MHLELI: Senginesikhathi ngilalela izinkulumo zikaMnuz Julius Malema. Nginesikhathi futhi ngibuka ukwenza kwakhe. Ngiyaye ngizibuze ukuthi ngempela ngabe uyinhloboni yomholi?
Uma umuntu engumholi kuthathwa ngokuthi unomqondo ophusile. Uma engumholi uthathwa ngokuthi ungumuntu onobuhlakani. Umholi akakhulumi noma yikanjani sengathi akacabangi. UMalema unabalandeli abamthandayo futhi zinhle izimfuno zakhe ngoba uzifunela abantu kodwa indlela abeka ngayo inkulumo, iyanhlanhlatha. Thina bantu abamnyama sikhululiswe ngenhlonipho yokwazisa umuntu omdala. Ngisho kuthiwa umuntu omdala unephutha kodwa awumane umhlambalaze sengathi untanga yenu. Kubukeka sengathi uMalema akanalwazi ngokuhlonipha abantu abadala. Uyabahlamblaza abantu abadala bese kuyahlekwa futhi kushaywe ihlombe. Simbonile ehlambalaza uMnuz uThabo Mbheki, ngesikhathi esasingatha uNxamalala (uMnuz Jacob Zuma). Kwakunanela inhlokomo ngendlela ayahlambalazaa ngayo.
Kuthe kusenjalo wahlambalaza uMntwana waKwaphindangene, inkosi uMangosuthu Buthelezi. Kwahlekwa kwakuhle kwadela. Omunye uzothi waxolisa kubo bobabili abaholi. Uxolo lwakhe ngibuye ngingaluboni. Ngisho ngoba ngemva kwesikhashana ubuye abe nendelelo. Kuyadabukisa kakhulu okukaNxamalala ngoba yilapho ayedlalela khona. Cabanga ingane ibiza umuntu omdala ngesela nangesigebengu. Kepha uMalema wahamba wayophuza itiye kwaNxamalala. Ngingazi noma kwakuyikho ukuyoxolisa. Uze axolise kubantu abadala nje, usuke ebahlambalazelani ngempela?
Umhlaba wonke ubulila ngokukhothama kweNdlovukazi yamaNgisi u-Elizabeth ll, ngoSepthemba 8, nonyaka. Iningi labaholi bomhlaba lathumela amazwi enduduzo eNdlunkulu yamaNgisi. Nangu uMalema wezimanga, esebhala amahlazo ekhasini lakhe letwitter, egiya ngokwedlula kwendlovukazi. Uma ungambuza ukuthi yamenzani indlovukazi? Ngeke aphendule. Thina bantu base-Afrika, isifo siyasihlonipha futhi sisinika isizotha esifanele. Phezu kwakho konke, asimhleki oshenelwe, ngisho kuthiwa bekuyisitha sakho. Uma esalandulele leli, akabe esabanjelwa izwi kepha uMalema wayehleka amaNgisi, ngesikhathi sobunzima.
Akagcinanga lapho uMalema wathi eNingizimu ne-Afrika, sekusele oyedwa osemdala. Okusho ukuthi lowo osasele umfisela ukuthi akagoduke. Yena lowo amshoyo angambizanga ngegama, wenzeni? Ngabe uMalema uyazi ukuthi ukufa kudla fumuka kudle silaza? Uyazi ukuthi lowo amfisela ukuba ashone angaphila kepha kungadlula uMalema kuqala? Uyakhohlwa ukuthi kunesisho esithi ukudlula komuntu osekhulilwe ukusha komthombo wolwazi? Phela umuntu osekhulile usuke eseyinqolobane yolwazi okumele ukuba kuncelwe kuyona. Ngiyaxakeka ukuthi bunjani ubuholi bukaMalema? Liyangixaka neqembu aliholayo i-EFF ngoba liqaqelwe yizifundiswa ezimbalwa, okuhlanganisa uDkt Mbuyiseni Ndlozi, u-Advocate Mpofu, uMnuz Flody Shivambu nabanye.
Kanti izifundiswa azimbonisi yini umholi wazo ukuthi afunde ukukhuluma nokuhlonipha abantu abadala? Empeleni uMalema wakha isizwe esingenanhlonipho ikakhulu kulabo abamlandelayo. Uma kusasa kuthiwa uba ngumongameli wezwe ngabe angaba yinhloboni yomholi?
Yisemkhulu Nzimande
EPORT SHEPSTONE