LIBUNJWA liseva, kusho isiZulu. Kuba njalo uma kuthuthukiswa ukusetshenziswa kolimi lwebele ezinganeni. Yingakho kuqinisa idolo ukudidiyelwa nokushicilelwa kweqoqo lezindatshana zesiZulu.
Incwadi ethi Singabangani sonke, ilotshwe ngababhali abehlukene, yahlelwa nguNoxolo Mthethwa, yashicilelwa yi-UKZN Press.
Iqoqo liwumphumela wohlelo lokuthuthukisa ababhali abasathuka isisinga, ngaphansi kwehhovisi Lokuhlelwa nokuthuthukiswa kolimi eNyuvesi yaKwaZulu-Natal.
Phakathi kwezihloko ezihlaba umxhwele kubalwa izindatshana ezifundisa ngemindeni, ukuzinakekela, ukuzivikela nokunye. Incwadi ingasiza izingane ukuthi zifunde ukuphimisa kahle amagama esiZulu. Izosiza futhi lezo zingane ezifunda ezikoleni ezizimele lapho kusetshenziswa khona isiNgisi.
Izolekelela abazali nothisha bakwazi ukwakha isisekelo esiqondile ekufundiseni ulimi lwesiZulu.
Ungaphuthelwa yithuba lokuzizwela umhleli wencwadi uNoxolo, eyifundela umphakathi ngo-Okthoba 22, ngo-3 ntambama eSeth Mokitimi eseMethodist, eScotsville, eMgungundlovu.
Ziningi izincwadi ongazifunda https://www.ukznpress.co.za/