AYIKHO into eyokhulula umuntu omnyama ngaphandle kokuba izinhlaka ezikhona zigqugquzele kumbe zifundise isintu namasiko alahlekayo.
Uma sisalokhu siqhubeka nokuphila, abantu bezala, izingane zanda, lesi sibalo sokukhula kwesizwe sandisa abantu abayohlale belahlekile.
Akekho umuntu ongafuni ukuthi uma esemdala agane, aganwe abe nezingane nomuzi wakhe, aphile kahle. Inkinga enkulu iqala lapho sekufanele kwenziwe izinto ezithinta lokho kuphila njengokuthenga umuzi, ukuwakha, bese kuthiwa kungeniswa abantu abadala.
Baningi abaziyo ukuthi uma uthenge umuzi kumbe uwakhile kufanele ungenise abantu abadala kulowo muzi. Kodwa inkinga enkulu ngulwazi olwalahleka lokuthi lokhu kwenziwa kanjani? Kwenziwe ngubani, okugcina sekwenza kungenelele abakhohlisi abathi bazokwenzela ngoba nabo bengazi, kokunye bazi kahle kodwa ngenxa yemali, bathi bazokwenzela.
Sekukaningi eMlambomunye kufike umuntu ezobuza into encane, ukuthi abantu abadala balandwa kanjani? Abanye bathi sebebangenise ngaphezulu kokuhlanu, abanye bathi kuthiwa abekho, baphuma bangaphandle. Uma ubuza kumuntu ukuthi ngubani owabangenisela abantu abadala, kuqhamuke impendulo ethi ngumthandazi, umelaphi noma ngowasesontweni akhonza kulona.
Abanye babika ukuthi uma bephuma beyobheka izinto ezonakele ekhaya kuthiwe abantu abadala abekho, uma bethi babangenisa, kuthiwe abangenanga. Uma bebuza ukuthi sizo luni abazoluthola, umelaphi azikhombe yena, athi uzobenzela. Okubuhlungu kakhulu ukuthola umuzi wakini enizalelwe nakhulela kuwona, sekuthiwa ngenisani abantu abadala ngoba kabangeniswangwa, okuyinhlamba enkulu.
Uma sebengeniswa kuningi nakhona okwenziwayo okuliphutha. Kukhona abathi babalanda entabeni, abanye babalande olwandle, abanye emathuneni, ugcine ungasazi ukuthi yikhona kuphi ngempela. Nakhona balandwa benzelwe nguyena umelaphi ongumthandazi, kokunye owasesontweni, okunye ugobela. Kuyokuthi sekwenziwe konke lokhu, izinkinga ziqale phansi kunakuqala.
Kufanele sazi ukuthi abantu abadala bangeniswa kanjani nokuthi umuzi ubikwa kanjani. Okufanele sikusho okokuqala; ukuthi ukungeniswa kwabantu abadala akukaze kwenziwe ngumuntu okungesiye wasekhaya. Angiyiphathi-ke eyomthandazi, isangoma noma owasesontweni, kabalinge basondele.
Ngamafuphi, angikwazi ukuyothinta into yakwaDlamini ngibe ngingowakwaMkhize. Ukungenisa abadala kumbe ukubika umuzi kwenziwa ngabasekhaya ngendlela yesintu eyenziwayo nokungafanele kugudlukwe kuyona.
Ake sithi usuthenge umuzi kumbe uwakhile, lowo muzi uma ubaba esekhona esadla anhlamvana, nguyena okufanele akungenisele abantu abadala ngoba lowo muzi ngowakhe.
Lapha uma bengiswa; kuhlatshwa imbuzi ekhaya elikhulu, abike ubaba ukuthi wozani nina bakobani sihambeni ngiyoningenisa emzini wendodana noma wendodakazi. Kuleyo mbuzi sekuzothathwa umkhono wangakwesokudla uma ubaba nomama begcagcile, kusongwe ngesikhumba.
