MHLELI: Kusemlandweni ukuthi umholi we-Abantu Botho Congress (ABC) uMnuz Philani Mavundla nabathile, baphuma eceleni njengojosaka lapho amaqembu ayesehlele ukuketula i-ANC eyayigilwe ngabavoti, yangakwazi ukuthola izibalo ezifanele ezazingenza ibuse uMasipala waseThekwini, ingalekelelwa muntu.
Lapho wonke umuntu ayesebheke abaholi abasha balo masipala, obalwa nemikhulukazi eNingizimu Afrika, okukhululwa emasongweni enkohlakalo, uMavundla washaya ungqimphothwe, waqoma ukutakula uKhongolose, lo awayewuhlaba ewuhlikiza esakhonga ivoti.
Iningi lezakhamuzi ezingaphansi kweTheku kalikuthakaselanga okwenziwa wuMavundla kodwa lathi "hamba juba bayokuchutha phambili". Impela uKhongolose wenze okungathusi neze. Cha, kasethukile neze ngokumphosa emgodini njengoJosefa waseBhayibhelini.
Izehlo zokuqhuqhwa kukaMavundla khona zisheshile ukufika. I-ANC ivele yamvukela esiswini njengembamba, yamlahlisa okwenyongo yenyathi. Futhi okwehlele uMavundla kungaphezu kokuqhuqhwa ngamaqabane, awatakule kunzima, sekuvele kwamenza wayivukane kwezepolitiki.
Namuhla uMavundla ndini lo, obehambela phezulu noKhongolose osevele wamngqimuza phansi wawa, njengoba usekwamhlaba nje. Lokhu sekumphoqe ukuba afongqe isigqoko ayozilahla emaqenjini awakhaphela. Impela useyimfongqas'gqoko uqobo lwayo.
Abamaziyo bathi insizwa (uMavundla) inekhono lendalo uma kuya ngasekushayeni ingoma emakhaya. Kuthiwa akugagu kuyafiwa. Bengizothi kuyena, akuphelile ngaye empilweni. Usengabuyela emakhaya, abize izinsizwa, kushaywe ingoma.
Cha, ipoliki sengathi iyamphika.
Okhathazekile
ETHEKWINI