UKUKHONJWA indlela kwenxusa laseNingizimu Afrika yiMelika kuyinkomba yokujula komonakalo ebudlelwaneni phakathi kwala mazwe abengamathe nolimi phambilini.
Ngempelasonto uNgqongqoshe wezangaPhandle waseMelika, uMnuz Marco Rubio, umemezele ukuthi uMnuz Ebrahim Rasool akasadingeki eWhite House, okuyikomkhulu leMelika. Ubeke isizathu sokuthi unolimi olubi olucwasayo nolungadala uqhekeko.
Kwenzeka lokhu nje, uhulumeni waseMelika ngaphansi kwesandla sikaMengameli Donald Trump ubusuvele ungasenklamunklamu nokubambisana neNingizimu Afrika njengoba usanda kuhoxisa neminikelo ebhekela abantu abanezinhlobonhlobo zezifo kanye nokwesekwa ngemali ezinhlelweni zocwaningo ezimayelana nezempilo.
Selokhu engenile esikhundleni uTrump ubukeka ecuphe elakuleli ngazo zonke izindlela kangangokuthi wamukela izinhlaka ezeseka amaBhunu akhala ngokuthi acindezelwa yimithetho eshaywa kuleli, okukhona phakathi kwayo nethinta ukwabelana ngomhlaba ngendlela enobulungiswa. Okuningi okufafazwa yi-AfriForum neSolidarity kumbisa iMelika iqanda lenjelwane.
Futhi uTrump akakaze akufihle ukuthi akayinambithisisi iNingizimu Afrika kangangokuthi noma yini eyinzwabethi ngayo efika kuye, isikhathi esiningi esuke ingelona iqiniso, uyayemukela njengeqiniso, engabe esafuna kuchazelwa lutho okunye. Akuyona-ke imfihlo ukuthi elakuleli lazidalela amazinyo abushelelezi ngokumangalela i-Israel enkantolo yamazwe i-ICJ, libuye libe yingxenye yomfelandawonye wamazwe i-Brics kanti nomngani omkhulu kaTrump uMnuz Elon Musk ozalwa kuleli akamngani nelakuleli.
Akukho-ke ukungabaza ukuthi iNingizimu Afrika kumele ifunde ukuma nokuthola abangani abaningi abasha ngale kwesikhondlakhondla sezomnotho esiyiMelika. Okusobala ukuthi uma nje uTrump esengumengameli eWhite House, uyosebenzisa nanoma yiliphi ithuba lokubamba elakuleli ngobhongwane ukuze lidansele isigingci sakhe.