Kube sekuyiwa emzini omusha okuzofike lo mkhono ubekwe emsamo, bese kulandwa imbuzi okuyiyona abangeniswa ngayo. Le mbuzi eyokubangenisa kuphela, akukabi isithebe sabo sokudla. Sekuyokuthi kamuva, bese kugingqwa inkomo okuyiyona esibanikeza isithebe sebezinzile. Ngamafuphi, ukubika umuzi kwenziwa ngenkomo okuyisithebe sabanikazi bomuzi okungamakhehla nezalukazi.
Uma ungumuntu ongumlanjwana, lokhu ukwenzelwa ngumuntu ongumalume, indlela nakhona iyefana ncamashi, ngaphandle kokuthi umkhono owuthathayo njengomlanjwana owangakwesobunxele.
Kwehlukile-ke uma ngabe kungukuthi ulanda inxiwa kumbe usuyashiya umuzi obuhlala kuwona ngezizathu zokuthengisa noma zokushintsha indawo, sewuya kwenye.
Uma ulanda noma uthatha inxiwa uyabika kwabadala ukuthi uzohamba uyolanda inxiwa uma selashiywa kudala. Lapho uphatha utshwala besiZulu ngokhamba. Ufike khona lapho kwabe kuyintuba yokungena uguqe nokhamba, ubike ukuthi uzolanda inxiwa nakho konke okwakukulona. Ube usungena uye emakhoneni womane, uye nalapho kwabe kuyisibaya khona, naphakathi nengceke. Uthatha umhlabathi kancane kuzona zonke lezi zindawo, ufake endwangwini emhlophe oyiphethe bese uphuma-ke uhamba nakho.
Uzofike ekhaya uma usungena ngesango kulapho uzobika uthi “asingeneni nina bakobani”, uqonde emsamo bese ufike ubeke lokhu ukwendlale phansi. Usuthatha imbuzi kube iyona osubika ngayo ukuthi nakhu enxiweni elisha.
Lokhu kwenza kuyefana nalapho usuke usuthengisa kumbe usuka endaweni obuhlala kuyona, nakhona wenzenjalo ngaphambi kokuba uhambe kodwa umehluko lapha ngoba usuke usekhona kulowo muzi. Uyabika ukuthi usuyahamba ngakho abahambe phambili bona bayongena emzini omusha asebekuphe wona.
Lokhu ikhona okugwema ukulokhu uphupha njalo usenxiweni noma emzini omdala ngisho sewahamba iminyaka khona. Kusuke kuchaza ukuthi abadala bonke nengcebo yakini kusele khona laphaya ekhaya elidala.
Ngokulahleka kolwazi, namhlanje sesiyaye sibone abantu kuthiwa benzelwa ngumelaphi thizeni, nakhona kuthiwe bayomenyezwa esangweni, emoyeni, noma entabeni noma olwandle. Abanye bathi bayokubalanda emathuneni.
Uma amanxiwa engasaziwa, ongakwenza ukuba nibike emsamo nicele basondele nakhu lapho senikhona, nebala kuyokwenzeka nilokhu nibona abantu ngaphandle kwesango kumbe umuntu oyedwa ikhehla noma isalukazi. Kulapho-ke seningaya esangweni niyokubalanda khona.
Okunye esingakunaki isilwane imvukuzane. Uma ilokhu ivukuza ekhaya, kufanele sibheke ukuthi iqhamuka ngalaphi, iya ngaphi, kulapho-ke sibona khona ukuthi bakhona badinga ukungeniswa ngokuthathwa kuphi.
Ukugcizelela; abantu abadala awubangeniselwa umelaphi, umthandazi, owenkonzo kodwa uzenzela wena ngokusebenzisa owakini noma wesibongo-fanana. Abantu abasahambe bethi bangenisela abantu izidalwa babalandise zona, uphawu lolo lokukhohlisa abantu ngenhloso yokungabafundisi okuyikhona, nokungazi, okuboshwe ifindo lendlala nemali.
Bhedlindaba ‘VVO’ ka Lu Phuzi Mkhize (PhD)
Isigodlo saseMlambomunye: School of Umsamo Wisdom
Gauteng: 010 007 5294/5
KZN: 087 11 00 555
Esigodlweni: 033 342 3945