AMALUNGU ePhalamende apheke uNgqongqoshe wezokuVikela, uNkk Angie Motshekga, ngebhodwe elincane, embuza ngokufa kwamasosha akuleli abhubhele e-Democratic Republic of Congo #DRC #SANDF
Amalungu ekomiti elibhekele ukusebenza komnyango ePhalamende axine uNkk Motshekga noMkhuzi woMbutho wezokuVikela, uRudzwani Maphwanya, ngemibuzo ngesikhathi bevele ePhalamende izolo.
Kusanda kushona amasosha akuleli angu-14 e-DRC.
Amalungu ekomiti afune ukwazi ukuthi kungani amasosha ejutshwe e-DRC nokuthi anazo yini izikhali ezanele ukubhekana neqembu lamavukelambuso i-M23.
Ilungu le-IFP, Inkosi Russel Nsikayezwe Cebekhulu, lifune ukwazi ukuthi kuzokwenzekani emasosheni akuleli asinda ngesikhathi kubhubha ozakwabo.
“Ngabe azobuya la masosha? Uma kuwukuthi asazoqhubeka ahlale, yini azoyihlalela laphaya ikakhulukazi emva kwale nto embi kangaka esanda kwehla?”
Ilungu le-MK, uNkk Mabel Rweqana, libuze ukuthi yini inhloso yokujutshwa kwamasosha akuleli e-DRC.
“Sitshelwa ukuthi amasosha ethu ayogcina ukuthula e-DRC kodwa siwabona eselwa namanye amasosha. Yini lena abayoyivikela e-DRC? Nihlezi nisitshela ukuthi ayikho imali uma kufuneka ukuthi kuthuthukiswe abantu kodwa ninayo imali yokuthumela amasosha ukuba ayovikela izimayini.”
Ilungu le-FF Plus, uNksz Tamarin Breedt, libuze ukuthi kuyiqiniso yini ukuthi amasosha akuleli ajutshwa e-DRC ngenxa yokuthi uMengameli Cyril Ramaphosa, noma abantu asondelene nabo bayahlomula ezimayini ezise-DRC?
UNksz Breedt ufune nokwazi ukuthi ngabe amasosha alimala ayaluthola yini usizo olwanele lwezempilo.
UNkk Motshekga uthe akusilona iqiniso ukuthi amasosha ajutshwa e-DRC ngenxa yokuthi uRamaphosa noma asondelene nabo bayahlomula ezimayini.
UNkk Motshekga uthe isinqumo sokujuba amasosha sathathwa emhlanganweni wamazwe ase-Afrika eseNingizimu.
“Ufuna ukungitshela ukuthi omengameli bamazwe angu-15 bahlangana, bathatha isinqumo sokujuba amasosha ngoba benzela la bantu okuthiwa bahlomula ezimayini? Le nto ngiyibona iwukubukela phansi omengameli bakwamanye amazwe.”
UNkk Motshekga uthe ukushona kwamasosha e-DRC akufanele kufake itwetwe kubantu bakuleli, wathi izwe lisaphephile.
Izidumbu zamasosha ashonele e-DRC zizolethwa kuleli namhlanje.