UMSAMO: INGONO NENKABA
ASIKUQAPHELE konke lapho sihamba khona nxa kuthiwa unesilwane kumbe ekhaya kunesilwane esikhona okufanele sikhishwe.
Angiphiki ukuthi abantu bayayisebenzisa imithi emibi yokuthakatha, bakubelethise isilwane esiyohlale sikuhlupha impilo yakho yonke kodwa akungathi noma sekuyithongo noma idlozi elikuhluphayo bese kulokhu kuthiwa unesilwane.
Umbuzo esisuke singawubuzi uma sitshelwa lokhu ngothi sifakwe ngubani futhi silwane sini? Uma ubuza umbuzo onjalo, uvamisa ukungayitholi impendulo eqondile ngoba vele isuke ingekho leyo nto. Abantu abaningi banamaphupho okuya ocansini ngakho impendulo ivele iphume ingqasha kuthiwe unesilwane.
Ngiyaye ngithi uma ufuna ukungayi kothwasa kodwa uvuke ngakusasa usungumelaphi, mina ngingakunikeza izikhali ezingu-10 okuyothi uma umuntu engena nje emnyango umtshele zona okuyizona ezibusa kakhulu ekwelapheni kwanamhlanje. Namhlanje uthi uyohlola ube sewazi ukuthi kuzothiwani futhi nawe ukwamukele lokho ngoba usuke ubona kuyikhona ngempela. Ukuba nesilwane ngenye yezinto ezihamba phambili ngoba nawe usuke ubona ukuthi kukhona lokhu okuqeda ukudla endlini nemali engahlali.
Ngike ngaba nethwasa elalisho ngembaba kozakwabo ukuthi lona uma selisebenza, umuntu oyongena kulona liyosho noma yini. Belikusho kugcwale umlomo ukuthi abantu bakhohliswa wubala ngakho yisho noma yini ongayisho, umuntu uzokholwa. Nebala namhlanje liyasebenza ligxeka abanye abelaphi ngokuzibona lingcono kakhulu, lisebenzisa yona le nto elaliyisho kozakwabo.
Omunye umakhosi wafika ezocela ukuzohlambuluka kukhona konke akwenzayo, ethi sekufanele manje akuyeke. Wathi usedlale kakhulu ngabantu, lapho athwasa khona batshelwa ukuthi abokusho noma yini kumuntu. Uthi usekwenzile lokhu iminyaka emithathu kodwa manje useshaywa ngunembeza ngob uyayithatha imali yabo ebe azikahle kamhlophe ukuthi ngeke basizakale.
Umyeni wakhe uthi waze wathi kungcono eze eMlambomunye, azokhuluma nami ukuthi ngimgeze le nto ayithwasiswa ngoba ayikho. Wayesaba ukuthi bazoze babulawe ngabantu, babashise nomuzi. Nebala samgeza, namhlanje uyasebenza futhi uphila impilo ehlanzekile.
Kukhona labo abacasha ngengubo bangabonwa uma behlola bese kukhala ikhwela kuthiwe unabalozi, abanye bafake imfengu kumbe impempe encane ekhaleni bese ephefumula ikhale bese etolika ethi abalozi bathi. Owayekwenza lokhu eGoli, wagcina naye esephumela obala ethi kungcono ayiyeke le nto ngoba unembeza awusavumi.
Bonke laba bantu bakhomba izinto ezifanayo kubantu, akukho lutho olujulile abalubhulayo ngoba kusuke kungekho lokhu abakwenzayo. Yingakho-ke namhlanje wonke umuntu ophupha elalwa noma ecindezeleka uma elala kuthiwa unesilwane okufanale siyolahlwa. Baningi asebelahle izilwane nabo abasazi kangaki kodwa okwenzekayo kuqhubeke njalo. Omunye laze lathetha ikhehla elalimhlupha lifuna ukungeniswa ekhaya, elalifika njalo ebusuku limcindezele maqedane azibone elala nendoda. Kwathi esegeza empophomeni, lapho awa khona, lavutha ngolaka lathi usuhambe kangaka ungigeza ungibiza ngesilwane, uyongibiza ngaso namhlazane ngaziveza kuwena ukuthi ngiwubani nokuthi kwenzekani ngize, ngiza kuwena ngizocela usizo na?
Baningi-ke namhlanje asebelaphe isilwane kodwa singalapheki. Inkinga kusuke kungesona kodwa kuyidlozi eliziveza ngezindlela eziningi ezibuhlungu ngokuthi asilifundele, saliqonda ukuthi lisebenza kanjani bese sithatha lokhu okuseduze sithi umuntu unesilwane. Abathwase ngobunyanga besindawe bathwasiswa ngabantu abasazi ngqo isindawe, nababuya khona esizweni uqobo okuthiwa amaNdawe, endaweni yaseNyembane, bakubuka bakuhleke usulu uma uthi ulalwa yisilwane ngoba basuke beqonda kahle kamhlophe ukuthi udlala idlozi lomndawe.
Yingakho namhlanje abantu abaningi abathwasayo bephupha beya ocansini isikhathi esiningi ngoba kusuke kuyilona inkinga bese lingenzelwa ngendlela okuyiyona nefanelekile. Lisebenza ngocansi kakhulu ngoba liyidlozi lamanzi, elikwazi nokuhlanganisa intaba namanzi ngoba laxoshwa ekhaya ngenxa yokuphinga. Yingakho linesihluku esikhulu kumuntu uma engenwe yilona. Iningi labantu namhlanje lingenwa yileli dlozi yingakho umuntu ayaye aphuphe amanzi, inkosazane yasemanzini ayibone ngamehlo, omunye alokhu ephupha eya ocansini, okusuke kuchaza khona ukuthi ungenwe yilona. Lapho-ke alidingi ukutolikelwa kodwa lifuna nilandele ngemuva. Uyohlale ugeza-ke wena kuthiwe ugeza isilwane okuyoqanjwa amanga kuthiwe usifakwe ngubani kokunye kungashiwo kanti udlala leli dlozi.
Okunye okuvamise ukuvela njengesilwane ngumuntu owaduka ekhaya wafela ezintabeni, wangaba nathuna. Lowo muntu uyohlale ehlupha ngokuzonicindezela, kuphele wena kudla ekhaya nemali ingahlali, kugijime izinto ebusuku phezu kwendlu niphume nibethele ngoba kuthiwa kukhona okukhona kanti behlulwa ukunitshela ukuthi kukhona umuntu ofika kabi, owafela ezintabeni, odinga ukulandwa angeniswe ekhaya. Ngakho uma kuthiwa unesilwane buza imibuzo, ukuthi silwane sini, sifakwe ngubani, esesilisa noma esesifazane, kungani sivele ngocansi nangokukucindezela? Uma ungatholi mpendulo kulokho, shiya phansi.
Bhedlindaba “VVO” Ka Lu Phuzi Mkhize (PhD)
Isigodlo saseMlambomunye: School of Umsamo Wisdom
GAUTENG: 010 007 5294/5
KZN 087 11 00 555
Esigodlweni : 033- 342 3945.