ANGILWI kodwa iqiniso lithi kunzima ukuqeda inkohlakalo kuhulumeni ngenxa yendlela esetshenziswayo ukuwulawula. Kuneminyaka emihlanu ababekelwe yona uma bengena emandleni, ngabe ungungqongqoshe, ikhansela, izikhulu eziphezulu emnyangweni.
Sibonile iningi lezimeya nabaholi abaqavile belahlekelwa yimisebenzi ngemuva kweminyaka emihlanu. Bangena ehlazweni lenhlupheko ekubeni umuntu ubesefike qathatha, emandleni. Iningi lalabo abaqotho liphenduka inhlekisa.
Akubuzwa ukuthi uma wenza imisebenzi kahulumeni uphila impilo ephezulu, ehambisana nomholo wakhona. Isibonelo, ugcina uhlala ezindaweni zabadla izambane likapondo.
Uma kuphela inkontilela yeminyaka emihlanu, kwenzeke ungawutholi umsebenzi omusha, ugcina sewubuyela elokishini, nezingane uzikhipha ezikoleni zomntakabani. Kuba sengathi impilo iqala phansi kuwena. Lokhu kudalwa wukuthi ubeqotho ngesikhathi sakho uphethe iminyaka emihlanu.
Sibabonile ongqongqoshe belahlekelwa yimisebenzi ngemuva kwezingqungquthela zokukhetha ubuholi, ikakhulu enhlanganweni ebusayo. Abaningi babuka impilo yakho isidabukisa uma usuxoshiwe. Kuthi uma bengena ezikhundleni babone ithuba lokudla kumbe lokuntshontsha, bakhohlwe yizethembiso abazenza ngesikhathi bekhankasela ukukhethwa. Okunye okudala lenkohlakalo, enuka phu, ingcindezi yokuthi ngesikhathi usesikhundleni kufanele ukhokhele izindleko zempilo, njengomuzi, izimoto, imfundo yezingane nokunye.
Elinye ichilo eliholela enkohlakalweni ukuthi ngesikhathi usopolitiki ekhankasela isikhundla, kusondela izimpisi eduze kwakhe zimxhase ngakho konke. Zibe nombandela wokuthi uma esephethe, angazikhohlwa embusweni wakhe, zisuke zilindele imibengo yazo. Uma ingaqhamuki leyo mbengo engena esikhundleni, esathalalisa, ujojwa ngezingcingo, kuphakame imimoya kucace ukuthi kuzophuma isidumbu. Leso sikhulu sigcina sizibophezela entweni esiyaziyo ukuthi iphambene nomthetho, sikhalelwe amasongo kaSigonyela, uma sineshwa.
Lapho izidingo zabantu abezithembisa ngesikhathi somkhankaso, ayibe isakhulunywa. Usuke ephansi phezulu nezimpisi zakhe, bebamba imihlangano ebusuku emahhotela aphambili, ngenhloso yokusikelana imibengo ngemali yabakhokhi bentela abayisebenzele kanzima.
Lokhu kuveza ukujula kwenkohlakalo ezweni nokuthi ayilula ukuthi iphele, uma kusasetshenziswa iminyaka emihlanu. Kuba ngcono komengameli ngoba uma sebephumile, bayaqhubeka nokuhola nabaqaphi babo basuke besekhona nemihlomulo. Uma kungathiwa umengameli uyantshontsha ngabe uyena ozigangelayo kodwa ngokwami asikho isidingo sokweba ngoba kusuke kuhleliwe ukuphuma kwakhe.
Abaningi babona ukuntshontsha njengento ephoqelekile uma ukulezi zikhundla ngoba besabela inhlupheko eza nokuphuma esikhundleni. Phela iqiniso ukuthi ulala namhlanje ungungqongqoshe, uvuke usuyindoda nje eyejwayelekile emphakathini. Igama likaMhlonishwa selingasasebenzi sewubizwa ngelakho, asisasukumi noma ungena, kwasicabha awusavulelwa.
Ukukhathazeka kwami kusala nabakhokhi bentela okuyibo abagcina besele dengwane ngenxa yabantu abanomhobholo nabacabangela izisu zabo.
Ngokubona kwami idinga ukubuyekezwa iminyaka emihlanu ngoba abanye abaholi bayazicebisa ngoba becabangela ikusasa ngemva kwezinkontileka zabo. Kunzima ukuthi iphele inkohlakalo eNingizimu Afrika, lokhu kudalwa nayinqubomgomo esetshenziswa ezweni.