MHLELI kwelakho ngicela ungiphe isikhala ngisike elijikayo ngenye yezinkulumo zikaSolwazi uJabulani Maphalala ezike zashicilelwa ephawula ngesikhundla sondunankulu bakaZulu namasekela.
Angiqale ngokuhalalisela uMfundisi Thulasizwe Buthelezi okhonjwe ngumunwe omkhulu ukuvala isikhala sobundunankulu esavuleka ngokukhothama kweNkosi Mangosuthu Buthelezi, ebisiphathe isikhundla ngenkulu impumelelo iminyaka engu-70.
Siyakubongela Shenge, Sowalisa, Manandingamondi nakuba besisikhulu isihlangu abesiphethe ongena kuso kodwa ngokuthi ubusondelene npMntwana waKwaPhindangene sinethemba ukuthi kuningi okufundile.
USolwazi uNgiba ephawula ngokuqokwa kwesekela likandunankulu uveze ukuthi madala amasekela kulesi sikhundla. Ubavezile ondunankulu kusuka eSilweni Ilembe namasekela abo.
Impela akuqali kodwa ngicela ukulungisa okuthile. UMdlaka kaNcindi waseMgazini, akakaze abe wundunankulu kodwa wayeyinduna enkulu yempi yeSilo uShaka futhi engumdidiyeli jikelele wamabutho.
Bese kuthi uNgomane kaMqomboyi (Iklolode laseZisayini) waseMdletsheni, uNgiba athi wayelisekela, qha akunjalo. Wuyena owayenguNdunankulu uqobo hhayi isekela. Lo msebenzi wawuqala eseKwaMthethwa lapho ahlangana khona neLembe lisenguMntwana, waze wazowenza esekhonze kulo kwaZulu.
Kanjalo noNzobo athe wayesekela uNdlela, qha akunjalo kodwa uNzobo noNdlela babelekelelana ekubeni yizinduna zesigodlo sesilo uDingane saseMgungundlovu. Esobudunankulu wayesibambe yedwa okaSompisi.
Kanjalo neNkosi uMnyamana akukhumbuleki isekela iNkosi uMasiphula kodwa ngesikhathi seSilo uMpande okaNgqengelele wayeyisikhulu sombuso futhi ewuyise wabaNtwana benkosi, okuyisikhundla asinikezwa yiyo iMbube yaKwaNodwengu.
EsobuNdunankulu usithole eSilweni uCetshwayo sekukhotheme iNkosi uMasiphula kaMamba waseMgazini.
USolwazi uqinisile impela ukuthi akuqali manje ukuba undunankulu abe nesekela. ISilo uMqwalajuba ngonyaka ka-1925 eShowe sihanjelwe nguPrince Edward wasebukhosini bamaNgisi, samemezela ukuthi uNdunakulu waso nesizwe sikaZulu sekuyiNkosi uMathole Buthelezi, ozala undunankulu olandelwe yilona omusha ceke.
ISilo saqhubeka sathi isekela lakhe okaTshanibezwe kuzoba yiNkosi uMkhombisa (uSibhebhedlana vuka udle amadoda) kaDumezweni wakwaBiyela oBuka.
Nakuba sonke besibheke ukuba lesi khundla siphindele KwaPhindangene kodwa-ke isiZulu sithi inkosi wumlomo ongathethi manga, usekhulumile omdala.
Sengiphetha ngizothanda ukulungisa labo abakhala ngokuthi undunankulu omusha uzowangamela kanjani amakhosi. Impendulo ithi uzowangamela ngokwesikundla asinikiwe, okwesibili awukho umthetho othi lesi sikhundla siphathwa yinkosi kuphela.
Ngenhla ngibhale ngoNdunankulu uNgomane, owayengesiyona inkosi. UNdlela wakwaNtuli wayengowenzela iSilo uDingane, wayengesiyona inkosi.
UMankulumana kaSomapunga Ndwandwe, owayenza lo msebenzi eSilweni uDinuzulu nakuMqwalajuba (iSilo uSolomon Maphukuzuzulu) wayengesiyona inkosi.
USifalane Sibiya owalandelwa yiNkosi Mangosuthu wayengesiyona inkosi. Labo abacokofula undunankulu neSilo ezinkundleni zokuxhumana abakuyeke lokho ngoba kuyenyanyisa.
Senzo Maswidi kaKhakhayi Mbatha
KWASANGUYE