INJABULO ibibhalwe ebusweni kwizitshudeni ezizokwenza unyaka wokuqala enyuvesi yezobuchwepheshe i-DUT, ngesikhathi zamukelwa ngokusemthethweni izolo emcimbini obusenkundleni yezemidlalo, iCurries Fountain.
Lo mcimbi ubuhanjelwe yiPhini likaShansela futhi onguthishanhloko wenyuvesi, uSolwazi Thandwa Mthembu. Izitshudeni zifungiswe ngokusemthethweni ukuthi zizoziphatha kahle, zithobele imithetho yenyuvesi.
Edlulisa inkulumo ebeyibhekise kubafundi, uMthembu ubonge abazali ngokwenza isiqiniseko sokuthi izingane ziyafinyelela emfundweni ephakeme.
“Indima edlalwe abazali ngokweseka izingane ibe nomthelela omkhulu okuyiyo eyenze beze bafike kulesi sigaba. Ngiyanibongela ngokuphothula imfundo eyisisekelo engingangabazi ukuthi ibingelula kakhulu,” kusho usolwazi.
Uthe izitshudeni zikhethe ukutshala esivandeni esivundile ngokuzofunda kulesi sikhungo.
“Angingabazi ukuthi lesi senzo sizonithatha sinibeke ezingeni lempilo engcono noma ngabe kunezingqinamba imiphakathi yethu ehlangabezana nazo. Nizoba nempilo engcono ngenxa yemfundo enizoyithola kule nyuvesi.
“Ngokomlando le nyuvesi ibidume ngokuthi iba nemibhikisho kunazo zonke izikhungo ezikhona eNingizimu Afrika. Kuleyo minyaka wawuthola umengameli wesigungu sezitshudeni esichapha ngenhlamba kodwa lokho kuhambe, kwahamba kwashintsha kule minyaka edlule,” usho kanje.
Uthe njengoba bamukela ngokusemthethweni izitshudeni ezizokwenza unyaka wokuqala kule nyuvesi, bebechazela ngezinsiza abangazithola enyuvesi ukuze impilo iphelele kuzo zonke izidingo zabo ezikhona.
Uthe ngeke bagxile kuphela ekufundeni kodwa bazoqinisekisa ukuthi inhlalakahle yezitshudeni iyaxhaseka ngokufanele.
Isitshudeni uSbongokuhle Zulu, esidabuka KwaNongoma esizofunda i-Information and Communication Technology (ICT), sithe into esilethe kulesi sikhungo yingoba sikhiqiza abafundi abasezingeni.
“Lesi sikhungo singezinye esikhiqiza abafundi abaqeqeshwe ngokusezingeni eliphezulu futhi lokho kuyabonakala ngesibalo sabafundi abasezinkampanini ezinkulu ukuthi benza umsebenzi oncomekayo. Le nyuvesi ngiyibone isebenza kangcono ngoba ngifunda ngomlando esiwenzile, siqhubeke senze omunye,” kusho uZulu.
UNksz Neo Magomeni, oqhamuka esifundeni saseLimpopo, uzokwenza izifundo zeBachelor of Technology kwi-Chemical Engineering, uthe wamukelwe kahle kulesi sikhungo sezobuchwepheshe futhi uyathemba ukuthi izifundo zakhe zizohamba kahle.