INDLELA ibhola elithandwa ngayo cishe alipheli usuku kungakhulunywanga ngalo ngoba kuningi okwenzeka khona.
Uma kungeyona eyeqembu i-Royal AM elisendalini, uthi ungena ezinkundleni zokuxhumana ubone kunabakhuluma ngokudliwa kwamathikithi abo okubheja. Babodwa nabanye abakhuluma ngezinqumo zonompempe.
NgoLwesihlanu ngiye ngizame ukuvula i-Metro FM ngiyozwa uhlelo luka-Andile Ncube phakathi kuka-6 no-7 ebusuku. Ngisuke ngifuna ukulalela uPro Philani, Nadim Lukhele noMark Haskins.
Ave bengihlekisa ngoba kukancane bevumelane ngazwi linye
Yilowo nalowo uza nombono wakhe ohlukile kokunye uzwe uNadim engathi uphakamisa umoya ngoba ekholelwa entweni ayishoyo.
Ngiyabathanda ngoba batshala imbewu nakuwe njengomlaleli yokuthi ucabange uzakhele owakho umbono ngabasuke bekhuluma ngakho.
NangoMsombuluko, ngiye ngizame ukungaphuthi ngoba ngifuna ukuzwa i-“Three wise men” okuwuyena u-Andile, Mazola Molefe nowayengunompempe uVictor Hlungwani.
Lapha basuke behlaziya okusuke kwenzeke ngempelasonto kwezemidlalo, ikakhulukazi ibhola.
UMazola uza nezindaba ezithinta okwenzeka emaqenjini nasebholeni jikelele.
UVictor yena ubheka izinqumo zonompempe. Ngike ngabona ezinswukwini ezedlule egxekwa ngokuthi uchemile uvuna noma echitha izinqumo ezisuke zithathwe wonompempe.
Naye siqu sakhe uyakusho ukuthi bengonompempe kuyenzeka babone isigameko esisodwa ngezindlela ezingafani. Akukhathalele ukuthi umthetho uthini kodwa ngoba uwusebenzisa ngento osuke uyibonile. Umthetho ungasho okuthile kodwa uma kwenzeke into oyibone ngathi ayingeni kulowo mthetho, ayisebenzi.
Ngendlela agxekwa ngayo kokunye uyabona ukuthi kudlalwa ngaye. U-Andile ngolunye usuku waze wathola owayengunompempe waphesheya ngesinqumo sephenathi eyanikwa i-Orlando Pirates ngokudlaliswa kabi kukaRele Mofokeng wuNjabulo Blom we-Kaizer Chiefs. Lo nompempe wahambisana nesinqumo sowayedlalisa owavunwa wuVictor.
Noma kunjalo, basamgxeka uVictor.
Ngisho egxekwa khona ngiyakuthanda ukuthi uyafundisa nangokuthi umthetho uthini. Ngithanda nanomfutho achaza ngawo izinto abuye ashintshe nezilimi ayivale ngokuthi Swilo Swaku Saseka.
Engikuthanda kakhulu yindlela i-SABC eluhlanganise ngayo lolu hlelo ne-Soccer Zone kwi-SABC1 ngoba okunye abangakwazi ukukuchaza ngomlomo baqhubeka nakho kwi-Soccer Zone noma okunye okusalile ngenxa yesikhathi, bakhomba abalaleli kuyona ukuthi sebeyokubamba khona.