Incwadi i-Age of Decay, ibhalwe nguShamil Ismail, yashicilelwa yi-Quickfox Publishing
UKUSEBENZELA ukuthi uzohlonishwa ngewashi uma usuqede iminyaka ethile enkampanini eyodwa, akuzisebenzeli izizukulwane zanamhlanje ezazalwa kusukela ngo-1980.
Ngokusho kukaShamil, iningi labantu abaneminyaka engaphansi kuka-45, alikuboni kusemqoka ukuzikhandla nokwethembeka enkampanini eyodwa lize liguge.
Umlobi uhlaba imigomo yohulumeni bamazwe ahlukene egunyazwa ngenhloso yokuvikela abasebenzi ukuze bafukuzele inkampani eyodwa isikhathi eside ukuze kuthuthuka umnotho.
Ekhasini 70, uShamil ubhala kanje: "Bekuthathwa njengesenzo sokuhlonipha ukusebenzela inkampani eyodwa isikhathi eside. Kepha izizukulwane zamanje amaMillenial (abazalwa phakathi kuka-1981 no-1996), namaGeneration Zen (abazalwa phakathi kuka-1997 no-2012) zinemibono ehlukene nalokho.“
Incwadi izokwethulwa ngoNovemba 23, e-Exclusive Books eSandton City.
Ziningi izincwadi ongazithola kwi-https://www.exclusivebooks.co.za