MHLELI: Ngivumele ukuba ngihalalisele uMntwana waKwaPhindangene njengoba ngo-Agasti 27, 2022, ezobe ehlanganisa iminyaka engu-94 esadla amabele.
Lesi yisibusiso uNkulunkulu asibusise ngaso ngokupha uMntwana impilo enhle nempilo ende. Namanje sisanxusa ukuba uNkulunkulu amandisele izinsuku azoziphila emhlabeni phezu kwalezi aseziphilile, aqhubeke nokuba ngunembeza wezwe lakithi ngoba kukhulu esikufunda ngaye.
UMntwana waKwaPhindangene ubambe iqhaza elikhulu emzabalazweni wenkululeko ezweni lakithi ngenkathi yengcindezelo eyayibhekiswe kubantu bakithi. Wabamba elikhulu iqhaza ukuze izwe lakithi lizuze inkululeko ngo-1994. Uma umlando ubhalwa ngaphandle kokuchema, kungasetshenziswa nzondo, uyolibalula iqhaza elabanjwa nguMntwana emzabalazweni wokukhulula leli lizwe.
Impilo yakhe iyisifundo. UShenge ungumholi oqotho, ozithobile nonenhlonipho. Ungumholi ongagudluki kulokho akholelwa kukho noma ngabe kungambiza ntengoni ukwenzenjalo. Akayena othembisa into azi kahle ukuthi angeke akwazi ukuyifeza ngoba efuna udumo lwesikhashana. Ungumholi onombono, okwazi ukusebenza nabanye abaholi futhi unekhono lokucija abaholi ukuze baqhubeke lapho egcine khona yena.
UMntwana waKwaPhindangene ukholelwa ekuthuthukiseni abesifazane njengoba abalwela ukuze banikezwe amathuba alingana nabesilisa, bengabandlululwa ngenxa yobulili babo.
Ungumholi oyisisebenzi sabantu, ukholelwa ngokuphelele ukuthi uma ungumholi usuke usebenzela abantu, akufanele uzikhukhumeze kumbe ungabalaleli abantu obaholayo. Wasifundisa ukuthi uma sesizuze inkululeko yezombusazwe kuyobe kungakaneli, kusazoqala umzabalazo wokwenza impilo yabantu bakithi ibengcono.
Ungumholi oyazisayo imfundo. Yingakho akhuluma nomngani wakhe, uMnuz Harry Oppenheimer, ukuthi amlekelele ukwakha isikhungo semfundo yamakhono esesiphenduke inyuvesi yezobuchwepheshe, iMangosuthu University of Technology eseMlaza, eThekwini.
Izizukulwane zezwe lakithi ziyohlala zizuza imfundo engcono, zilungela ukubamba iqhaza ekuthuthukiseni umnotho wezwe. Wakwenza lokhu ngenkathi izinhlangano ezazidlelana noKhongolose, zazithi inkululeko phambili, imfundo ngemuva!
Kepha yena waguqula lesi siqubulo esasifana nokuthi sizinquma thina oqhoqhoqho, wathi imfundo mayisetshenziswe njengesikhali senkululeko. Ngabe izwe lakithi likuphi manje ukuba kwalalelwa imbudane eyayishiwo yizinhlangano ezazidlelana noKhongolose ngeminyaka yawo-1980?
Sekungumlando manje ukuthi uMntwana walwa nokunswinywa kwezwe lakithi kwezomnotho, kuthiwa makusiphunwe izikhonkwane zomnotho wezwe, kufakwe unswinyo ukuze uhulumeni wobandlululo uzoguqa ngamadolo. Kodwa uMntwana waKwaPhindangene wathi umnotho wezwe kawufani nompompi wamanzi ovele uwuvule ubuye uwuvale ngokuthanda kwakho.
Njengoba isimo somnotho sisimbi kangaka ezweni lakithi, ngabe sinjani ukuba uMntwana akakhuzanga labo ababedukisa amazwe omhlaba, bethi makunswinywe izwe lakithi?
