I-Onwards ibhalwe nguKaren Dudley, yashicilelwa yiPenguin Random House
NGEMVA kokuvala indawo yakhe yokudlela ngo-2020, ephoqwa yisimo sokufadalala kwebhizinisi ngemva kokuhlasela kweCorona, umpheki ohlonishwayo uKaren Dudley, wabhala incwadi.
Intshisekelo yokubhala incwadi uthi wayithola othandweni lwakhe lokupheka nokunakekela abantu ngokudla.
UKaren uthe ngemva kokuvala ibhizinisi wafikelwa wugqozi lukuqobela phansi ulwazi kwezokupheka amaresiphi ahlukene ukuze banaye abantu bakwazi ukuzenzela emakhaya.
Umlobi ugxile kakhulu ekwenzeni amasosi awafaka emasaladini, ukubhaka futhi uqhutshwa wuthando lokudla kwase-Israeli nokwasePalestine.
Cishe abaningi sebeyaqala ukuhlelela amaholidi kaKhisimusi, kungakuhle babheke nesimo semali ngoba izindleko zimi ngenhla. Incwadi ingakusiza ngamaresiphi ahehayo ukuze ukhiphe unyawo ngokudla okuhlwabusayo ekhaya.