SEKUSELE amahora ambalwa ukuthi kuqale unyaka omusha, okuvame ukuba yisikhathi lapho abaningi bebonga abakucoshe onyakeni ophelayo bese beqala ukubhekisisa izinhlelo zoqalayo.
Kule ngosi sivame ukuphawula ngokwenzeka ezweni nasemhlabeni jikelele. Namuhla sizothi ukwenza okwehlukile ngokuthi le nkundla siyisebenzisele ukubonga wena, mfundi weSolezwe. Unyaka esiphuma kuwo ube nezinselelo neziga kwesinye isikhathi okuze kube nzima nakithi njengeziko lezindaba ukuthi sizobika kuphi, siyeke kuphi. Amakhasi ethu kuleli phephandaba nasezinkundleni zokuxhumana abemanaphanapha ngesihlava sobugebengu nesihluku sokubulalana kwabantu ngezizathu ezahlukene nokudlwengula, imibango yezepolitiki, inkohlakalo nokunye okuningi okunganambithisiseki.
Ngakolunye uhlangothi sihlale siqinisekisa njalo ukuthi sikulethela nokuhle okwenzekayo esizweni sakithi ngoba akukhona ukuthi sisesihogweni kuphela. Izindaba zobumnandi, ezikitazayo, ezemidlalo, abaphumelelayo, nalabo abenza umehluko emphakathini.
Kuhlale kunzima ukuthi siqinisekise ukuthi kungabi okubi kodwa okuvezwayo, kodwa senza okusemandleni. Kukho konke lokhu wena, mfundi weSolezwe, ubulokhu ukhona. Okusithokozisayo ukuthi lo mthombo wezindaba usufana nekhaya kubafundi beSolezwe ngoba uma kukhona abangakuthandi bayasho. Ziningi nezinkulumo ezakhayo esizithola kwabhalela uMhleli usuku nosuku. Kuningi nokuncoma esikucoshayo kubo abafundi bethu.
Sibonga lobu budlelwano esinabo nawe mfundi ngoba ngaphandle kwakho ngeke laba khona Isolezwe.
Sinethemba lokuthi sizoqhubeka sibe ndawonye kulo mndeni weSolezwe nasenyakeni ozoqala. Sinifisela ukuwelela onyakeni omusha okuhle nokunezibusiso nokuphepha, nempumelelo kukho konke okuhle enikuhlelayo.
Lolu wushicelelo lokugcina nonyaka kodwa nango-2025 Isolezwe lisazoqhubeka liwele umfula ugcwele. Uma kuza ezindabeni ezithinta wena mfundi weSolezwe, singakuqinisekisa ukuthi umthombo ongashi lo.