USAZIWAYO wezinhlelo zethelevishini, uThembisa Mdoda-Nxumalo, ukhuza ibuya kwithelevishini njengoba ezokwethula uhlelo okuhloswe ngalo ukulekelela imindeni engazi ukuthi izothathani ihlanganise nani ukungcwaba abathandiweyo bayo.
UThembisa, osemnkantshubomvu kule ndima yokwethulwa kwezinhlelo, uzokwethula uhlelo olusihloko sithi Icebo Labantu. Ngokusho kwesitatimende esithunyelelwe abezindaba, okwenze kwaqhanyukwa nalolu hlelo wukudlula emhlabeni kwabantu bakuleli abangaphezu kuka-1 300 njalo ngosuku.
Kulabo bantu, kunabaphuma emindenini edla imbuya ngothi kangangoba idunyelwa amakhanda ngoba isuke ingazi ukuthi izobangcwaba ngani abathandiweyo bayo. Yingakho uThembisa nethimba lakhe bezoba ngabaSamariya abalungileyo ngokuqhamuka nesixazululo ukuze abangasekho bafihlwe ngendlela enesithunzi nesizotha.
Ngokusizwa yinkampani esizakhele ugazi ngokungcwaba abantu abaziwayo, Icebolethu Group, uThembisa uzobamba iqhaza ukusiza leyo mindeni ehlangabezana nezingqinambi ukuze ikwazi ukufihla izihlobo ngendlela efanele.
UThembisa uthe Icebo Labantu, akusilo nje uhlelo kodwa wumkhankaso ongempilo yangempela. Uthe lolu hlelo luzobe lulekelela imindeni eshonelwe ngakho konke.
"Sivula inkundla lapho isithunzi, isizotha, uzwelo nobuntu kuhamba phambili.Kuzobe kungokokuqala uhlelo olufuze lolu lusiza imindeni hhayi ngokuyiklomelisa kodwa ilekelelwa ngokohlelo lwaseCebolethu, olubizwa nge-Icebolethu Cares."
Oyisikhulu esiphezulu seCebolethu Group, uNomfundo Mcoyi, uthe ngesikhathi ithimba labadidiyeli balolu hlelo limtshela ngalo mqondo, akangabazanga ngoba kwakufanele lwenziwe.
Uthe kubona akukhona okokuqala bekhombisa ubuntu emindenini eshonelwe.
"Sisekele imindeni ebibhekene nobunzima iminyaka engaphezu kwewu-15 kodwa le nkundla yenza okwedlulele. Kuyindlela yokukhombisa uthando kubantu ngesikhathi abaswele ngaso."
Oyinhloko yeSABC 1, u-Ofentse Thinane, uthe bona bahehwa kulobu budlelwano wukuthi lolu hlelo luhambisana nenqubo yabo, okuwukunakekela abantu.
"Iningi labantu bakuleli alikuhlomeli ukufa futhi alikulungiseleli ngokwanele ukubhekana nezikhathi ezinzima."
Imindeni edinga usizo lokungcwatshelwa izihlobo ngesizotha izofaka izicelo ngoWhatsApp nange-e-mail ezomenyezelwa kulesi siteshi.
Umkhankaso wokuthungatha leyo mindeni uqale ngale nyanga, kanti uzophothulwa ngoJuni kulo nyaka, okuzobe sekuqala ukusakazwa kweCebo Labantu kuSABC 1.
UThembisa akasilo neze ivukana kulo mkhakha njengoba azakhela udumo ngokwethula ngobuchule uhlelo lwemishado i-Our Perfect Wedding.
Wethula ne-The Mommy Club Reunion ngo-2015 nango-2023. Ngaphandle kwalokho ubuye wazakhela ugazi nasemkhakheni wokulingisa kangangoba usebuya nakwiThe Queen nakwiHouse of Zwide.