KUSUKELA kuJanuwari isikhungo sethu esisithandayo, iNyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN), singundabamlonyeni, hhayi ngenxa yomlando omuhle wamagalelo okufundisa kodwa ngenxa yokuba yinkundla yodlame nezinxushunxushu. Kumanje umonakalo empahleni ulinganiselwa kuR31 million. Uhlelo lokufunda luphazamisekile.
Lezi zenzo zodlame nezokucekela phansi impahla emabaleni enyuvesi nokwesabisa ziyanyanyeka futhi siyazigxeka. Sinxusa abenzi baloku ukuthi bayiyeke le nto. Udlame alusona isixazululo kulezi zinselelo esibhekene nazo. Sizikhathalele ngempela izitshudeni ezinezinselelo zemali kanti senza konke okusemandleni ukusiza lezo zitshudeni ukuthi zibhalise.
Yingakho sisabela ekhweleni labaphathi benyuvesi, sanikela ngoR1 million ku-15% odingekayo emalini yokubhalisa izitshudeni. Sinxusa leli qeqebana ukuthi nalo lenze njalo.
Abaholi bezitshudeni nabaphathi benyuvesi kufanele banconywe ngokuloku bazisa zonke izinhlaka ukuthi kwenzekani nangokunxusa bonke abalingani ukuthi baphose esivivaneni ngezinkinga zemali yezikweletu zezitshudeni ezindala nemali yokubhalisa.
Kuningi okwenzekayo kulolu dlame esikhungweni esasifunda kusona. Abanye baphatha indaba yokuthi, njengakwezinye izikhungo, lokhu sekuyibhola lezombusazwe. Uma wesekwa yizitshudeni kusho ukuthi uzowina ukhetho lwango-2021 loHulumeni baseKhaya.
Kubukeka sengathi kukhona iqeqebana elifuna ukuthatha amatomu okulawula imali yesikhungo. Kodwa okukhulu kakhulu wukuthi abantu abahamba enyuvesi ngendlela engabonakali nabaphuma ngesamagundane sengathi bangene ngebhaxa lezinkinga ezikhona, bafuna ukukhuza ibuya.
Inkinga ngamaqembu asanda kusungulwa ezimeni ezinje wukuthi avame ukufeza izidingo ezithile, imvamisa okungezosomathuba, esikhundleni sokuthi aqhamuke nesixazululo.
Izinhlelo ezinje njalo kuba ngezokuthi kuhlomule abantu abangaphakathi noma abangaphandle enyuvesi abanamagqubu noma abanezinhloso zabo.
Isibonelo nje yi-UKZN Education Committee esanda kusungulwa. Sibalula yona njengesibonelo ukukhombisa lokhu esikushoyo ngoba ayizifihlile, iyaziwa.
Laba ngabaholi, abanye abaziwayo abanye kabaziwa, bemiphakathi ethile abafafaza uhla lwezimfuno emphakathini kodwa inkinga wukuthi abakaze baphumele obala baxoxisane nenyuvesi futhi inyuvesi kayibazi.
Leli komiti kuWhatsApp walo linezifundiswa eziqashwe yinyuvesi.
Kepha okugqamayo wukuthi kuleli qembu kugcwele kakhulu amandiya. Lokhu kuyinkinga. Kusho ukuthi lezi zifundiswa zifuna izisombululo zangaphandle, indlu yazo ibe isha.
Okunye okudunge amanzi kakhulu yingenkathi omunye okuthiwa ungelinye ilungu lesigungu esiphezulu saleli komiti enquma ukuthi njengoba ayefundisa kulesi sikhungo, uzokhipha umehlokaboni kaR10 000 ukuze kubanjwe umbhikishi oshaye isifundiswa esihlonishwayo, uSolwazi Erwin Brüning. Yini inhloso yalo muntu ngalesi senzo sakhe?
USolwazi, oyisibabuli seMathematics, uthandwa kakhulu. Akekho umuntu osile emabaleni esikhungo nangaphandle ongavuma isenzo esinje kanti inyuvesi ilandele yonke imigudu ukusiza amaphoyisa.
Okubi wukuthi le video isisabalele emphakathini, nosekuphazamise uphenyo lwamaphoyisa.
Lowo mklomelo, oqhamuka nabazibiza nge-UKZN Education Crisis Committee, bengaxhumananga nenyuvesi, ubhebhezela uhlevane.
Le nto ebucayi idinga ukuyekelwa ezandleni zomthetho nabo bonke abomthetho kanti yibona okufanele bakhiphe umehlokaboni.
Ngokufuna ukubukwa ezindabeni, ukuqhakambisa leli qeqebana kwenza umuntu azibuze ukuthi yini inhloso yalo?
Esifisa ukukwazi kuleli komiti, elibukeka lifisa “ukuhlenga i-UKZN”, wukuthi lalithuleleni ngesikhathi kunezinkinga esikoleni sezobudokotela ngenkathi izitshudeni zamandiya zibhaliswa njengabantu bomdabu? Lathini kubulawa isitshudeni sesifazane somdabu emabaleni asenyuvesi? Laphosani esivivaneni ngenkathi izitshudeni ezidinga usizo zicela usizo lwabafundi ababefunda enyuvesi kudala nakuleli sonto ngenkathi uMphathinyuvesi ehlaba ikhwelo losizo lwemali?
Siphila lapho indaba yobuhlanga inkulu khona. Kungabe senza okubi njengaleli qeqebana uma singavikela izidingo zeqeqebana kodwa singazinaki ezabanye noma ezenyuvesi yonke?
Asidedele abaholi benyuvesi yethu nabaholi bezitshudeni ukuthi baxazulule le nkinga. Abaphathi benyuvesi sebevume izinto ezinkulu eziningi kuze kube manje kanti nabaholi bezitshudeni kufanele babone ukuthi ngeke kuvunywe zonke izimfuno zabo, ikakhulukazi lezo ezizowisa isikhungo ngokwemali nokuphathwa kwaso.
* Lona ngumbono wesiGungu esiPhezulu seConvocation sase-UKZN siholwa wuMengameli waso uFanle Sibisi.