UKUQALA konyaka omusha kuhlale kuyisikhathi esehlukile futhi esenza noma ubani afise ukubuka emuva, asinge phambili bese ephume nezifiso zakhe esikhathini esisha.
Yingakho-ke ngalesi sikhathi iningi labantu liye lihlale phansi lenze izinhlelo, kungaba ezithinta imali, kokunye amasu amasha okuzithuthukisa, kwabanye kube luhlelo lokubhekana nesimo sempilo okubalwa kuso labo abasuke bezimisele ukuzivocavoca ukuze imizimba yabo ihlale ingumqemane.
Abanye njalo baqoma ukuphuma emikhubeni engemihle njengokunkintsha amankwebevu ngokwedlulele. Babodwa abathi sebezokwehlisa ekubeni amaxhwele, abanye bakhethe ukwehlisa ngakwezobumnandi kanti kunabazimisele ngokuthi benze kangcono ngasezindabeni ezinthinta ukholo lwabo. Singebashiye abahlela ukwenza okuhle kwezobudlelwano bokuthola umaqondana noma ukumcela umshado, nabazozinika ithuba lokuhlakula obekonakele emindenini.
Kanjalo nakwezemfundo nasemisebenzini, ukuqala konyaka kuba lithuba lokuzinikela kabusha kulowo mkhakha okuwo ngoba uhlose ukuba ngongcono kuwo noma uzithuthukise.
Yebo-ke iningi ligcina ngazo izethembiso nezifiso zezinhlelo, unyaka uze uyothi golokoqo kungacacile. Kodwa iqiniso lithi isiqalo noma izinyathelo ezintsha empilweni ziye zihambisane nesikhathi sokuqala konyaka kubantu abaningi.
Impilo iyaqhubeka nasenyakeni ka-2025. Kulolu shicilelo lokuqala kulo nyaka, sengathi kukho konke esikuhlelile kungaba yimpumelelo. Nokho kumqoka ukuba umuntu nomuntu aqonde ukuthi uhlelo lulodwa kalwanele, wukufingqa imikhono kusetshenzwe okuletha imiphumela eyiyo.
Sengathi lokhu kuqala konyaka kungavula ikhasi elisha, kusinike sonke ithuba lokwenza impilo yethu neyabanye ibe ngcono.