ISIHLOKO SENCWADI: Guerrillas and combative mothers: women and the armed struggle in South Africa
UMBHALI: Siphokazi Magadla
ABASHICILELI: UKZN Press
UMHLAZIYI: Mpume Nzimande
ITHOLAKALA: Exclusive Books, KZN Press
UJULILE umlando wokubunjwa nokucijwa kwabesifazane ngaphansi koMkhonto weSizwe (MK), uphiko lwamasosha e-African National Congress (ANC).
USolwazi Siphokazi Magadla, wenza ucwaningo olubanzi ngokuxoxisana nabantu besifazane ababengamasosha oMkhonto weSizwe, okumanje abanye babo baphethe ezikhungweni ezihlukene zikahulumeni.
Phakathi kwabesifazane ababengamasosha ubala u-Ayanda Dlodlo, Pumla Williams, Thenjisiwe Mtintsiso, Lindiwe Zulu, Thandi Modise, Baleka Mbete nabanye.
Ngokulandisa kukaMagadla, ziningi izingqinamba abahlangabezana nazo abesifazane ababengamasosha oMkhonto ngesikhathi besekudingisweni. Ubalula ukunakekelwa kwezempilo nenhlalo yabo. Umbhali wenza ubulungiswa ngokucaphuna kwezinye izincwadi, ezinezinkondlo nemibhalo yamasosha abesifazane beMK, lapho bezwakalisa ilaka labo ngokujoyina umbutho wempi kaKhongolose.
Ekhasini 27, enye yezinkondlo echaza umuzwa wabesifazane "Sobashiya abazali ekhaya, Saphuma sangena kwamanye amazwe, Lapho kungazi khona ubaba nomama, Salwela inkululeko"
Kusobala ukuthi abesifazane beqa kuleli ngenxa yezingqinamba ababebhekene nazo nentshisekelo yokulwela umzabalazo wenkululeko yabamnyama. Yize babengomama kepha ugqozi lokulwela inkululeko lenza bashiya izingane zabo ezinye zisancela ibele. Ekhasini 89, uMagadla ucaphuna umbhalo wesosha elashiya ingane isancela hhayi ngamabomu kepha laliqhutshwa yilukuluku lokulwela inkululeko yabamnyama.
"Ngiyakhumbula ngelinye ilanga ekuseni cishe ngo-4 ngoba kwakufanele siye ndawana thizeni. Ngaphoqeleka ukuthi ngikhumule ingane ebeleni isancela. Ngeke ngiwukhohlwe umuzwa wokuthi ngisuse ingane yame isancela futhi ingidonsa ingono yebele kepha ngibe ngazi kahle ukuthi ngeke iphinde ilincele ibele...." kubhala uBaleka Mbete.
Kuyacaca ukuthi ukujoyina umzabalazo kwakungewona umdalo wamagedi kepha kwanomyombo wokulwela izwe ukuze izizukulwane ezilandelayo ziphile impilo engcono.
Ushubile umlando oqukethwe yincwadi futhi uzokwembula amehlo ukuze ubone ukuzinikela kwabasefazane emzabalazweni wenkululeko. Yingakho kusemqoka ukwazi ukuthi inkululeko yomuntu omnyama yalwela ngabantu abaningi futhi bezinhlanga ezehlukene hhayi abesilisa bodwa. Malibongwe igama lamakhosikazi!
Ungaphuthelwa yizincwadi ezitholakala kwabakwa-UKZN Press ngesaphulelo https://www.ukznpress.co.za/