UBUNAZARETHA sebudicilelwe isithunzi sakho isikhathi eside ngenxa yombango wobuholi.
Lo mbango wobuNazaretha selokhu waqala ngo-1970 ngemuva kokukhothama kwenkosi iLanga. Usalokhu uqhubeke njalo; eqinisweni yilona cala eselidonse isikhathi kunawo wonke emlandweni wamacala eNingizimu Afrika.
Sekuze kwakhothama amajaji amabili, kwathi amathathu athatha umhlalaphansi selokhu kwaqala lo mbango.
Kubuhlungu ukuthi amalungu omndeni angabaholi bamathempeli ahlukene yibona abasophondweni ekuvumeleni ukuthi umlando kababamkhulu, oyigazi labo, uhudulwe ezinkantolo. Akekho omsulwa phakathi kwabo, ngoba njengokhulumela umndeni ukuthi besingahluleka ukuthi sihlale phansi sibhunge ngalolu daba. Ngisho kungathiwa kungathatha impelasonto eyodwa noma isonto lonke, akunani. Ngisho kungathatha inyanga ngoba le nto ayikaze ilungiswe.
Engifuna ukukubalula kakhulu wukuthi ubuNazaretha noNkulunkulu ikhona okwakulethwe ezweni lakithi emagqumeni aseNanda. Kudlondlobale kwaya ezindaweni ezahlukene nasezifundazweni zalapha eNingizimu Afrika yonkana nasemazweni angomakhelwane anjengeSwatini namanye.
Sikhohlwe ukuthi akekho umuntu olwa ukuthola isikhundla sikaJesu Khristu njengoba sikholelwa wukuthi uShembe naye wayethunyelwe uNkulunkulu.
Akekho noyedwa othi mina ngiyigazi likaJesu, ngakho ngifuna ukuba yinkosi yamaKhristu. Kungani pho uma thina sinomuntu owafika wayesengenwa umoya oyingcwele, wenza le misebenzi ayenza ukuze abantu baphile futhi bakwazi nokukhuluma noNkulunkulu, kube khona abantu abayigazi bathi bona bafuna ukuba abaholi?
Bekunani ukuthi uma ngabe uphethe ibandla noma ithempeli elithile niguqe nonke nithandaze lo nkulunkulu owaziveza kubabamkhulu? Le nto yokuya ezinkantolo yenza kube sobala ukuthi kungenzuzo le omunye nomunye wabanewethu acabanga ukuthi angayithola, uma kunguyena umholi.
Angimazi mina umuntu othi othi uyayihlonipha into naye azalwe ikhona azi ukuthi ayilona ifa kodwa athi nguye ophethe. Akusho lokho ebe azi ukuthi le nto yayiqale kuphi nokuthi uNkulunkulu wayetheni kubabamkhulu.
Sidlule lapho, size sifike odabeni lapho iNkantolo eNkulu eThekwini neyaseMgungundlovu zakhipha isinqumo sokuthi wubani onegunya lokuphatha ebandleni. Kuphinda kube wukuthi lolu daba ludlulisiwe layiswa eNkantolo yokuDluliselwa kwamaCala eBloemfontein kuyoliwa nesinqumo esathathwa amajaji emva kweminyaka emine.
Ukudlulisa leli cala kufana nokwedelela. Hhayi kuphela uNkulunkulu noShembe uqobo kodwa nezinkantolo. Ngiyacabanga ukuthi amaNazaretha lawa asasukuma njalo aye emabandleni noma emathempelini, sicela ehlise umoya ngoba asefakwe ushevu wokuzikhethela umholi.
Kubuhlungu okwenzekayo ngoba laba bantu asebezenza izinto ezinkulu phambi kukaNkulunkulu, bona uqobo lwabo abayona into enkulu.
Into enkulu la uShembe. Yena owakhuluma noNkulunkulu ngqo. Ukuthi kubona kuyaye kufike kanjani uma becabanga umoya kaShembe la ekhona ebuka umndeni wakhe, abaholi bebandla, abefundisi namaNazaretha uqobo ehlukanisa umndeni. Lokhu bakwenza ngokuthi bathi, ubani ongesiye umholi.
Le nto yokuthi kuzoba nomholi oyeda ilibulele leli bandla ngoba mkhulu umsebenzi okufanele engabe leli bandla seliwenzile emphakathini.
Lo msebenzi kufanele engabe uyabonakala lapha eNingizimu Afrika nakwamanye amazwe asezwenikazi i-Afrika. Kufanele engabe sikhuluma ukuthi siko-Ethiopia nako-Egypt kuyona yonke le minyaka ewu-43 kodwa kusabangwa isihlalo.
Enye into ebuhlungu wukuthi uma sekufikwe enkantolo eBloemfontein kobe sekufikwe kwangqingetshe. Lapho kuzobe kungasekho enye inkantolo okungayiwa kuyona. Isinqumo esizothathwa khona sizodala ukuthi kube khona abajabulayo nabakhalayo. Lokho kuqubula umbuzo wokuthi sikhohliwe yini ukuthi uNkulunkulu wakhuluma nomuntu oyedwa vo, uMphrofethi u-Isaiah Mloyiswa Mdliwamafa Shembe? Akazange aphinde avele futhi azokhuluma nomunye noma kube khona omphuphayo.
UMqaliwendlela owakwazi ukukhuluma noNkulunkulu kuphela.
Lo mbango okhona odala ukuthi abantu bazondane, bahlukanise imindeni ibuhlungu. Lapha uthola umuntu oyedwa ake sithi indoda eyinhloko ekhaya iya eBuhleni kuthi unkosikazi noma izingane ziya eThembezinhle. Angisiboni isibusiso kuleyo nto.
Ngiyathemba ukuthi umoya ongcwele kaJehova ungangena kubantu ukuze kube nokuthula. Ungene kubantu abehlukene abangasusa udweshu ngenxa yesinqumo esizovela enkantolo.
Ngiyacela futhi egameni lomndeni wakwaShembe oyigazi ukuthi kube nokuthula noma ngabe isinqumo sithini. UNkulunkulu noShembe kuphela abanesivumelwano somphongolo. Yibona abaziyo ukuthi bafunani ngaleli bandla. Asinamvume, asinamandla okulwisa lokho. Pho sibheke kuphi uma kuwukuthi yithina esimosha nesidicicela phansi umsebenzi omkhulu kangaka?
* ULandile Shembe ukhulumela umndeni wakwaShembe