Ngikhuluma nje, iningi labantu kabaqashiwe. Intsha yezwe lakithi ihleli emakhaya neziqu zemfundo ephakeme. Lesi simo siyingozi elengela izwe, okungaholela ekutheni kube nombhedukazwe uma isimo siyekelwa sinje.
Wabuye wakhuza lapho kwakufundiswa abantu bakithi ukucekela phansi izakhiwo zikahulumeni, kuthiwa makwenziwe izwe lingabuseki. Amazwi akhe athi kuyothi noma sekuphethe uhulumeni wentando yeningi, baqhubeke nokwenza lokho. Kunjani nje manje?
Uma kuneziteleka kulinyazwa impahla, kwenziwe omkhulu umonakalo, sekwenziwa ngesikhathi sikahulumeni wentando yeningi njengoba uMntwana ayekhuzile.
Ngenkathi engungqongqoshe woMnyango wezaseKhaya ngonyaka ka-1994 kuya ku-2004, wathi akufanele kuvulwe imingcele yezwe lakithi ngoba uma kungavinjwa abakwamanye amazwe bayongena ngobuningi babo, bathathe imisebenzi yezakhamuzi zakuleli kodwa owayengumengameli, uMnuz Thabo Mbeki, akazange amgqize qakala.
Wathi noma esezama ukuphasisa umthetho-sivivinywa ozonqanda ukuthutheleka kwabantu ezweni, uMbeki wamphikisa, akabange esaqhubeka uMntwana kulokho ayethi uyakwenza. Ngabe izwe lakithi lakuvimba lokhu esikubona kwenzeka manje.
Ngenkathi engundunankulu kuhulumeni waKwaZulu, uMntwana waKwaPhindangene wahlela ukuthi ezikoleni zaKwaZulu kufundwe isifundo Ubuntu-Botho, okwakuhloswe ngaso ukufaka emiqondweni yezingane ukuthanda izwe lazo nokulisebenzela ngobuqotho.
Lesi sifundo kwakubuye kuthiwe iGood Citizenship. Izimbangi zoMntwana zathi kwakufundwa Inkatha, zinyundela lo mbono omuhle kangaka.
Izwe lakithi libhekene nezinkulu izinselelo ezaziyogwemeka ukuba uMntwana waKwaPhindangene walalelwa. Ungumholi owasifundisa ukuthi imali yabakhokhi bentela iyahlonishwa, akufanele ikhwatshaniswe. Uyayenyanya inkohlakalo.
Wasifundisa ukuthanda ubuKhosi bukaZulu abusebenzele impilo yakhe yonke. Njengoba kade sijabulile kunomcimbi weSilo uMisuzulu kaZwelithini zolo lokhu, kungenxa yemisebenzi yakhe ayekade eyenza. Uthukwe ngazo zonke izinhlamba ezishiwo nangabanye basendlunkulu uqobo kodwa wama neSilo uMisuzulu kwaze kwaba lapha sikhona manje.
Naso iSilo sishilo ngenkathi simbonga ukuthi ume naso kumnyama kubomvu, kazange asilahle. Ubeqhuba lokho engiqale ngakho ngathi uMntwana waKwaPhindangene uyama kulokho akholelwa kukho noma kungambiza ntengoni, uma kukho.
Kazi uhulumeni oholwa nguMnuz uRamaphosa uyokubona nini kumfanele uMntwana waKwaPhindangene, ukuhlonishwa nguhulumeni emveni kokusebenzela izwe lakithi impilo yakhe yonke ngobuqotho nangokwethembeka? Uhulumeni wezwe lakithi umbonge esaphila uMntwana njengoba nami ngimbonga esadla anhlamvana.
Ngithi halala, Shenge ngokuhlanganisa iminyaka engaka! Ngikufisela usuku lokuzalwa olumnandi. Siyambonga uSomandla ngokusigcinela wena. Uyisibusiso kithina esikholelwa ebuholini bakho.
Otto B Kunene
ILUNGU LESIGUNGU SIKAZWELONKE LE-IFP