokunye?
Ngabazali abagcina bezofuna izimpendulo kothisha. Uma sezigwazene kuphinde kusolwe othisha ngokungaziphuthumisi emtholampilo. Umbuzo uthi imoto kathisha noma kathishanhloko iyi-ambulensi yini?
Ngibona izinyunyana zibathengisile othisha. Zivumeleni ukuthi ingane ezithwele ize esikoleni izinsuku zayo seziseduze? Othisha abahlangani nokutetisa umuntu, baqashelwe ukufundisa kodwa bayalithwala icala uma bengayisizanga ingane. Angikaze ngizwe kuthiwa ingane efundayo uma ifika esibhedlela iyobeletha, onesi bathatha incwadi bayifundise ukuze ingasali ezifundweni kodwa othisha bona kufanele bayibelethise esikoleni.
Ejele ziyaboshwa izingane zihlale inyanga nangaphezulu kodwa amaphoyisa awazifundisi ukuze zingasali esikoleni kepha uthisha yena kumele alwe nezidakamizwa esikoleni, azephuce nezikhali. Baphi abazali? Eyabo indima isidlalwa ngothisha kuphela. Ingane isuka nezikhali ekhaya nezidakamizwa kodwa kophendula uthishanhloko esikoleni uma sekunenkinga.
Siyacela bakithi ezinyunyaneni zothisha. Bathwele kanzima othisha. Imiholo yabo mncane, ngapha kunemisebenzi okungeyona eyabo kodwa okubhekeke ukuba bayenze. Uma beke benza iphutha, bathusa ingane ngoswazi yavika yalimala, sebeyogcwala ezinkundleni zokuxhumana, kushiwo yonke into ngabo. Nomzali athi ufuna ubulungiswa eseyolwa esikoleni, athi: “Izishaywe nje yenzeni? Ivele yasukelwa nje? ake kuphendulwe lokho kuqala!”
Muzi Zulu
ENYONINI