UMSAMO: INGONO NENKABA
KUKHONA izinto okuthi noma ungahlupheka kangakanani kepha ongakufanele uphume ekhaya uthi, uyozibheka kumelaphi wendabuko, isangoma noma umthandazi.
Uma uphuma uyozibheka, uzothola ukuthi uzohlupheka kakhulu kunakuqala ngoba yizinto ezithinta wena. Kuyenzeka kube yisintu, abakini, neziko lempande yakini! Kunabantu abatshelwa ukuthi kufanele babethele imizi yabo, bese bevumela izinyanga ukuthi ziphume, zingene emizini okungeyona eyazo. Okungeyamathongo! Ithongo lakho ligcine licasuka, bese livala yonke into.
Okufanele sikukhumbule ukuthi, konke onakho ukunikezwa yithongo lakho hhayi elikagobela, elesangoma noma elomthandazi. Qaphela uma ubangenisa emabaleni omuzi woyihlomkhulu, ngabe bahlanzeke kangakani ngoba namhlanje abantu sebaphatha izimpande nemithi engalungile? Angisayiphathi-ke yomuntu othi enze umsebenzi abe esebiza umthandazi noma isangoma athi sizomphathela umsebenzi ukuze uhambe kahle. Umbuzo uthi leso sangoma singesakwa bani? Wena ungowakwa bani? Ngabe uzokhulunyelwa yisibongo somunye umuntu, uphinde umsebenzi wabadala uzobhekwa ngumuntu ongesona sihlobo lapha ekhaya? Kulapho siyaye sithi siyalungisa kanti sesona kakhulu kunakuqala. Angisayiphathi eyalaba abafike bathi bazokulungisela umsamo, bazokhipha izidalwa, bazifake sebezigezile, bese bekungenisela abantu abadala.
Elinye iphutha elikhulu esilenza sibhekile ngelokuthi, bathi abadala bafakwa nguyihlo ekhaya noma wazenzela wena ngokwesintu esiphelele, bese uyahamba uyohlola, kufike kuthiwe abakho ekhaya. Kuthiwe izidalwa ziphumile, bese uyagijima uthi lowo muntu okubhekelayo akeze azokufakela bona. Ukhumbule, bambalwa abelaphi noma ogobela okuthi uma kufike kubona, bathi obukwenzile kuhambe kahle. Iningi lithi akwenzekanga. Uma ubuza ngenzenjani impendulo iphuma iqhashe, ithi ngizokwenzela. Lokho kuchaza imali okufanele iphume. Kuthi uzenzela umsebenzi ngokuthanda kwakho uziphela abakini isithebe, usuyaphuma uthi uyozwa ukuthi kuhambe kanjani, wenza elikhulu iphutha! Bhasobha ungahlangabezani nenkulu imbibizane. Khumbula namhlanje akuselashwa ukulahleka kwesintu, nezimbangela zezinkinga onazo, sekulashwa imali.
Izinto okufanele ungalinge uphume uthi uyokuzizwa ohlanyeni yilezi: eziyisintu nesiko, njengokufaka abantu abadala, umsebenzi obuwenzile, uyaphupha kodwa awuqondi. Okufanale ukwenze ngamaphupho wukuthi ubuyele kwabadala, ubabuze ngokuphahla ukuthi bebeqondeni? Uma bengabuyi nempendulo, usungaphuma. Kusemqoka ukuthi uyobheka kumuntu okwazi ukuchaza amaphupho ngoba akubo bonke abelaphi abaphiwe ukuchaza amaphupho, nezibonakaliso. Inkinga yesibongo ungalinge uthi uyoyibheka, lungisa ngokwesintu. Ngaphambi kokuba uphume, bheka umndeni wakho ukuthi uqhamuka kuphi? Zibheke wena udlule kuphi? Bheka ukuthi ngabe bazali bakho baze bakuthole, maphutha mani abawenzile? Konke lokhu kufanele kube yizinto ozifunela wena, uzitholele bese ubheka ukuthi isintu nesiko kuthini. Uma ufuna kukulungisa ngokuya ohlanyeni, uzodukiswa kakhulu.
Okutshelwayo, kubheke ukuqhathanise nalokhu okukuhluphayo. Ngeke wazi kahle kamhlophe ukuthi ngabe umama wakho akashadanga nobaba wakho kepha kuthi uma usugula bese kuthiwa hamba uyokwenzelwa imbeleko ekhabo baba wakho. Wumphuphe wasemini, ehlobo libalele lowo! Uma ugula ungena esibhedlela bese kuthiwa idla igobongo buza ngelani?Lizokusiz kuphi? Uma ingane yakho igula iqunjelwe yisisu, ibhodla bese kuthiwa ayidle igobongo, ithwase. Phika, ulale ngomhlane!
Ayikho into enkulu njengomuzi nomzimba wakho. Qaphela kungadlalwa kulezi zinto ezimbili ngoba zinguwena ingunaphakade. Uboqaphela izingcabo ogcatshwa zona, kuthiwa uyaqiniswa ngezenhlanhla ngoba ziyonamathela unomphela lapho awazi nokuthi ufakwani emzimbeni. Umuzi akho ngowethongo nabadala bakini. Uma ubethelelwa yini lena efakwayo emzini kayihlo? Emandulo kwakubethelwa kukhishwa abafana uma liduma konke kwenziwa ngeqiniso, nangobuqotho. Namhlanje sekunongabazane. Iqiniso selifana neMpumalanga neNtshonalanga. Kuvamisile ukuthi kade uphila unenhlanhla, unele uyokwenzelwa konke lokhu kuvele kube mnyama kunakuqala. Uma uthi uyaphindela kunokuthi unakwe, kulungiswe, uvele ubalekelwe. Kugweme ukuthwasa ngoba ugula noma uhlupheka. Bagweme abelaphi ohlangana nabo emigwaqweni bathi uyokwenza nini ukuthi nokuthi. Uma uphupha akube yinto yokugcina ukuyozwa ngamaphupho akho ngoba uzothi uyasizwa kanti usuyavalwa lawo maphupho. Baningi abathi ngangiphupha, nganele ngenza ukuthi kwaphela konke.
Ukungazi nokulahlekelwa okwakuyisintu yikhona okusigulisayo, bese siyaphanjaniselwa sitshelwa okungekhona. Indlela ephephile wukuthi uqale ngokuthola ukuthi isintu nesiko kuthini, kunokuthi uchithe imali eningi ungasizakali. Kuyenzeka kube khona umhlola, kube ukona kwakho, kube khona okungalungiswangwa ngabadala asebahamba, noma umlando wokwenzeka, okungukhiye wempilo yakho.
Kuthi ekukhuleni uthole ukuthi kukhona abangakutshelanga kona abazali bakho okwenzeka kuwena. Kuyenzeka ukuthi ubeyingane eyacelwa kwabaphansi, kumbe phakathi kukamama noma ubaba kukhona owaphupha egone ingane. Watshelwa ukuthi igama laleyo ngane kuyokuba ngubani. Kepha bangakwenzi lokho. Kuthi uma usukhulile wena usuyahlupheka kanti yilolo lwazi olukuhluphekisayo ongazange waluthola, nokwakufanele lugcinwe ngesiko lesintu. Khumbula lokho kungenzeka nasezinganeni zakho.
Bhedlindaba “VVO” Ka Lu Phuzi Mkhize
Isogodlo SaseMlambomunye: School of African Indigenous Science
KZN 087 11 00 555
GAUTENG: 010 007 5294/5